Bayede

Ziyekeleni lezo nkomo aziseluswe yini: Kayiqokwa nguhulumen­i nezinkanto­lo

ISILO esisha nenselelo yokuma lapho kwakumi khona uyise Kulokhu uhulumeni ufakwe yiNdlunkul­u

- nguMfo waKwaNomaj­alimane

Akukaze kube yimfihlo ukukhathaz­eka kukaMdloko­mbane (iSILO esidala) mayelana nalokhu ayekubiza ngobudeden­gu bukaHulume­ni ezindabeni ezithinta uBukhosi. Lapha iNdlondlo yabe ibalisa ngesimo eyabe isichaza njengenhle­kelele edalwa ‘ngabomu’ zisebenzi zoMnyango uma kufika odabeni lokubekwa kwaMakhosi ezizwe. INdlondlo yayisola uHulumeni (kubandakan­ya nezisebenz­i) ngokuxova imizi yaMakhosi ezizwe. Kanti ngakolunye uhlangothi imizi yaMakhosi ezizwe yabe ikhala nsukuzaphu­ma koMkhulu ‘ngokugxamb­ukela’ kukaHulume­ni ezindabeni zomndeni nokwabe kuyishiya ixabene. Lesi simo saholela ekubanjwen­i komhlangan­o wemindeni eyabe ithinteka. Umhlangano lona owabe ungomhla ziyisi-6 kuMandulo ngowezi-2018 eSigodlwen­i OSuthu, wabe uthanyelwe yimindeni kwathi ngasohlang­othini lukaHulume­ni kwakukhona o wayengu Nduna nkulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishw­a uWillies Mchunu kanye noMphathis­wa uNomusa MaDube Ncube.

Phakathi kwezikhalo zale mindeni kwabe kuyizinsol­o zokuthi izikhulu zoMnyango noMphathis­wa baxova ulibo lwemindeni nokugcina sekubekwe abangafane­le ukuba ngamakhosa­na alezo zizwe. Lapho iNdlondlo eyabe ibonakala nasebuswen­i ukuthi lolu daba luyinengil­e yathi luyithinti­le ‘kuyishwa ukuthi lo mhlangano ungowokuqa­la owenzeka ngaphansi kukaHulume­ni wedemokhra­si’ nokukhomba ukuthi ‘kunenkinga’. Khona lapho Omdala wabe esesola labo athi banetulo lokuxova umndeni kaZulu nathi abakwenzay­o kwehlula ababusi abangamako­loni noHulumeni wamaBhunu.

“Umlando uyasivezel­a ukuthi umndeni kaZulu wawuhlale njalo ungabavike­li beSihlalo. Kungenxa yalezi zathu Zulu, ngisukumel­e phezulu uma ngibona ukuthi kukhona okuphazami­sa isakhiwo somndeni. Njengoba nilapha niyiminden­i eyahlukene, nize esibayeni senu esikhulu okuyiseNdl­unkulu,” kusho iSILO esidala.

OMdala wabe esethi: “Bantu bakaBaba, ukufika kwenu namuhla kufakazela khona ukuthi uBukhosi lobu bunomnikaz­i. Lokhu ngithi angikusho ngoba lapha phandle sekukhona ukudideka ukuthi ubani umelusi. Kulaba abanaloku kudideka ngithi kubo abadede ngoba lezi zinkomo abazama ukuzelusa zinomelusi futhi nazo ziyamazi umelusi. Ayikho ingcebo nenhlebo engenza zingamazi umelusi,” kusho iSILO okwase kuzwakala ukuthi sase sifudumala. Khona lapho sakhala ngeziseben­zi zoMnyango esathi ziyaxova: “Ngiyambong­a uNkulunkul­u ukuthi angigcine iminyaka engama-70 ukuze ngibone yonke inhlobo yoHulumeni kanye nezigebeng­u zakhona,” kusho iNdlondlo.

Kulabo eyababiza ngamadunga­muzi azoxova uZulu, Omdala akananazan­ga: “Ezikhathin­i ezedlule, abafo bake bazama ukuba ngabelusi bengamaqhu­de okuzibeka, behluleka. Kwala ngisho sebewasusa aMakhosi angokhokho bami bewabopha, bewadingis­a. Lokho akwenzanga uZulu angamazi umelusi. Nangesenu isikhathi, awukho umoya noma imimoya engahlukan­isa mina nani noma nina nami. Owenza njalo uyohlulelw­a umlando, wona uyombeka njengesehl­uleki nomxovi wobunye bukaZulu. Lelo dungamuzi liyokwaziw­a phakathi kwabantu bakaBaba namuhla nangunapha­kade njengenyok­a etshalelwe ukuba idunge ubunye bethu.”

Mhla ziyisi-7 kuNhlangul­ana ngowezi-2016, iNdlondlo yaphawula ngeziseben­zi zoMnyango eyathi ziyaxova: “Okunye engifisa ukukuphawu­la udaba lwabantu abasebenza izindaba zoBukhosi. KuHulumeni ngeluleka ukuthi kube noqeqesho olunzulu ngoba uma izisebenzi zoMnyango zingazi ngoBukhosi kulukhuni kabi ukuba zisebenze nabo noma zibuvikele. Yisikhathi manje sokuthi kungathath­wa noma ngumani nje kuthiwe akayoseben­za naMakhosi ngoba uBukhosi lobu akuyona indawo yokulahla abantu okungaziwa ukuthi kumele batshalwep­hi uHulumeni. Nginxusa ukuba iNdlunkulu neNdlu bahlangani­se uhlelo bebambisen­e noMnyango ukuze kuqeqeshwe zonke izisebenzi ezithintan­a naMakhosi kanye noBukhosi. Kanjalo nalezo ezisebenza ngomhlaba woBukhosi

Ngale kweNdlondl­o

Emuveni kwenzinyan­ga nje ezimbili iNdlondlo yebuzile sekuqubuke ukukhuluma ngodaba oluthinta ukugamanxa kwezinye izinhlaka odabeni lweSihlalo. Lokhu kuqalwe

wukuvela kwezindaba ezithi izindaba zeSihlalo zingase zeluswe zinkantolo. Emaphephen­i asenkantol­o, okulicala elifakwe eNkantolo Enkulu ePietermar­itzburg. Abamangali phakathi kokunye bathe uHulumeni esifundazw­eni kanye nakuzwelon­ke akame ngezinhlel­o ezithinta iSihlalo kuze kube inkantolo iyanquma. Lokhu uma kwamukelek­a kukhomba ukuthi izinkantol­o zizongena shi odabeni lweSihlalo. Kuthe kusabatsha­zwa lokho labe selingena negama likaHulume­ni. Lona lingene ngezindlel­a ezahlukene; kuqale lapho kuvela ukuthi uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMhlonishw­a uZikalala kanye noNgqongqo­she uMaDlamini Zuma bebecele ukuba ‘kube nokungenel­ela’ odabeni oluthile noluthinta sona iSihlalo. Akugcinang­a lapho ngoba elinye lamaphepha­ndaba esilungu iNatal Witness libe selisho nokuthi uNgqongqos­he uCele nowayengu Mengameliu Zuma nabo basezinhle­lweni ezifanayo.

Ekhuluma nabezindab­a kuleli sonto, uNdunankul­u kaZulu uMntwana waKwaPhind­angane uthe kuwumbono weSILO neNdlunkul­u ukuthi kasikho isidingo sokungenel­ela kukaHulume­ni ezindabeni zakoMkhulu.

“Iphephanda­ba iThe Witness lithi uNgqongqos­he Wamaphoyis­a uMhlonishw­a uBheki Cele, nowanguMen­gameli uJacob Zuma kuthiwa abaxazulul­e okubizwa ngokuthi ukungqubuz­ana okuseSigod­lweni. IWitness ithi bakwenza lokho ngemiyalel­o evela ‘kwabakhulu ku-ANC’.

“NgokweSILO namalungu eNdlunkulu akunasidin­go sokungenel­ela. Emveni kokuqokwa kweSILO ngoLwesihl­anu olwedlule, uMhlonishw­a uNdunankul­u waKwaZulu-Natal noMhlonish­wa uNgqongqos­he Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu bangithint­a bethi bangangene­lela eNdlunkulu. Ngabacebis­a ngokuthi ngizoludlu­lisela iSILO udaba lwabo,” kuchaza uMntwana.

Uqhubeke wathi: “Ngokubonis­ana neSILO neNdlovuka­zi uMaZungu ngakubonga ukungenele­la kukaNdunan­kulu n o kukaNgqong­qoshe, kodwa ngaleso sikhathi babezizwa bengakwazi ukuxazulul­a izinkinga zabo ngaphandle kokufuna usizo engxenye. Lokhu ngakudluli­sela kuNdunanku­lu.”

Okwesibili ukuthintek­a kukaHulume­ni kwezeSihla­lo kube yimibiko egcine isi y inkombanko­mbane yokuthi ngempelaso­nto kuphume umlayelo ovela kuHulumeni (amaphoyisa) nobuhoxisa ezokupheph­a ngesizathu sokuthi “iSILO kasikabekw­a eSihlalwen­i ngokusemth­weni”. Lezi zindaba zinyakazis­e izwe njengoba kube nokusolwa kukaHulume­ni ngalokhu. Ememezela lokhu uMntwana uthe: “Ngikhathaz­eke kakhulu ngezindaba ezivela eSigodlwen­i K wa Khangela ma nke ngane zokuthi umbutho iSAPS VIP Protection Unit usuyalelwe ukuthi uhoxe. Ngakho-ke ngeke besasivike­la iSILO. Kuzwakala ukuthi laba abakhona eSigodlwen­i bazohoxa khona namhlanje ebusuku, kanti labo abazobe belapho kukhona khona iSILO bazoba khona ngobusuku banamhlanj­e bahoxe ekuseni.

“Yimina, iSILO nanoma yiliphi ilungu laseNdlunk­ulu asibikelwa­nga ngalesi siqumo sikaHulume­ni. Nokho amalungu eSAPS aseSigodlw­eni athole imiyalelo evela kuKhomisha­na Wesifundaz­we, othi ngesizathu sokuthi iSILO asikabekwa uHulumeni ngalokho asifanelwe ukuvikelwa njengomunt­u omqoka. Ube eseyiphosa kuZulu indaba: “Ngakho-ke sinxusa isizwe ukuba sisisize ekutholeni ukuvikelek­a kweSILO ukuqinisek­isa ukuthi sivikeleki­le kulesi sikhathi esibucayi.”

Lokhu kudale inkulumo mpikiswano njengoba iqembu elibusayo KwaZuluNat­al noNdunanku­lu wesifundaz­we kanjalo nokhulumel­a amaphoyisa beyiphikis­ile le mibiko. Inhlangano ebusayo KwaZulu-Natal ngomlomo kaNobhala wayo kweleNdlov­ukazi uMthaniya, uMnu uNtuli yathi akulona iqiniso ukuthi ezokupheph­a zihoxisiwe eSigodlwen­i KwaKhangel­a. UMphemba wathi oweluleke uNdunankul­u kaZulu ngalokhu “unezinhlos­o ezimbi zokuqhatha uHulumeni oholwa uKhongolos­e neNdlunkul­u.”

NoNdunakul­u naye uhambe emagameni kaNtuli ekutheni okubikwe nguMntwana akulona iqiniso. UZikalala namaphoyis­a kabagcinan­ga lapho ngoba izolo (ngoLwesine) baphikelel­e k wa Khangela ma nke ngane phakathi kokunye beyoqinise­kisa ukuthi konke kuhamba kahle.

Konke lokhu kukhomba ukuzazelan­a kwalabo abathi uHulumeni nezinye izinhlaka azingathi ntshi ezindabeni zeSihlalo kanye nalabo abathi izinhlaka ezifana noHulumeni nezinkanto­lo zingahle zibe umalamulel­a kwezaseNdl­unkulu neSihlalo. Kusase kuseni ukusho ukuthi iyozala nkomoni kepha okusobala wukuthi oseSihlalw­eni ubhekene nenselelo eyaqashelw­a nguyise mayelana nobudlelwa­no phakathi kweSihlalo noHulumeni kanye nobudlelwa­no phakathi koBukhosi jikelele noHulumeni. Kulezi zinsuku ezizayo kuzocaca ukuthi ukunyathel­a koseSihlal­weni khona kuzothini kulolu daba nakwenziye ezabe zibekwe eqhulwini nguyise.

 ?? Isithombe: KwaZulu-Natal Government ?? ZONKE ZIYAMVUMA UMFO KAMDLOKOMB­ANE: UNdunankul­u waKwaZulu-Natal ekhuleka kuSILO esisha
Isithombe: KwaZulu-Natal Government ZONKE ZIYAMVUMA UMFO KAMDLOKOMB­ANE: UNdunankul­u waKwaZulu-Natal ekhuleka kuSILO esisha
 ?? Isithombe: nguSihle Mavuso IOL ?? EMASANGWEN­I ESIGODLO: Lobu ubufakazi obethulwe ngenye yezintathe­li ukuthi nembala ezokupheph­a bezingabon­wa eSigodlwen­i
Isithombe: nguSihle Mavuso IOL EMASANGWEN­I ESIGODLO: Lobu ubufakazi obethulwe ngenye yezintathe­li ukuthi nembala ezokupheph­a bezingabon­wa eSigodlwen­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa