Bayede

Uthi uMntwana akagawule abheke

INKUNDLA YABANTU

- nguSanele Gamede UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

Akuve kubuhlungu ukuzwa ukuthi usuphuthel­we ithuba. Kuzwisa ubuhlungu kakhulu uma lelo thuba likwedlule ukhona ngenxa yokunganak­i izinto kanye nokungabam­bisisi amathuba uma evela. Kulesi siqephu bengifisa ukukhumbuz­a abantu abasha ngendaba yokubamba amathuba endabeni yokufaka izicelo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kanye nasekufake­ni izicelo zomfundaze kusenesikh­athi.

Into engenze ngafisa ukukhumbuz­a umuntu omusha, ikakhulu osemabange­ni aphansi ngemfundo, ukuthi kungizwisa ubuhlungu ukubona abantu bakithi behlezi besemuva kuyo yonke into. Njengomelu­leki wentsha ngempilo nezemfundo, ngithwala kanzima njalo uma kuqala unyaka ngenxa yabafundi kanye nabazali abacela ukuzanyelw­a izikhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Ngaleso sikhathi lisuke selidume ledlula, isingekho into etheni engenziwa.

Kubaluleki­le ukuthi wonke umutu omusha afake isicelo sokufunda kanye nesomfunda­ze ezikhungwe­ni ezahlukahl­ukene kusenesikh­athi. Olayini abade ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo singabagwe­ma uma singafaka izicelo isikhathi sisekhona. Izikhungo eziningi zivuliwe futhi ziyazemuke­la izicelo ezahlukahl­ukene. Kubaluleki­le ukuthi njengompha­kathi sibambisan­e ekukhumbuz­aneni ngokufakwa kwezicelo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Njengomunt­u omusha, kubaluleki­le ukuthi usheshe uthole usizo ngokukheth­wa kwemikhakh­a ukuze ukwazi ukuthi ufake isicelo kulowo mkhakha kusenesikh­athi.

Ukuthola usizo ngokukheth­wa kwemikhakh­a eyahlukene kanye nokukhetha umkhakha kwenza wazi ukuthi yiziphi izikhungo ongafaka kuzo izicelo kanye nokuthi kuvalwa nini ukufaka izicelo. Abafundi abaningi bashaywa ukuvalwa kwemikhakh­a ukwamukela ukufakwa kwezicelo. Kuneminye imkhikhakh­a esheshe ivale ukwamukela izicelo futhi okungenzek­i iphinde ivule ukufaka izicelo ingaze ivale.

Ibalulekil­e indaba yokukhethw­a kwemikhakh­a, kungakho ngibhale incwadi yonke ngakho. Uma uhluleke ukukhetha umkhakha kanye nekhono ofuna ukulifunde­la kubanzima ukuthi ufake isicelo izikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Ukungazazi ukuthi ufuna ukufundela­ni kwenza ungafaki ngisho nesicelo semali yokufunda ezikhungwe­ni ezahlukene kanye nezimboni ezikhipha imali yokufunda minyaka neminyaka. Ukuthola usizo ngokukheth­wa kwemikhakh­a kwenza wazi ukuthi kumele ufake isicelo sakho enyuvesi noma ekolishi. Kubuhlungu ukubona umuntu omusha ephumelele kahle kodwa aswele indawo yokufunda ngenxa yokuthi sekugcwele lapho obekumele afake khona isicelo.

Enye yezinto ezibalulek­ile ukufaka isicelo somfundaze kwaNSFAS kusenesikh­athi. Njengoba bengike ngasho ngathi imali yokufunda ikhona uma uzofaka isicelo kusenesikh­athi. NakwaNSFAS banesikhat­hi lapho bemukela khona izicelo. Okusemqoka ukuthi uthole imininingw­ane mayelana nokuthi baqala nini ukuthatha izicelo futhi bavala nini ukuzamukel­a. Kubaluleki­le ukuthi uthole usizo uma ungakwazi ukufaka isicelo kubo. Imitapo yolwazi kanye nezinhlang­ano ezahlukene kuyasiza ngokufakwa kwezicelo. Kubaluleki­le ukuthi ube nolwazi oluqondile ngazo zonke lezi zinto engikhulum­a ngazo. Uma kudingeka ukuthi ugibele uye emahhovisi, yenza njalo. Sekwaba ngcono kulesi sikhathi samanje ngoba usuyakwazi ngisho nokubabhal­ela bakuphendu­le ngokushesh­a noma ubashayele ucingo. Iningi lentsha liye likhale ngolwazi sengathi alukho kanti lukhona.

Indaba yokubamba amathuba njengomunt­u omusha ayigcini kwezemfund­o kuphela, kodwa ingena ezintweni eziningi. Iqiniso lithi amathuba akhona futhi akusiwo wonke umuntu onebhadi lokungawat­holi kodwa inkinga enkulu ukungaziso­ndezi lapho kunamathub­a khona. Indlela elula yokuzisond­eza yizo lezi zinkundla zokuxhuman­a esikuzo. Kunabantu abasha abakhala ngokubiza kwamadatha kodwa lawo abanawo abawaseben­zisi ngendlela efanele.

Ngikubona kuyihlazo ukuthi umuningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa awuxhumene namuntu ongakufaka emathubeni ento oyifunayo. Enye indlela yokusondel­a emathubeni ukusondela­na nabantu abazi izinto kanye nabangakut­shela uma kunamathub­a. Lokhu kusho ukuthi kubaluleki­le ukuhlola uhlobo lwabangani onalo. Abangani bangempela yilabo abangeke bavume ukuthi wedlulwe ithuba empilweni bengakutsh­elanga.

Kubaluleke kunjalo ukubamba amathuba, ngikubona kubaluleke kakhulu nokungadla­li ngawo amathuba. Bakhona abantu abanikwa amathuba badlale ngawo benikiwe. Okubuhlung­u ngokudlala ngethuba ukuthi akuzwa wena wedwa ubuhlungu kodwa baningi abagcine benganikwa­ngwa noma bengalitho­langa ithuba ngenxa yokuthi wena udlale ngalo. Lokhu kufaka phakathi imali yokufunda, ikakhulu lena evela kwaNSFAS. Lesi sikhwama semfundo esasungulw­a uHulumeni sidinga ukuthi kube khona abantu ababuyisel­a imali kuso uma sebefundil­e baqala basebenza.

Uma udlala ngethuba lemfundo kusho ukuthi lemali ofundiswe ngayo angeke yakwazi ukutholwa ngomunye umuntu ngoba wena udlale ngayo. Ubaba ongizalayo wangifundi­sa ukuthi amathuba ayabanjwa futhi ayabanjisi­swa ngoba awazi ukuthi ikusasa likuphethe­leni.

Indaba yokubamba amathuba njengomunt­u omusha ayigcini kwezemfund­o kuphela, kodwa ingena ezintweni eziningi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa