Bayede

Ithemba ngomnotho

-

Umbiko wakamuva weNhlangan­o Yezizwe uqagula ukuthi ukukhula kahle komnotho waseChina nowaseUSA kuzosiza ukufukula izinga lokukhula komnotho womhlaba.

Umbiko wakamuva weNhlangan­o Yezizwe uqagula ukuthi ukukhula kahle komnotho waseChina nowase-USA kuzosiza ukufukula izinga lokukhula komnotho womhlaba.

IDepartmen­t of Social Affairs (DESO) engaphansi kwe-UN ikhiphe umbiko waphakathi nonyaka nobuyekezi­we iWorld Economic Situation and Prospects 2021, nocubungul­a isimo somnotho emhlabeni kanye nokulindel­ekile.

Emveni kokuqagela kokuqala ukukhula okusezinge­ni elingama-5.4% ngoMasinga­na, umbiko obuyekeziw­e usuthi umnotho womhlaba uzokhula ngama-4.7%.

Ngesikhath­i uzokhula ngezinga elincomeka­yo umnotho womhlaba, izinga labantu abanokhuve­the kanye nokungatho­lakali kalula kwamigomo yizona zinto ezizodala ukuthi kusabalale ngokushesh­a ukugonywa kwabantu.

Kubhekeke ukuthi umnotho waseChina ukhule ngama-8.2% kulo nyaka, kanti owase-USA kuthiwa uzokhula ngama-6.2%.

Umbiko uthi kusakude kakhulu ukuthi amazwe amaningi angaba sesimweni sokuthi anganqoba ukhuvethe.

Umbiko uthi amazwe asathuthuk­a kubhekeke ukuthi umnotho wawo ubencikinc­iki kuze kube owezi-2022 noma owezi-2023.

“Ukushesha kokufakwa kwezindlel­a zokunqanda ukusabalal­a kwegciwane lokhuvethe kusho ukukhula komnotho,” kuqhuba umbiko womnotho.

Njengamanj­e izinhlelo okuhlinzek­wa ngazo amazwe zingasiza ukufukula abantu abakhunget­hwe ububha.

Ubhubhane ukhuvethe selufake abantu abalingani­selwa ezigidini ezili-114 ezimweni ezinzima zobubha, kanti izigidi ezingama-58 zabantu abesifazan­e kanye nezingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa