Uthi uMntwana akagawule abheke
INKUNDLA YABANTU
Akuve kubuhlungu ukuzwa ukuthi usuphuthelwe ithuba. Kuzwisa ubuhlungu kakhulu uma lelo thuba likwedlule ukhona ngenxa yokunganaki izinto kanye nokungabambisisi amathuba uma evela. Kulesi siqephu bengifisa ukukhumbuza abantu abasha ngendaba yokubamba amathuba endabeni yokufaka izicelo ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nasekufakeni izicelo zomfundaze kusenesikhathi.
Into engenze ngafisa ukukhumbuza umuntu omusha, ikakhulu osemabangeni aphansi ngemfundo, ukuthi kungizwisa ubuhlungu ukubona abantu bakithi behlezi besemuva kuyo yonke into. Njengomeluleki wentsha ngempilo nezemfundo, ngithwala kanzima njalo uma kuqala unyaka ngenxa yabafundi kanye nabazali abacela ukuzanyelwa izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngaleso sikhathi lisuke selidume ledlula, isingekho into etheni engenziwa.
Kubalulekile ukuthi wonke umutu omusha afake isicelo sokufunda kanye nesomfundaze ezikhungweni ezahlukahlukene kusenesikhathi. Olayini abade ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo singabagwema uma singafaka izicelo isikhathi sisekhona. Izikhungo eziningi zivuliwe futhi ziyazemukela izicelo ezahlukahlukene. Kubalulekile ukuthi njengomphakathi sibambisane ekukhumbuzaneni ngokufakwa kwezicelo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Njengomuntu omusha, kubalulekile ukuthi usheshe uthole usizo ngokukhethwa kwemikhakha ukuze ukwazi ukuthi ufake isicelo kulowo mkhakha kusenesikhathi.
Ukuthola usizo ngokukhethwa kwemikhakha eyahlukene kanye nokukhetha umkhakha kwenza wazi ukuthi yiziphi izikhungo ongafaka kuzo izicelo kanye nokuthi kuvalwa nini ukufaka izicelo. Abafundi abaningi bashaywa ukuvalwa kwemikhakha ukwamukela ukufakwa kwezicelo. Kuneminye imkhikhakha esheshe ivale ukwamukela izicelo futhi okungenzeki iphinde ivule ukufaka izicelo ingaze ivale.
Ibalulekile indaba yokukhethwa kwemikhakha, kungakho ngibhale incwadi yonke ngakho. Uma uhluleke ukukhetha umkhakha kanye nekhono ofuna ukulifundela kubanzima ukuthi ufake isicelo izikhungweni zemfundo ephakeme. Ukungazazi ukuthi ufuna ukufundelani kwenza ungafaki ngisho nesicelo semali yokufunda ezikhungweni ezahlukene kanye nezimboni ezikhipha imali yokufunda minyaka neminyaka. Ukuthola usizo ngokukhethwa kwemikhakha kwenza wazi ukuthi kumele ufake isicelo sakho enyuvesi noma ekolishi. Kubuhlungu ukubona umuntu omusha ephumelele kahle kodwa aswele indawo yokufunda ngenxa yokuthi sekugcwele lapho obekumele afake khona isicelo.
Enye yezinto ezibalulekile ukufaka isicelo somfundaze kwaNSFAS kusenesikhathi. Njengoba bengike ngasho ngathi imali yokufunda ikhona uma uzofaka isicelo kusenesikhathi. NakwaNSFAS banesikhathi lapho bemukela khona izicelo. Okusemqoka ukuthi uthole imininingwane mayelana nokuthi baqala nini ukuthatha izicelo futhi bavala nini ukuzamukela. Kubalulekile ukuthi uthole usizo uma ungakwazi ukufaka isicelo kubo. Imitapo yolwazi kanye nezinhlangano ezahlukene kuyasiza ngokufakwa kwezicelo. Kubalulekile ukuthi ube nolwazi oluqondile ngazo zonke lezi zinto engikhuluma ngazo. Uma kudingeka ukuthi ugibele uye emahhovisi, yenza njalo. Sekwaba ngcono kulesi sikhathi samanje ngoba usuyakwazi ngisho nokubabhalela bakuphendule ngokushesha noma ubashayele ucingo. Iningi lentsha liye likhale ngolwazi sengathi alukho kanti lukhona.
Indaba yokubamba amathuba njengomuntu omusha ayigcini kwezemfundo kuphela, kodwa ingena ezintweni eziningi. Iqiniso lithi amathuba akhona futhi akusiwo wonke umuntu onebhadi lokungawatholi kodwa inkinga enkulu ukungazisondezi lapho kunamathuba khona. Indlela elula yokuzisondeza yizo lezi zinkundla zokuxhumana esikuzo. Kunabantu abasha abakhala ngokubiza kwamadatha kodwa lawo abanawo abawasebenzisi ngendlela efanele.
Ngikubona kuyihlazo ukuthi umuningi ezinkundleni zokuxhumana kodwa awuxhumene namuntu ongakufaka emathubeni ento oyifunayo. Enye indlela yokusondela emathubeni ukusondelana nabantu abazi izinto kanye nabangakutshela uma kunamathuba. Lokhu kusho ukuthi kubalulekile ukuhlola uhlobo lwabangani onalo. Abangani bangempela yilabo abangeke bavume ukuthi wedlulwe ithuba empilweni bengakutshelanga.
Kubaluleke kunjalo ukubamba amathuba, ngikubona kubaluleke kakhulu nokungadlali ngawo amathuba. Bakhona abantu abanikwa amathuba badlale ngawo benikiwe. Okubuhlungu ngokudlala ngethuba ukuthi akuzwa wena wedwa ubuhlungu kodwa baningi abagcine benganikwangwa noma bengalitholanga ithuba ngenxa yokuthi wena udlale ngalo. Lokhu kufaka phakathi imali yokufunda, ikakhulu lena evela kwaNSFAS. Lesi sikhwama semfundo esasungulwa uHulumeni sidinga ukuthi kube khona abantu ababuyisela imali kuso uma sebefundile baqala basebenza.
Uma udlala ngethuba lemfundo kusho ukuthi lemali ofundiswe ngayo angeke yakwazi ukutholwa ngomunye umuntu ngoba wena udlale ngayo. Ubaba ongizalayo wangifundisa ukuthi amathuba ayabanjwa futhi ayabanjisiswa ngoba awazi ukuthi ikusasa likuphetheleni.
Indaba yokubamba amathuba njengomuntu omusha ayigcini kwezemfundo kuphela, kodwa ingena ezintweni eziningi.