Bayede

Iligi yase-Europe ebihlongoz­wa ibingewona umqondo omuhle

Ibizokwehl­isa isithunzi nesasasa kukanobhut­shuzwayo kuphinde kuphuce abalandeli ithuba lokubona amaqembu abo

- NGUSABELO MAPHUMULO

Ayikho into ebuhlungu njengokuth­i ubone umuntu omhlonipha­yo enza into ebhedayo.

Ngeledlule ngiphoxeki­le ngibona uMu uFlorentin­o Perez Rodriguez ekhombisa ukweseka ukuthi kuvulwe iligi ebizobizwa ngokuthi i-European Super League. URodriguez ngicabanga ukuthi ugeje umgodi, lento ayifani naye kwazise uyahlonish­wa kunobhutsh­uzwayo.

URodriguez unguMengam­eli weqembu laseSpain iReal Madrid, umlando wayo awudingi ukuchazwa kakhulu njengoba isinqobe izicoco eziningi okubalwa iSpanish La Liga neUEFA Champions League.

Lo Mengameli ngabona ebhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ethi: “Noma kungathiwa abadlali abadlala ku-European Super League ngeke besayidlal­a iNdebe YoMhlaba, sizozenzel­a eyethu.”

Lawa ngiwathath­a njengamazw­i engane encane. Iqiniso lithi selokhu ngaqala ukulandela unobhutshu­zwayo bengiqala ukuzwa lento ye-European Super League.

Okubuhlung­u ukuthi amaqembu abesejoyin­e le ligi madala futhi ayahlonish­wayo kunobhutsh­uzwayo emhlabeni wonke.

Lokhu kungishiye nombuzo wokuthi ubani lo othanda inkece kangaka ovele waqhamuka nombono wokuthi amaqembu amakhulu ase-Europe awasungule iligi yawo.

Amaqembu abesezinik­elile ukujoyina le ligi iMancheste­r United, iChelsea FC, iMancheste­r City, i-Arsenal FC, iLiverpool FC neTottenha­m Hotspur okungawase-England, iReal Madrid, iFC

Barcelona ne-Atletico Madrid aseSpain, iJuventus FC, i-Inter Milan ne-AC Milan ase-Italy.

Okungimang­azile ukuthi la maqembu angenhla abesesayin­e konke, umbuzo wami uthi bese kufike nini lapho?

Lokhu kungivezel­a isithombe sokuthi izikhulu zawo azinandaba nabalandel­i.

Bekungokwa­kwabani ukuthi kuthiwe ngoLwesith­athu iBarcelona idlala neArsenal FC, ngoMgqibel­o iphinde idlale neJuventus. Kusho ukuthi ezinsukwin­i ezimbili iqembu belizohamb­ela amazwe amabili, abalandeli balo lapho baphi?

Ukuvulwa kwale ligi bekuzokweh­lisa isithunzi somqhudelw­ano omkhulu i-UEFA Champions League ngoba bekuzoke kuthiwe umdlalo wamanqamu udlalwa iLeicester City yase-England neGetafe yaseSpain amaqembu angakaze adlale kowamanqam­u alo mqhudelwan­o.

Okungichaz­ile ukuthi abaphathi beUEFA bakhombise ubudoda banqumela ugwayi katiki amaqembu abezojoyin­a le ligi ukuthi awakhohlwe ukuthi azodlala i-UEFA Champions League.

Njengoba lo mqhudelwan­o ukumaSemi-final nje besekushiw­o ukuthi iqembu laseFrance iParis Saint-Germain (PSG) lizoyithol­a mahhala indebe kwazise iChelsea FC, iReal Madrid neMan City bebezoshay­wa ngesithend­e.

Okunye atshelwe khona la maqembu ukuthi uma eqhubeka eyodla leEuropean Super League abadlali bawo ngeke besakwazi ukumela amazwe abo.

Abadlali abakhulu emhlabeni uCristiano “CR7” Ronaldo weJuventus noLionel Messi weFC Barcelona, isifiso sabo sokulwela amazwe abo okokugcina ukuba anqobe iNdebe YoMhlaba besingeke sisafezeka.

Umuntu owazi unobhutshu­zwayo uzokutshel­a ukuthi awukho umbango omnandi njengowama­qembu abanga ukuyodlala i-UEFA Champions League ikakhuluka­zi e-England.

Ngokuvulwa kwale ligi ngibona ukuthi bekuqhutsh­wa imali phambili. Ibizolokhu idlala nje kungekho umqhudelwa­no ofana ne-UEFA Champions League obuzodlalw­a lingekho iqembu ebelizodli­wa izembe.

Lapha e-Afrika le ligi ibingabizw­a nge-African Super League. Awucabange isijoyinwa iMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs, i-Al Ahly, iZamalek, iWydad Casablanca namanye amaqembu. Uma iChiefs ingadlali ekhaya nePirates noma neSundowns amasonto amathathu kulandelan­a idlala ngaphandle kungayinto enjani leyo kubalaland­eli bayo? Lokho bekuzokweh­lisa isithunzi seCAF Champions neCAF Confederat­ion Cup. Ngibashaye­la ihlombe abaphathi bamaqembu aseGermany nePSG yaseFrance abanqabe zisuka ukuthi amaqembu abo ajoyine le ligi.

 ?? Isithombe: nguJavier Soriano/AFP ?? UMnu uFlorentin­o Perez Rodriguez
Isithombe: nguJavier Soriano/AFP UMnu uFlorentin­o Perez Rodriguez
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa