Kuqhakambiswa amalungelo kusetshenziswa ubuciko
izibalo zamacala abikwayo okuhlukunyezwa ngokobulili kuleli, lokho kufakazelwa zibalo ezikhishwa ngamaphoyisa akuleli ezikhomba ukuthi lolu hlobo lwamacala selungamanye ahamba phambili eziteshini zamaphoyisa akuleli ngokubikwa. Ubulili obuvame ukuba ngabagilwa kula macala ngabesimame.
Iciko uRapheal Vilakazi uzohlangana namanye amaciko enza uhlobo lomculo i-Opera ukulethela labo abathanda umculo idili lawo elibizwa ngeHuman Rights Through Song lapho kuzobe kuqhakambiswa amalungelo abantu ngomculo.
Lo mcimbi uzoqhubeka eStable Theatre mhla zili-15 kuNhlaba uzoqala ngehora lesi-15h00. Lo mcimbi uzovezwa ezinkundleni eziningi zokuxhumana. Isitatimende esikhishwe uRaphael Vilakazi sithe: “Lo mcimbi uhlose ukukhuluma ngezinkinga zokuhlukunyezwa ngokobulili kanye nezingane kusetshenziswa umculo. Sizosebenzisa i-Opera njengesithuthi sokudlulisa umlayezo othi akungahlukunyezwa abantu besifazane kanye nezingane.”
Uthe kwakudala umculo ubusetshenziswa ukulwa nezihlava kanye nezingqinamba okuhlangabezwana nazo emphakathini kanti lo mcimbi uhlelelwe kona lokho kodwa lona uzogxila kulesi sihlava esesibe wundabamlonyeni muva nje ezweni, ngisho nezinkulumompikiswano zikhuluma ngakho okuwukuhlukumeza kwasekhaya, ukuhlukumeza ngokobulili kanye nezingane.
“Inhloso yalo mcimbi ukusebenzisa umculo ukuthumela umyalezo emphakathini ukuba kuqhakanjiswe amalungelo abantu, lowo mlayezo sifisa udlule ngamaphimbo ethu njengabaculi be-Opera,” kusho uVilakazi.
Kuthiwa kuqokwe izinkakha ze-Opera kanye nomculo wamakwaya kulo mcimbi ezisebenza eduze nabaqambi bomculo eNingizimu Afrika, ngakho bafuna ukuqinisekisa ukuthi umlayezo uzodlula ngezilimu ezahlukahlukene zaseNingizimu Afrika njengegxathu lokuqhakambisa izilimi zasekhaya abathi besezizitshwe kakhulu emculweni wamakwaya kanye ne-Opera.
Izingwazi ezizobe zishiyelana inkundla kubalwa uDorh Mfayela oshaya iSoprano, kube nguAubrey Pato oshaya iTenor, kube nguKhulekani Miya oshaya iBaratone, kube nguSimphiwe Mkhatshwa oshaya iTenor, kube nguPhindile Cele oshaya iDramatic Soprano, kube nguRaphael Vilakazi oshaya iBaratone ozoba yi-Accompanist nguMkhululi Ngcobo.
Lo mcimbi usungulwe nguVilakazi waxhaswa iNational Arts Council okuwuphiko loMnyango Wezamaciko Namasiko.