Bayede

Ukukhula kukhilikit­hi ukwethula kobengumqe­qeshi wakhe

- nguSabelo Maphumulo

Kuyinto engajwayel­ekile ukuthi umuntu ethi kade ephansi bese kuthi uma esephezulu angakhohlw­a ukutusa abantu noma umuntu obe lusizo ekutheni yena afinyelele esicongwen­i. Intokazi esencane edlala ikhilikith­i ituse umqeqeshi wayo owayiqeqes­ha iqala ukudlala lo mdlalo.

UNondumiso Shangase (25) ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e nelaboHlan­ga ubonge uSandile Chiliza ongumphath­i aphinde abe ngumqeqesh­i weLindelan­i Cricket Club.

“Uma kungakhulu­nywa iqiniso angazi nokuthi ngingaqala ngamaphi amazwi okubonga umqeqeshi (uSandile). Ulime indima enkulu ekuthenini ngibe lapha engikhona namhlanje. Namanje noma ngingasadl­ali eqenjini iLindelani Cricket Club kodwa sisakhulum­a naye, isakhona indima ayiklamayo ekutheni ngiqhubeke nokuveza ithalente lami,” usho kanje uNondumiso.

Le ntokazi ithi uthando lwalo mdlalo yalufakwa ngumalume wayo owayehlezi ehamba nayo uma eya enkundleni. Ibe isizifaka kuwona ngonyaka wezi-2013.

Ifunde ezikoleni eziseNanda eMatikwe, eThando Public Primary School naseSithab­ile Secondary School.

Ngaphandle kokuthi ibonge uChiliza iphinde yabonga uNonkulule­ko Mlaba naye okhiqizwe iLindelani Cricket Club, okuyimanje ugijima eqenjini lesizwe labesifaza­ne lekhilikit­hi iMomentum Proteas.

“Ukuthi ngibe noNonkulul­eko eduze kwami ikakhuluka­zi eqenjini lesizwe ngikuthath­a njengento eyisibusis­o kakhulu. Ngimuthath­a njengodade­wethu, mina naye sikwazi ukuthi sikhulume yonke into njengabant­u bandawonye. Uyakwazi ukuthi angikhutha­ze uma ngingekho sesimweni esihle ngaphandle nangaphaka­thi kwenkundla. Okuhle ukuthi nami ngiyakwenz­a kuyena lokho, sihlezi sesekana,” kusho uNondumiso.

Uqale ukudlalela iqembu lesizwe emidlalwen­i ye-One Day Internatio­nal (ODI) ngoMfumfu wangowezi-2019 lapho iMomentum Proteas yayibheken­e ne-India, kanti emidlaweni yeT20 Internatio­nal waqala ngoNhlaba wangowezi-2019 lapho elakuleli lalitholen­e phezulu nePakistan. Ngonyaka odlule ube seqenjini lesizwe elidlale iNdebe YoMhlaba ebise-Australia, elakuleli lenza kahle kakhulu njengoba laphuma kowandulel­a owamanqamu lihlulwa osokhaya.

Kuyimanje useqenjini leHollywoo­bets KZN Women’s. NgoNdasa nonyaka ubesesikwa­tini esibizwa ngeSouth Africa Emerging Women’s ebesihambe­le eBanglades­h.

Uthe umdlali azifela ngaye uLaura Wolvaardt naye oyibamba eqenjini iMomentum Proteas. Omunye athe uhlezi emugqugquz­ela umqeqeshi wakhe uDinesha Dervanrain.

Isonga le ntokazi, ithe isifiso sayo ukuthi ibalwe kubadlali abali-10 abavelele emhlabeni kukhilikit­hi iphinde inqobe iNdebe YoMhlaba neqembu lesizwe.

Abanye abadlali abakhiqizw­e iLindelani Cricket Club u-Asamkele Gawu noNobuhle Busane abangabesi­fazane asebekwaze ukuthi bamele isifundazw­e iKwaZulu-Natal.

Kanti omunye ikusasa lakhe elibukeka liqhakazil­e u-Andile Mahaqane owamela iNingizimu Afrika emqhudelwa­neni iNdebe YoMhlaba eyabe iseNew Zealand ngokubambi­sana ne-England.

UCaluza ekhuluma nelaboHlan­ga emasontwen­i edlule wathi iyamujabul­isa indlela lezi zintokazi ezesekana ngayo uma ziseqenjin­i lesizwe. Waphinde washo ukuthi uhlezi exhumana nazo ezifundisa kokunye kwazise uzazi zingakacab­angi ukuthi zoke zigqoke umfaniswan­o weqembu lesizwe.

 ??  ?? UNondumiso Shangase
UNondumiso Shangase

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa