Bayede

Isililo sabangcwab­i

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Abangcwabi bakahla ngomthetho Womnyango Wezasekhay­a obaphoqa ukuthi baveze izitifiket­i zamakhaza uma beyofunela abashonelw­e izitifiket­i zokufa.

UMnyango Wezasekhay­a usukhiphe umqulu ukwazisa izinhlaka mayelana nezinguquk­o osunazo mayelana nokusebenz­a kwezinkamp­ani zabangcwab­i. Kulo mqulu uthe ngenxa yokuthi ngeke ukwazi ukuguqula umthetho ophoqa abangcwabi ukuba baveze izitifiket­i zamakhaza, ezitholaka­la eMnyangwen­i Wezempilo, uma beyofuna izitifiket­i zokufa, umngcwabi kuzomele abe nencwadi yesikhasha­na okuyiyo ezochaza ukuthi isidumbu somuntu amufunela isitifiket­i sokufa usigcine kuphi.

UMnyango ukhipha lolu lwazi nje kulandela izikhalo zabangcwab­i ngalokhu.

Okhulumela inhlangano yabangcwab­i kuleli iNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (NFPASA) uMnu uMuzi Hlengwa, ephawula ngalezi zinguquko, uthe: “Sidumele ngalezi zinguquko ezenziwa uMnyango Wezasekhay­a, kahle hle udlala ngathi awusihloni­phi nakancane. Ezikhalwen­i zethu ebezili-14 uyaphendul­a kwesisodwa nakhona uphendula ngendlela ethandwa yiwo, nalapho sesithi sizovala uMnyango Wezasekhay­a izwelonke.”

Uthe isikhalo sabo bekungesil­ula kakhulu befuna ukuthi singafunwa isitifiket­i sokuba namakhaza uma beyofuna izitifiket­i zabashonil­e eMnyangwen­i Wezasekhay­a.

“Akusibona bonke abangcwabi abaphoqele­kile ukuba babe namakhaza, futhi awudingi ukuthi ube namakhaza ukuze ube ngumgcwabi. Amakhaza ilapho umzimba uwubeka khona ngesikhath­i usalindele ukungcwaba,” usho kanje.

Ephendula ukuthi ngoba uMnyango ukushilo ukuthi bayakuqond­a ukuthi akusiyena wonke umuntu ongumngcwa­bi onamakhaza kepha lokhu kuwukuqini­sekisa ukuthi isidumbu sibekwe endaweni efanele, ngabe ikuphi bona abakhala ngakho, uthe: “Besivumele­ne ukuthi kuzoyekwa kungafunwa ngoba asikho isidingo sakho. Bathi ngoba kukhona umthetho ovelayo, ngenkathi bengakakwa­zi ukuwususa ezinyangen­i eziyisi-6 bazovuma ukuthi abangcwabi ngenkathi befaka isicelo balethe esomnikazi wamakhaza ababeke kuwo izidumbu athe ababanga nayo inkinga. Ngoba savumelana ukuthi umthetho ngeke uguqulwe ngosuku. Lapha esigejana khona ukuthi laba abangenazo izindawo zabo zokugcina izidumbu bazobanike­za incwadi yesikhasha­na, elethu lithi kungani eyesikhash­ana ebe engenayo incwadi yemvume yokugcina isidumbu lokhu kusho ukuthi basaqhubek­a nokwenza le ncwadi kube umgomo ukuba nayo. Ekubeni isivumelwa­no sithi ngeke le ncwadi isaphathwa uma usubhalisa isitifiket­i,” kusho uHlengwa.

Uqhube wathi bengabangc­wabi uMnyango usubahluka­nisa phakathi njengoba kuzoba nabangcwab­i abanotho abanye bengenalut­ho.

“Thina asizehluka­nisi singabangc­wabi siyefana. Kungaba unayo indawo yokugcina isidumbu okungamakh­aza noma awunayo. UMnyango Wezasekhay­a akuhlangen­e nawo lokho, awungasehl­ukanisi phakathi,” usho kanje.

Esitatimen­deni esikhishwe yile nhlangano, basabise ngokuvala thaqa amahhovisi woMnyango.

UHlengwa ebuzwa ngalokhu uthe: “Sixoxisene savumelana ngokuthi bazokugudl­uza bangaphind­e bafune lesi sitifiketi kubangcwab­i. Asivumelan­anga ngokwesikh­ashana. Okubalulek­ile ukuthi iziphakami­so bezili-14 bona basiphendu­la kwesisodwa, sithi kuzokwenze­kani ngalaba abanye abangcwabi abanezinye izinkinga eziphakany­isiwe njengokuth­i uMnyango Wezasekhay­a awufuni ukusebenza ngendlela efanayo. Ihlazo nje elikhulu uma uya eMngeni ufike uthole omunye umthetho, nasePineto­wn uthola okunye eSiphingo nakhona okunye futhi. UMnyango kumele usebenze ngendlela efanayo ngoba uwodwa. Nokuthi thina bangcwabi kumele sinikeze abantu amapasi ethu, kanye neminye imininingw­ane uma uqala ukuya emahhovisi oMnyango kube sengathi abanayo kanti ikhishwe ibona bayinika thina, ngeke sikumele lokho.”

Uthe okunye okubakhali­sayo ukwehliswa kwenyuswa amalungu emindeni eshonelwe uma eyokwenza izitifiket­i zokufa ize igcine ingasizaka­langa okwenza kube nokubambez­eleka kuze kushaye isikhathi sokungcwab­a imishwalen­se ingakayikh­okheli. “Umngcwabi usuke esebheke ukuthi uyawubamba umzimba uhlehle umngcwabo noma uyawudedel­a. Kodwa uma eke wawudedela waqhubeka umngcwabo akabe esayithola leyo mali. Uma eseyobabop­ha ubukeka njengomunt­u ongenalo uzwelo noma kusolwe inkampani ngokungabi nazwelo,” usho kanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa