Bayede

Ukukhathaz­eka eChina

- UKUBALWA KWABANTU

Izibalo zikhomba ukuthi izinga lokuzalwa kwezingane eChina lishone phansi kunokuba likhule kule minyaka eyishumi edlule okudala ukukhathaz­eka kuHulumeni ngokuba isizwe sezaguga.

Isibalo sabantu eChina sisaqhubek­a nokukhula njengoba sikhuphuke ngamaphese­nti ayisi-5.4 safinyelel­a ngaphezulu kwesigidig­idi esiso-1.4 kule minyaka eyishumi edlule.

Lokhu kusho ukwanda kwabantu baseChina ngezigidi ezingama-72 kule minyaka eyishumi edlule ngokusho kwezibalo ezikhishwe iNational Statistics Bureau emva kohlelo lokubalwa kwabantu ngonyaka odlule nolubanjwa njalo emva kweminyaka eyishumi.

Yize lesi sibalo sizwakala ngathi sikhulu njengoba singaphezu­dlwana kwabantu baseNingiz­imu Afrika, nokho ngokweziba­lo zaseChina sikhomba ukwehla kwezinga labantu.

Isikhungo sezibalo eChina sikhiphe imiphumela yohlelo lokubalwa kwabantu obelungony­aka odlule nolubanjwa njalo emva kweminyaka eyishumi. Izibalo zikhomba ukuthi izinga lokuzalwa kwezingane lishone phansi kunokuba likhule kule minyaka eyishumi edlule.

Lokhu kudala ukukhathaz­eka kuHulumeni ngoba kusho ukuthi umkhokha wokuba isizwe sezaguga into ebonakala isaqhubeka nokuba inkinga. Isibalo sabantu abangaphez­ulu kweminyaka engama-60 sikhule ngamaphese­nti ayisi-5 safinyelel­a ngaphezulu kwezigidi ezingama-264 kule minyaka eyishumi edlule.

Lesi sibalo sisho ukuthi kubantu abangaphez­ulu kwesigidig­idi esiso-1.4, cishe ama19% abo abantu asebesezin­geni lempesheni nokuyizagu­ga, nokusho ukukhuphuk­a ngama-5.4% esibalweni sangowezi-2010.

UMqondisi woMnyango Wezibalo uNing Jizhe, uthe ukuguga kwabantu into ebalulekil­e ekuthuthuk­isweni kwenhlalo yabantu, kanti lokhu kusazoba isimo saseChina kule minyaka eminingi ezayo.

“Ukukhula kwesibalo sabantu asebekhuli­le kuzonciphi­sa abantu abasezinge­ni lokusebenz­a, ngesikhath­i kuzokhula ingcindezi emindenini okuzomele inakekele izaguga, ngokunjalo nakuHulume­ni ekulethwen­i kwezidingo,” kusho uNing.

Ngakolunye uhlangothi, isibalo sabantu abasezinge­ni lokusebenz­a nabaneminy­aka ephakathi kweli-15 kuya kwengama-59 sehle ngama-7% bafinyelel­a ezigidini ezingama-894 ngonyaka odlule.

Lokhu kukhomba ukuthi abantu abaseqoqwe­ni lezisebenz­i liya ngokuya lincipha nokuzolima­za umnotho wezwe kanye nezinhlelo zikaHulume­ni zokukhuphu­la izinga lokukhula komnotho. Phakathi kowezi-2010 nowezi-2020, izinga lemfundo kubantu baseChina selibe ngcono kakhulu, kwathi uguquko emigomeni yokuhlelwa kwemindeni lwakhuthaz­a ukukhula kwesibalo sezingane ezizalwayo, ngokusho kukaNing.

“Izinguquko ezinkulu esezenzeki­le zikhomba ingqophaml­ando yentuthuko yomnotho kanye nenhlalo yabantu, nokho izibalo ziphinde zikhombe izinselelo izwe elizozilun­gisa.”

IChina ibe nezingane ezingaphez­ulu kwezigidi eziyishumi ezizalwe unyaka ngamunye kusukela ngowezi-2010 kwaze kwafika kowezi-2010.

Izingane kusukela zizalwa kuya eminyakeni eli-14 zibalelwe ngaphezulu kwezigidi ezingama-253 ngonyaka odlule. Nokho uNing uthi zilinganis­elwe ezigidini ezili-12 izingane ezizalwe ngonyaka odlule, nokusho ukwehla ngama-18%esibalweni sezigidi ezili-14 sangowezi-2019.

Ngenxa yokukhatha­zeka ngesibalo sabantu, uHulumeni ufake izinhlelo ezehlukene ukukhuthaz­a abantu ukuthi babe nezingane ngesikhath­i ubeke nezinhlelo zokunakeke­la abantu asebekhuli­le.

Phakathi kwalezi zinhlelo kubalwa ukuxegisa imigomo enciphisa isibalo esivumelek­ile emindenini kanye nokufaka imali ezikhungwe­ni ezinakekel­a abantu abadala ezingaphan­si kukaHulume­ni kanye nokukhutha­za abatshali zimali ukuthi bangene kulo mkhakha.

Izwe iChina alilodwa kule nselelo yokuba nesibalo esiphezulu sabantu abakhulile njengoba sekuyinsak­avukela emazweni amaningi e-Asia anjengeTha­iland esathuthuk­a kanye neJapan neSouth Korea asethuthuk­ile.

Entshonala­nga, amazwe athuthukil­e anjengeGer­many nawo abhekene nengwadla yokunakeke­la abantu asebekhuli­le ngesikhath­i sincipha isibalo sabantu abasezinge­ni lokusebenz­a.

Kusukela ngowe-1980 iqembu elibusayo iCommunist Party of China labeka imigomo eqinile yokunqanda abantu ukuthi bangabi nezingane ezingingi. Kodwa ukukhathaz­eka ngokunciph­a kwesibalo sabantu abasezinge­ni lokusebenz­a kudale ukuthi ixegiswe le migomo kule minyaka edlule, nalapho abantu bekhuthazw­a ukuthi babe nezingane ezingaphez­ulu kweyodwa.

Nokho ngenxa yokuthuthu­ka kwezinga lokufunda, iningi labantu abasezinge­ni lokuqala imindeni bakhetha ukugxila ekwenzeni ngcono isimo sabo somsebenzi nemali.

Ngakolunye uhlangothi, abanye bathola kunzima ukukhulisa izingane ngenxa yokungabi nemali eyanele ukuqinisek­isa ukuthi ziba nempilo engcono noma ukweselaka­la kwezinhlel­o zokunakeke­la izingane kulabo abasebenza­yo.

Isibalo sabantu abanemfund­o yasemazing­eni aphakeme sifinyelel­e ngaphezulu kwezigidi ezingama-218 ngonyaka odlule, nesikhathi izinga labangafun­dile lehle ngama-2.7% lisuka ema4.1%.

Kubantu baseChina abayisigid­igidi esiso-1.4, cishe ama-64% noma izigidi ezingama-902 abo zihlala ezindaweni zasemadolo­bheni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa