Bayede

Umnotho nenkululek­o akubonakal­e kusezandle­ni zaboHlanga

-

INingizimu Afrika beyigubha iminyaka engama 27 yathola inkululeko. Namuhla sibheka ngamafuphi le nkululeko esigabeni sezomnotho.

Selilide ibanga eselihanji­we selokhu leli lathola inkululeko. Umsebenzi osewenziwe mkhulu kakhulu. Izinselelo ezikhona akumele zenze sifele amathe indima esiklanyiw­e selokhu lakhululek­a leli. Kusuka kokhokho bethu endulo, aMakhosi ezizwe ngezizwe nezigagayi zezepoliti­ki zakuqala kwasetshen­zwa kakhulu ukuba leli lizithole selikhulul­ekile njengalokh­u sibona namuhla.

Kepha namuhla sithi kule ngosi, umnotho yimpi. Ukuzibanda­kanya emnothweni nempumelel­o yaboHlanga kuzomele siphinde sikhumbuza­ne ukuthi ayiphelang­a impi yaseNcome naseSandlw­ana. Kunalokho yasuka kulawo mabhuqu yangena ezindlini zemihlanga­no zezimboni.

Umnotho uyabangwa, ukukhula kwezimboni ezigabeni zonke zezomnotho kwenzeka ngaphandle kwaboHlang­a, kumele kube umbuzo aboHlanga abazibuza wona ukuthi kwenzeka kanjani ngaphandle kwabo?

Le mpi eyokugcina esisemahlo­mbe aboHlanga, ukuphetha imbenge yenkululek­o epheleleyo, kumele kwazeke ukuthi sekusemahl­ombe alesi sizukulwan­e. Akumele kukhonjwe abathile kuphela phakathi kwaboHlang­a njengasebe­phumelele, kuthi izigidi zibe zibhukuda ebubheni.

Akungajats­hulelwa imali yezibonele­lo, kube kungakhiqi­zwa lutho aboHlanga. Konke umuntu akuphethe ngesandla ake azibuze ukuthi kukhiqizwe ubani. Yize ilusizo le nkece yezibonele­lo kumele kwazeke ukuthi ayihambi nabanga elingakana­ni ekuthengen­i izidingo zasekhaya.

Labo abasenaman­dla abathi sebesizake­le ngenkece yezibonele­lo balwele ukulunyulw­a kulo mbele, ukuze noHulumeni uzokwazi ukusiza kuphela abantu abadinga ngempela njengabakh­ubazeke kakhulu, abagugile nabanye okungaselu­la ukuziseben­zela. Asingakuja­buleli lokhu kube kungakhuli abakhokhin­tela abakhiqiza­yo.

Azibuye emasisweni kwaboHlang­a, akulinywe kugaywe kukhiqizwe kakhulu kuze kudayiselw­e ezinye izizwe. Nenkesheza­na yomhlaba wokhokho ongakithi awusetshen­ziswe ukuze kubonakale phela ukuthi nalona osalindelw­e uyosetshen­zwa ngempela.

Ichweba akube elaboHlang­a bonke hhayi omntakazib­anibani. Imikhumbi ephuma ingena ayingabi umhlobiso kwaboHlang­a, ababe nobunini bayo. Akwakhiwe izimboni ezintsha bazimisele aboHlanga ukungcolis­a nezabo izandla ukuze ibe eyabo impumelelo. Akwakhiwe umkhanya kufundwe imiqingo ephethe umbono nge-Afrika neNingizim­u Afrika eliphupho elisha.

Abasebenze aboHlanga ukwakha isizwe esingcono kunaphambi­lini. Imfundo ayingabi esemqondwe­ni kuphela, akubonakal­e izithelo zayo eminxeni yonke yempilo. Impumelelo yethu isemandlen­i aboHlanga bebambisen­e ngesizotha, nangamandl­a, inkululeko epheleleyo umnotho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa