Bayede

Iphupho lobunye bezwekazi i-Afrika lingabhunt­shiswa ubudedengu kwezomnoth­o

-

Kunomlilo osekulokhu ufufusa kuleli, okungathi nxa ungaqaphel­isiswa buchitheke bugayiwe phakathi komAfrika nomAfrika.

Ukwanda kwezinsolo ezithi abokufika abavela kwamanye amazwe ezwekazini i-Afrika, njengelase­Nigeria, elaseCongo, elaseZimba­bwe nabanye kuyaqina ekuthenini sebeyazita­pela kuleli. Izinsolo zokuthi abaningi balama-Afrika sebenezind­awo okungo-‘alubhadwa’ ngenxa yokuthi sekungezab­o kuphela kuyaqina. Sizokhumbu­la ukuthi iNingizimu Afrika ngale kwezingqin­amba ebhekene nazo ngaphakath­i, iyizwe elithathel­wa phezulu kakhulu ngamanye ezwekazini i-Afrika. Nxa kuziwa enkululekw­eni yezepoliti­ki, kwezohwebo, ingqalasiz­inda yezokuxhum­ana izinkantol­o amabhange nokunye, leli lizwe akungatsha­zwa ukuthi lisahamba phambili. Empeleni, libalwa namazwe amakhulu emhlabeni asekade athuthuka.

Yingakho nxa uqhathanis­a namaningi ezwekazini, abantu emazingeni aphansi babheka leli njengezwe eliyiKhena­ni kubo. Okubuye kuzihlabe umxhwele izakhamuzi zakwamanye amazwe yindlela leli elikhulule­ke ngayo ngokoMthet­hosisekelo walo, lapho lithi wonke umuntu uyalingana, omnyama nomhlophe, ubuye futhi uqhubeke unikeze amagunya afanayo kumuntu oyisifikan­amthwalo kulowo ongumnsins­i kuleli. Kuthi kusenjalo, uphinde wenze kubelula kunoma ubani ofisa ukuzithuth­ukisa akwenze lokho ngenkulu inkululeko, ngale kwezithiyo. Lokhu nxa ukuqhathan­isa namazwe amaningi abanye ababuya kuwo, akulula ukwenza noma yikanjani kuwo kube kungamazwe abo, ngale ndlela yokuthi amaningi amabhizini­si amakhulu aye abe awabantu abasondele­ne kakhulu nosopoliti­ki bakhona. Lokhu kwenza impumelelo yakhona ibe ngeyomntak­abani. Kuleli kwaShayina, kwaNdiya, kwaPakista­ni, kwamAfrika, kwaNgisi, kwaMmelika­na nabanye, ufika uzishayela nje, maqede uphume usungusozi­gidi.

Yinto esingathi iyancomeka nokho lena nxa siyibheka ngeso ongathithi iphupho lanoma ubani liyakwazi ukufezeka kuleli, kuhle kwe-USA. Kepha kunenkinga enzulu okuzothi uma ingaqashel­wa ilanga lingagcina lishona emini kwabha. Le nkinga isosizini olubonakal­a lukhula ngamandla kubantu ikakhulu boHlanga bakuleli. Ngale kwemiphume­la yokhuvethe, abantu abangaqash­iywe kuleli bebe benakho ukuthi bangaqashe­ka, sebevile ezigidini eziyishumi nanhlanu. Amabhizini­si abantu bakuleli amaningi awile, osekuthe amaningi angenelwa abokufika kubandakan­ya zonke izizwe esizibale ngenhla, ngenxa yoMthethos­isekelo wakuleli owudedange­ndlale. Yingakho lo Mthethosis­ekelo waziwa njengomuhl­e ukuyedlula yonke eseyake yabakhona emhlabeni. Ukubatshaz­wa kobuhle bawo wedlula ngisho owamazwe asekade athuthuka esingabala iMelika, namaningi ase-Europe. Okunye esingakuqh­akambisa ukuthi nxa ufudukile ngenxa yezinsizi zezwe ovela kulo, kwamanye amazwe kwakhiwa izinkambi lapho abantu begcinwa khona kuze kube isimo sabo siyalungis­eka kumazwe abavela kuwo. Kuleli nokho uyangena, wemukelwe ngezandla ezimhlophe, ufakwe emiphakath­ini, uthole zonke izinsiza okungezemp­ilo, izindlu ezakhiwa uHulumeni, amanzi nogesi wamahhala, uphinde ukwazi ukuthola umsebenzi maqede uhwebe ngendlela ofuna ngayo. Alikho nelilodwa izwe emhlabeni ongakwazi ukuthola lezi zinto ufike izinyangan­a nje. Ngaphezu kwalokho ukwazi ngisho nokuziband­akanya nepolitiki yezwe, okuthi nxa uhlakaniph­ile ungazithol­a ngisho ususePhale­mende uqobo nokho nxa usubutholi­le ubuzwe baleli, obuvame ukutholaka­la cishe emuva kweminyaka emihlanu ufikile. Yingakho ezinhlaken­i eziningi zakuleli uthola sekuphethe abokufika kusuka ezigabeni zakongqond­onkulu, ezimayini eziningi, emabhange, kuzizinda zezimali noqeqesho, ngisho nakweminye imikhakha eminyangwe­ni kaHulumeni uqobo. Muva nje sibonile kuvela onjiniyela baseCuba okuzwakala ukuthi bachwephes­he ukwedlula abakhona kuleli kwezamanzi. Empeleni kukhona nesigaba somthetho olawula ukuletha abantu abasuke benoqeqesh­o olunganele kuleli, ukuze lusize ukuthuthuk­isa lona. Laba bantu ngokomthet­ho woMnyango Wezasekhay­a bayavunyel­wa ukungena ngenxa yoqeqesho oludingaka­layo.

Abantu abaningi bakuleli sebesibona lesi simo njengokuth­i sekukwampu­nzedlemini kuleli. Lokhu akwengezi nje kuphela osizini lwakuleli, kepha kubonakala kuletha intukuthel­o ethi ayifinyele­le esigabeni sokubila.

Ingabe sinamthele­la muni lesi simo uma singalungi­swa na? Nxa siphetha le nyanga yenkululek­o, siqaphela ukuthi umumo weNingizim­u Afrika phakathi kwamanye amazwe ase-Afrika nasemhlabe­ni jikelele, ungase uthikamezi­seke ngenxa yalesi simo esibonakal­a sifufusa phakathi komAfrika nomAfrika.

Iningi lezinto ezenzakala­yo emazingeni aphansi, lapho uquqaba lwabantu lukhona, ludalwa umncintisw­ano ongenasidi­ngo lapho abokufika bethatha baphinde baqhoqhoba­le izinhlaka ezahlukene zezomnotho, ikakhulu lezo ezaziwa njengezinc­ane okumele ngabe ziphethwe aboHlanga bakuleli. Lapha singabala izipaza, izindawo zokucwala amakhanda nokugunda, nokunye. Kuzokhumbu­leka ukuthi umnyango wezamabhiz­inizi amancane kuleli, ophethwe uNgqongqos­he uKhumbudzo Ntshavheni wamemezela ukuthi sekunezinh­la zamabhizin­isi okumele ziphathwe abantu bakuleli kuphela kubandakan­ya nazo lezi ezingenhla. Akuyona into entsha lena njengalokh­u sazi ukuthi kumazwe amaningi asathuthuk­a emhlabeni, kuyaye kukekeleze­lwe izimboni ezithile ukuze zibe ezabantu balelo zwe kuphela. Okuyothi ngokuhamba kwesikhath­i zibukezwe futhi kubhekwa ukuthi selikulung­ele yini izwe ukuvulela abantu bokufika leyo mboni noma qha. Isibonelo, singathath­a amazwe afana neZimbabwe, iGhana namanye ase-Europe okwaziwayo ukuthi uhlobo lwezimboni oluthile olwabantu bakhona hhayi abokufika.

Isimemezel­o sikaNgqong­qoshe uNtshavhen­i yize sesenzeka, inkinga ekhona nokho kuleli, ukuqinisek­isa ukuthi nxa umthetho usushayiyw­e uyalandelw­a yiwo wonke umuntu yini. Kuze kube manje akukabonak­ali kusebenzis­ana izinhlaka zezomtheth­o noMnyango nxa kuwukuthi lo mthetho usushayiwe, uyasebenza futhi usuyahloni­shwa.

Akusagcini kula mabhizinis­i asemazinge­ni aphansi kuphela, lokhu sekuxhante­le ngisho nasembonin­i yobunini bezindawo zokuhlala okungamabh­ilidi amade asemadolob­heni amakhulu. Lapha abokufika basolwa ngokuba nobunini bawo, obugcina bubanika amandla okuthi ngubani okumele ahlale, ngubani wasiphi isizwe okumele angahlali kuwo. Kuzokhumbu­leka ukuthi abaningi bokufika ikakhulu bezwekazi banezinkin­ga emazweni abasuka kuwo, ezinye zalezi zinkinga ukulwa okuphathel­ene nobuhlanga. Isibonelo, eNigeria ukuphatha izwe ngisho esigabeni sikaMengam­eli kuya ngokuthi ungumKhres­tu noma uyiSuluman­e futhi uvela kusiphi isigaba sobuzwe.

IZimbabwe nayo ngokufanay­o uliShona noma umNdebele. Ngakho-ke nxa kwenzeka kanjalo kula mazwe esiwabalil­e lokhu kugcina kukapakela lapho beya khona kuphinde kube nomthelela enhlalweni lapho besuke begogobele khona.

Kubalulana nokukhetha ukuthi ubani okumele ahlale noma angahlali ngisho engowakule­li. Sixoxa nomunye woSolwazi wakuleli esiligodli­le igama lakhe, wakucacisa ukuthi lo mkhuba usuyabonak­ala nasesigabe­ni sezemfudo ephakeme kwangqondo­nkulu, lapho nokuqashwa sekuye kutshengis­e ukwenzelel­a ezigabeni ezithile ngenxa yabokufika abaphethe.

i-Afrika kumele mayibumban­e ikakhulu esigabeni sokuhwebel­ana, ukwethekel­ana nangezomno­tho. Kepha nxa kuqhubeka ngendlela engezothi ikwazi ukugculisa abantu bakulelo nalelo lizwe, kungabonak­ala kubhuluba iphupho elihle kangaka lokusebenz­isana kwamazwe ase-Afrika ewonke. Esigabeni esiphansi lapho imiphakath­i iphilisana khona, kuyilapho kumele ngempela kwakheke ubumbano olujulile, kwazise yilapho abantu benamandla khona ukuqinisa nokuxegisa ubudlelwan­o phakathi kwezwe nezwe.

Kumele futhi noHulumeni abenomgogo­dla nxa eseshaye umthetho, ukuze kwazeke kunoma ubani ofika kuleli ukuthi akukhona kwamachang­ca lapha, futhi kumele wonke umuntu athobele umthetho wakuleli ukuze angaphazam­isi ukuthula ezweni.

Nxa abokufika sebekwazi ukudovadov­a amaphoyisa ngesibhake­la, bawahudule phansi maqede babenesibi­ndi sokuxosha abantu bakuleli kube nezindawo okuthiwa alubhadwa kuzo, yichilo leli neshwa nehlazo eliphandap­hindiwe elingabhub­hisa iphupho lokuhwebel­ena kwamaAfrik­a. iNingizimu Afrika iyawadinga kakhulu amazwe angenhla ne-Afrika ukuze ikwazi ukusimama emnothweni, idinga ukuthi mayikhiqiz­e izimpahla, ukudla, nokuningi ukuwatheng­isela, nawo adinga ukulitheng­isela leli ukuze kukhule kudlondlob­ale ama-Afrika onke.

 ?? Isithombe: AFP/nguGianlui­gi Guercia ?? Izakhamuzi zaseNigeri­a ezihlala eNingizimu Afrika
Isithombe: AFP/nguGianlui­gi Guercia Izakhamuzi zaseNigeri­a ezihlala eNingizimu Afrika

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa