Impendulo ekuceleni kuyaba ngu‘Cha!’
Singabantu siyaba naso isidingo sokucela. Empeleni lesi sidingo size sedlule leso sokubonga ngoba uma sesicela sikhohlwa nawukuthi esinakho sabe sikucelile kwafika. Kepha yini ukucela, kumqoka ngani? Kucela onjani? Mhlawumbe asiqale ngesimomqondo esivamile njengomkhuba kwabaningi nxa becela.
Lesi simo mqondo sikhona kwaboHlanga muva nje sokuya kocela bese ulindela impendulo oyifunayo. Ubone lapha phandle abantu begcwele iziphandla befuna ingcebo kepha ingatholakali. Kuthi uma ingasatholakali bese beqala imikhuba beyilanda ngemithi emibi eminye egcina ngokuchitha igazi lapha ekhaya. Kulaba uze uzibuze ukuthi basacela kubo yini abakwabo uma sekukhona nezilwane ezingaziwa kanjalo nokuchitheka kwegazi.
KwaboHlanga esikwaziyo nesikwamukelayo wukuthi kuyenzeka ekuceleni kwethu kwabafa bengafi balapha ekhaya impendulo kube ngu‘Cha!’. Ucele imoto yokuqhukuluza lapha emphakathini ngoba ubona abanye abanumzane benza ematekisi bese kwala. Ucele umsebenzi eGoli ngoba ubona abanye abafana behamba kepha kwale. Lapha kuthatha ukucabanga ngokujula ukubona ukuthi lo Cha! awusho okubi kepha yimpendulo ekuvikela kokuthile.
Lokhu ukubona lapho obenqatshelwe ukuba nemoto esenza ngendlela esheshayo uzwe kuthiwa ithe ingafika nje imoto yakha kabili kathathu wase edindiliza umnumzane ngezimpi zakhona. Ulimala nje kade kuthule engekho kwase kuqhamuka impi nje nokuthe kungahamba yena yase iphela.
Lokhu kuveza ukuthi ubunqatshelwa nje bekubonakala ubungozi uma kuvunywa. Ngakho-ke kuhle uhluze ukuthi kungani obukucela yonke le minyaka kungasondeli ngoba mhlawumbe akuzi nje uyavikelwa kuyothi kungafika kudle abantabakho.