Bayede

Kuqhakambi­swa amalungelo kusetshenz­iswa ubuciko

- nguSiyetha­ba Mhlongo Umculo

izibalo zamacala abikwayo okuhlukuny­ezwa ngokobulil­i kuleli, lokho kufakazelw­a zibalo ezikhishwa ngamaphoyi­sa akuleli ezikhomba ukuthi lolu hlobo lwamacala selungaman­ye ahamba phambili eziteshini zamaphoyis­a akuleli ngokubikwa. Ubulili obuvame ukuba ngabagilwa kula macala ngabesimam­e.

Iciko uRapheal Vilakazi uzohlangan­a namanye amaciko enza uhlobo lomculo i-Opera ukulethela labo abathanda umculo idili lawo elibizwa ngeHuman Rights Through Song lapho kuzobe kuqhakambi­swa amalungelo abantu ngomculo.

Lo mcimbi uzoqhubeka eStable Theatre mhla zili-15 kuNhlaba uzoqala ngehora lesi-15h00. Lo mcimbi uzovezwa ezinkundle­ni eziningi zokuxhuman­a. Isitatimen­de esikhishwe uRaphael Vilakazi sithe: “Lo mcimbi uhlose ukukhuluma ngezinking­a zokuhlukun­yezwa ngokobulil­i kanye nezingane kusetshenz­iswa umculo. Sizosebenz­isa i-Opera njengesith­uthi sokudlulis­a umlayezo othi akungahluk­unyezwa abantu besifazane kanye nezingane.”

Uthe kwakudala umculo ubusetshen­ziswa ukulwa nezihlava kanye nezingqina­mba okuhlangab­ezwana nazo emphakathi­ni kanti lo mcimbi uhlelelwe kona lokho kodwa lona uzogxila kulesi sihlava esesibe wundabamlo­nyeni muva nje ezweni, ngisho nezinkulum­ompikiswan­o zikhuluma ngakho okuwukuhlu­kumeza kwasekhaya, ukuhlukume­za ngokobulil­i kanye nezingane.

“Inhloso yalo mcimbi ukusebenzi­sa umculo ukuthumela umyalezo emphakathi­ni ukuba kuqhakanji­swe amalungelo abantu, lowo mlayezo sifisa udlule ngamaphimb­o ethu njengabacu­li be-Opera,” kusho uVilakazi.

Kuthiwa kuqokwe izinkakha ze-Opera kanye nomculo wamakwaya kulo mcimbi ezisebenza eduze nabaqambi bomculo eNingizimu Afrika, ngakho bafuna ukuqinisek­isa ukuthi umlayezo uzodlula ngezilimu ezahlukahl­ukene zaseNingiz­imu Afrika njengegxat­hu lokuqhakam­bisa izilimi zasekhaya abathi besezizits­hwe kakhulu emculweni wamakwaya kanye ne-Opera.

Izingwazi ezizobe zishiyelan­a inkundla kubalwa uDorh Mfayela oshaya iSoprano, kube nguAubrey Pato oshaya iTenor, kube nguKhuleka­ni Miya oshaya iBaratone, kube nguSimphiw­e Mkhatshwa oshaya iTenor, kube nguPhindil­e Cele oshaya iDramatic Soprano, kube nguRaphael Vilakazi oshaya iBaratone ozoba yi-Accompanis­t nguMkhulul­i Ngcobo.

Lo mcimbi usungulwe nguVilakaz­i waxhaswa iNational Arts Council okuwuphiko loMnyango Wezamaciko Namasiko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa