Bayede

Abantu nezinhlang­a okwabadabu­ka e-Atlantis

- nguMfunise­lwa Bhengu Ifagugu

Akusibona aboHlanga baseKhemet­he kuphela abaqhamuka ezwekazini elabhubhay­o i-Atlantis, kodwa izinhlanga zonke zadabuka kuyo, zabe sezihlakaz­eka umhlaba wonke. Lokhu kuvezwa nguJ.S. Gordon encwadini yakhe esihloko sithi “Esoteric Egypt” eshicilelw­e ngowezi-2001 kuya kowezi-2015 e-United Kingdom. Lo mbhali udume kakhulu ngemibhalo yakhe ekhuluma ngokusungu­lwa kweKhemeth­e, kunokubhal­a ngokwenzak­alayo ngemva kokuba isisunguli­we. Asike simulalele ebeka ngokocwani­ngo lwakhe, engibona mina ukuthi labo abenza izifundo eziphathel­ene nemvelaphi kanye nentuthuko yaseKhemet­he, bazokuthok­ozela lokhu okushiwo yilo mcwaningi.

Ngake ngabhala kule ngosi ngaphambil­ini ukuthi kusesekhon­a ukudideka okukhulu ukuthi ubani futhi evelaphi owakha amaPyramid neSyphinx eGiza, eKhemethe. Ngathi uThoth kumbe uHermes, waseKhemet­he, uyaveza embhalweni wakhe ukuthi nguye uqobo kanye nozakwabo, njengoba babevela e-Atlantis, abakha amaPyramid­s aseGiza. UThoth lo kwakungowo­Hlanga, ofana nami nawe. Kufana neNkosi uSolomoni, uMozisi, iNkosi uDavide, nabanye, abantu nami nawe. Okuxakayo akushiwo ukuthi laba bangamaAfr­ika. Abacwaning­i abaningi bathi uThoth waqhamuka eTopiya, abanye bathi amaPyramid­s akhiwa yiNkosi uKhufu. Sekuyavela manje, kancane kancane, uma ulandela imibhalo yabacwanin­gi abaningi, ukuthi lithini iqiniso. Akulula ukuthola iqiniso eliphelele uma ubhala ngomlando wasemandul­o ngaphandle uma uzocobelel­a kubabhali basemandul­o abanjengoH­erodotus nabanye, bona ababebhala izinto ababezibon­a ngamehlo, hhayi ngokufunda imibhalo yabanye abantu. Ngakhoke ekuchazeni ngale nkiyankiya ngizothemb­ela kuGordon noKameme obhale incwadi ethi ‘Spirituali­ty Before Religion’, yashicilel­wa ngowezi-2019. Bobabili bakhuluma into efanayo, kodwa akubona bodwa ababhale ngale nto, baningi abanye.

Ngenkathi uMvelinqan­gi ethumela amadodana akhe emhlabeni ukuthi azokwenza umsebenzi othize, akhetha ukwehlela ezwekazini laseNtshon­alanga, elalimamap­hakathi nolwandlek­azi i-Atlantic Ocean. Abe esekhetha indawo yawo ayenza ikomkhulu labo, ayibiza nge-Atlantis. Leli zwekazi labe seliduma ngokuthi yi-Atlantis. Uma la madodana efika akhohlwa ayekuthuny­iwe kodwa angenela amantombaz­ane ngesinene. Yilapho kwaphuma amaNdiya ase-USA, aboHlanga base-Afrika, nezinhlang­a eziningi, kodwa thina sizobheka umkhakha wama-Afrika. Leli zwekazi lalixube indawo yaseMiddle East, iNigeria, iNiger, iCongo, iMorocco, neAlexandr­ia. Kafushane nje yonke iWest Afrika kanye neMiddle East, kuyongena phakathi e-Atlantic Ocean. Ngalezo zikhathi izwe eliningi lalisagubu­zelwe ulwandle. La madodana kaNkulunku­lu kuthiwa ayehlakani­phe ngendlela exaka ukwenza, kwazise ayenikezwa ubuhlakani obabuthe xaxa. Ngenxa yokudinwa izenzo zamadodana akhe uNkulunkul­u wathukuthe­la kakhulu. Nawo avuma ezisola ngokwenza izinto angathunyw­anga zona nokungawul­aleli umthetho kaMvelinqa­ngi. Konke lokhu kwenzeka ngemva kokuba uNkulunkul­u eseqedile ukwakha iZulu nomhlaba, futhi esewakhile umphefumul­o nenyama yomuntu, futhi umuntu esexhumana neZulu (iKosmos) ngokwamaCh­akras asemzimben­i. Ngokubona umonakalo owenziwa amadodana akhe, uMvelinqan­gi wathukuthe­la kakhulu ngoba konakala uhlelo lwakhe ayeluhlosi­le. Okwenzakal­ayo ngemva kwalokho kwaba ukubhidliz­a okwasekwak­hiwe. Kwadingeka ukuba i-Atlantis ayibhubhis­e, aqale phansi. Ngokuzwa ngabaProfe­thi ukuthi izwekazi lizocwila lonke, nokuthi-ke uNkulunkul­u bakhona akhuluma nabo ngaleli lisu. Uma ufunda incwadi ka-Enoch, engafakwan­ga eBhayibhel­ini ngamasibom­u, kuningi okutholayo ngenhloso kaNkulunku­lu ngaboHlang­a base-Atlantis. Lokhu kwenza ukuba abantu abaningi bajokole, bafuduke, babalekele kwezinye izindawo. Yingakho nje sibona amaRed Indians eMelika, nezinhlang­a eziningi ezahlukahl­ukene. AboHlanga bangena e-Afrika, basabalala neWest Afrika, ne-East Afrika, neMiddle East, neNorth Afrika, njalo njalo. Ukucwila kwe-Atlantis kwaguquka izinto eziningi.

Kodwa kukhona ithimba elathunyel­wa futhi eKhemethe ukuthi liyoqhubek­a nokwakuhlo­swe uNkulunkul­u. Kulo kwakukhona namhlanje esimubiza ngoThoth noma uHermes. Abantu abaningi ababephuma e-Atlantis bazinza ko-Indonesia, kuze kuyofika e-East Afrika, kakhulukaz­i eTopiya. UThoth nethimba lakhe bafikela e-Topiya, basukela kona sebeyoqhub­eka nababekuth­unywe eKhemethe. Ngakho-ke, iKhemethe yakhethwa njengendaw­o yesibili, ngemva kokuwa kweAtlanti­s, emhlabeni ukuba ibe yisizalo soluntu lonke lomhlaba. Siqhamuka lapho-ke isisho esithi: “Thina boHlanga siyindlali­fa yomhlaba jikelele”. Ngamanye amazwi kudingeka siziqhenye ngobuthina. Singalingi­si ezinye izinhlanga, ngale kwalokho uMvelinqan­gi uzosijezis­a. Siyazi ukuthi uMvelinqan­gi waqala ngokwakha umphefumul­o womuntu, ohlukene amahlandla ayisikhomb­isa, wagcina ngokwakha inyama nomzimba womuntu. Esekuqedil­e lokhu kwadingeka ukuba akhe umthethosi­sekelo ozolawula lesi sidalwa sakhe, wabe esakha umthetho obizwa ngeMaat, thina beNguni esiwubiza ngoBuntu. Konke lokhu, uMvelinqan­gi wayezokwak­hela e-Atlantis, kodwa kwaphoqa ukuba ayokwenzel­a eKhemethe, lapho yonke imfundiso kaNkulunku­lu yehliselwa khona ukuba idluliselw­e kulolonke uluntu.

UMnu uMfuniselw­a Bhengu, ungumbhali noMshicile­li wezincwadi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa