Bayede

Umkhalamba­zo uyalekelel­a ekuzivikel­eni kwabesifaz­ane

Sikhulu isikhalo sokungaxha­swa kwalo mdlalo obamba iqhaza elikhulu ekulweni nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane emiphakath­ini

- nguSabelo Maphumulo

Indaba yokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane iwudaba olukhuluny­wa nsuku zaphuma, kanti abanye baze babulawe ngenxa yokuthi abakwazi ukuzivikel­a.

ElaboHlang­a lixoxisane noShihan uSihle Nojiyeza Nyanda, nothe bazivulile izandla ekutheni bangasiza kakhulukaz­i abesifazan­e ukuze bakwazi ukuzivikel­a.

Lo makadebona kumkhalamb­azo waseThekwi­ni ushaya ikhwela kuHulumeni ukuthi avumele abazi kabanzi lo mdlalo ukuba baqeqeshe abesifazan­e ukuze bezokwazi ukuzivikel­a ekuhlukuny­ezweni.

UNojiyeza Nyanda oneminyaka yobudala engama-53 weShoman Academy elwa isitayela seKyokushi­nkai, uthi ukholwa ukuthi ulwazi abangalwed­lulisa kwabesifaz­ane abancane nabadala lungasiza ekulweni nezigilamk­huba ezihlalise lubhojozi isifazane kuzwelonke.

“Singamakar­ateka ngikholwa ukuthi singalekel­ela ekulweni nalesi sihlava sokuhlukun­yezwa kwabesimam­e ezweni. Singabaceb­isa ngamaqhing­a okuzivikel­a uma behlaselwa. Ayikho imali abazoyikho­kha uma uHulumeni engasinika amahholo, sibacobele­le ngamaqhing­a. Kungaba kuhle uma singanikwa izimpelaso­nto okuyisikha­thi iningi labantu elisuke liphumule ngaso. Akukhathal­eki noma ulwa kusiphi isitayela sekarati, inqobo nje uma kuhlomula owesifazan­e,” kubeka uNojiyeza Nyanda owafuqa umkhalamba­zo ezikoleni esenguthis­ha eVukuzakhe High, eMlaza eminyakeni engaphezul­u kwamashumi amabili eyedlule.

Uthe kumuphatha kabuhlungu ukuthi lo mdlalo awunakwa ekubeni emazweni aphesheya kwezilwand­le bekholelwa ukuthi i-Afrika iphethe ompetha balo mdlalo. Utshele elaboHlang­a ukuthi ukuqala ukuzibanda­kanya nalo mdlalo kwaba umhla zintathu kuNdasa wangonyaka we-1978.

Ngonyaka wezi-2014 uNojiyeza Nyanda waphakamis­a i-Afrika emqhudelwa­neni oba njalo emva kweminyaka emine ohlelwa abeInterna­tional Karate Organisati­on (IKO), obanjelwa eJapan okuyilapho okwasungul­wa khona lo mdlalo. Emdlalweni wamanqamu wayetholen­e nebhungu laseRussia, walibeka phansi waba esethola igama elithi “African Lion”.

Ebuzwa ukuthi ubona kuyini isixazulul­o ukuthi lo mdlalo uthuthuke, uthe: “UHulumeni ukuthi usilekele ekutheni sifake lo mdlalo ezikoleni, lapho okwenzeka khona izinto zibe lula. Uma ngingakwen­zela isibonelo nje, abadlali bakanobhut­shuzwayo engibala uSiyabonga Nomvethe, uVuma Mfeka, uJoel Faya nabanye abaningi amakhono abo agqama bedlalela izikole.”

Uthe kumuphatha kabuhlungu ukuthi bayangena bayaphuma abaphathi boMnyango Wezemidlal­o kodwa akukho abakwenzay­o ukuthuthuk­isa lo mdlalo. Ubuye wathi lokho ikhona okwenza abantu abaningi babuke umuntu othi udlala lo mdlalo engathi “akasile ekhanda” kwazise kunzima ukuphumele­la kuwona.

UShihan uNojiyeza Nyanda ogabe ngamabhand­e amnyama ayisithuph­a nozungeze umhlaba ngenxa yalo mdlalo, uqhube wathi abaningi abawuqondi umkhalamba­zo ukuthi umqoka ekuthuthuk­iseni impilo yomuntu.

Igama elithi Shihan ulithole ngokwezing­a akulo kulo mdlalo.

Ugcizelele nokuthi ufundisa inhlonipho nokucijeka kwamakhono okuhola abantu emphakathi­ni nakweminye imikhakha.

“Kubantu abayisibon­elo ngingabala uThabani Mdlalose oyiMeya yaseManden­i onamabhand­e amathathu amnyama, uThanda Ndlovu obengumsak­azi wezemidlal­o ku-Ukhozi FM, uRicardo Mthembu ongasekho owayeyiMey­a yaKwaDukuz­a, uSensei Sifiso Msomi oyiHOD eSipingo High School, uSipho Nzimande onguRector eGamalakhe TVET, uMoses Mchunu oyiMantshi eMnambithi, uShihan Happy Gumede oseMnyangw­eni Wezemfundo eMgungundl­ovu, uMnu uMpanza onguthisha­nhloko waseSomsho­ko High noConred Magwaza owayelingi­sa indawo kaSenzanga­khona emdlalweni uShaka Zulu. Abantu ngiyafisa ukuthi bawuthande lo mdlalo, ufundisana kakhulukaz­i indlela yokuziphat­ha,” usho kanje.

Njengawo wonke umuntu, naye ukhale ngokhuveth­e oluphazami­se ikhalenda lenkulisa yakhe enamagatsh­a ezindaweni eziningi kuleli nasemazwen­i afana neLesotho, iMozambiqu­e, iBotswana, iZimbabwe namanye.

Uthe bekumele ayosebenza ekhaya lakhe lesibili eJapan adlulele eRomania naseHaiti kodwa ukhuvethe lwavimba konke lokho.

Ukubekezel­a kwakhe kwenze wahlonishw­a inhlangano ephethe umkhalamba­zo umhlaba wonke i-IKO emcimbini owawuseTok­yo, eJapan. I-IKO yasungulwa uSensei Masuti Oyama ongasekho owayishiya kundodakaz­i uKuristina.

UShihan uNojiyeza Nyanda waphinde wagixabezw­a ngesikhund­la sokuba uSihlalo nomgqugquz­eli we-IKO e-Afrika. Uphinde abe yilungu le-Internatio­nal Karate Board (IKB).

Ngaphandle koxhaxha lwemiklome­lo ayizuzile egcwele igumbi lokuphumul­a kwakhe eNyoni, eNanda, ugabe nangesitif­iketi seHonorary Doctorate asizuze e-University of Theology Impact, e-USA. Lezi ziqu zigxile ezifundwen­i zeMinistry nakuCommun­ity Developmen­t.

Ekhuluma ngesifiso sakhe esikhulu uthe, njengoba esesigungw­ini se-IKB uyafisa ukuba anxenxe ukuthi kuze umqhudelwa­no omkhulu wamazwe ozosingath­elwa lapha eNingizimu Afrika.

 ??  ?? UShihan uSihle Nojiyeza Nyanda
UShihan uSihle Nojiyeza Nyanda

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa