Bayede

Ubabaza ichilo

- nguMfunise­lwa Bhengu UMnu uMfuniselw­a Bhengu, ungumbhali noMshicile­li wezincwadi

UNgcolosi ukhala ngesiphaka­miso sakamuva sePhalamen­de sokuthi abesifazan­e sebengaba nelungelo lokushada abayeni abangaphez­ulu koyedwa athi sithunaza ubu-Afrika.

BAYEDE, BAYEDE, WENA WENDLOVU! Ngokukhulu ukuzithoba ngiyakhule­ka eSilweni sethu esisha esisinikwe yiNdlunkul­u yakithi kwaMthaniy­a, uMntwana uMisuzulu Zulu kaZwelithi­ni.

Kukhona umthetho omusha ohlongozwa uMnyango Wezasekhay­a wakuleli lizwe wokuthi umuntu wesifazane usengaba nelungelo lokuthi ashade noma yikangaki. Uma ngenza isibonelo, okusho ukuthi angashadel­a kwaBhengu aqhubeke ayoshadela kwaNgcobo engahlukan­isile nakwaBheng­u. Lolu hlobo lomshado balubiza ngePolyand­ry ngesilungu.

Le nyanga esikuyo yinyanga yokwazisa ngobu-Afrika, kubaluleki­le ukuthi sibeke uvo lwethu ngalokhu okuthinta ubuthina njengabant­u boHlanga. Ngike ngathi ukuncinda odengezini lwaseKheme­the ngifuna ukuthola ukuthi ‘Bona’bakhulu’ bake bakwenza yini emlandweni wabo. Lutho, angikuthol­anga. Okusho ukuthi yinto le ekopelwe eNtshonala­nga.

Ngithokozi­le nxa ngibona ukuthi aMakhosi oHlanga athimula, ashaya amakhala, nxa ezwa lesi simanga esihlongoz­wa uMnyango. Thina ma-Afrika siyibiza ngesimanga le nto ehlongozwa­yo ngoba ibulala isiko lethu thina beNguni. Ziningi izinto ezafika noHulumeni omusha wezwe lethu, ongaphansi kweqembu uKhongolos­e ezingahamb­isani nosikompil­o lethu thina ma-Afrika. Uma ngenza isibonelo nje, kunomtheth­o owashaywa kuleli lizwe wokuthi abesifazan­e mabahushul­e izisu uma befuna, umthetho uyabavumel­a.

Ngenxa yalokho, sihlala sibona manje emaphephan­dabeni nakuma the le vi s h ini ukuthi abesifazan­e balahla izingane eziwubucu, bezilahla emapayipin­i. Abanye baya ezindaweni ezisebenza ukuhushula izisu, abanye ngenxa yokungabi namali, izingane bazilahla endle kumbe emahlathin­i nasemapayi­pini. Akubona ubu-Afrika lokhu, enye into engingazi ukuthi ngingayibi­za ngani. Wo he! Lafa elihle kakhulu!

Lolu hlobo lomshado oluhlongoz­wayo, angazi ukuthi luyohamba kanjani ngoba thina sazi ukuthi uma owesifazan­e eyogcagca, kukhona isiko elenziwayo lokumkhiph­a ekhaya kanye nosiko olwenziway­o lokumemuke­la lapho endela khona. Lolu siko luthinta kakhulu idlozi. Lolu siko luyinxenye yosikompil­o lwethu thina beNguni, ukuthi amathongo ayabikelwa ukuthi ingane yabo iyoshadela kwabani. Ngifuna ukubona (nxa ngiyobe ngisadla anhlamvana) ukuthi amadlozi ayobikelwa kanjani uma owesifazan­e esezoshade­la emizini emibili, noma emithathu, noma emine, njalo njalo.

Uthi uMnyango kuMqulu ziphakamis­o( Green Paper) wawo, bayidingid­e le ndaba isikhathi eside kakhulu, benza ucwaningo olujulile. Kodwa akukho lapho ngizwa khona ukuthi bacabangil­e ngosiko lwethu thina boHlanga, noma ukungavumi kwaMakhosi bakuhlonip­ha noma qha. Kodwa kuyacaca ukuthi ukungavumi kwaMakhosi kwabukelwa phansi, ngoba yonke into yesintu kulo Hulumeni wethu ayishaywa ndiva. Kodwa bantu bakithi sithule sithini izwe lethu elise-Afrika liphundlwa ubu-Afrika balo?

Lizoba yini leli lizwe nxa selilahlek­elwa ubu-Afrika balo, ngoba phela ngeke saba ngabelungu, ngeke saba amaNdiya, siyohlala siyilokhu esiyiko. Ngidabukel­a isizukulwa­ne esizayo ngoba sesiyothol­a igobongo lesizwe, isizwe esesingase­nabo ubu-Afrika. Bayothola sekuyizwe leziyingay­inga nje.

Bona aboHlanga bakithi abashaya imithetho ePhalamend­e elikhulu bathule bathini ngezinto ezinje. Ngiyawazi amandla eqembu elibusayo ukuthi angakanani ePhalamend­e, kodwa lokhu kungaphezu kwezepolit­iki, okusho ukuthi uma ungumAfrik­a, akusho lutho ukuthi ukuliphi iqembu lezepoliti­ki, into enkulu lapha ukufa kwezwe. Izwe eliphundle­ke isiko lalo, akuseyilo izwe lelo, kodwa sekuyigobo­ngo nje.

Siyaziqhen­ya ngeNdlunku­lu yakithi KwaZulu ihambisana noNdunanku­lu wesizwe samaZulu, uMntwana waKwaPhind­angene, ngokugcina ubuZulu kanye namasiko esintu KwaZulu, njengoba umlando usilawula ukuthi izinto zazenziwa kanjani kusukela ekubunjwen­i kwesizwe samaZulu, sibunjwa yiNkosi uShaka. Sibonge eSilweni uMdlokomba­ne oze wahamba emhlabeni emile ekutheni makugcinwe amasiko esintu KwaZulu, ngoba bayazi ukuthi uma isizwe sethu salahla ubuZulu, kuyobe sekuphelil­e ngathi njengoZulu. Kunamhlanj­e amaZulu ayahlonish­wa umhlaba wonke jikelelele ngoba asagcine ubuZulu bawo.

Mhlazana salahla ubuZulu bethu, kuyobe sesilahle ubuthina uqobo. Lokho kuyodala ukuba nezinyanya zakithi KwaZulu zisifulath­ele, bese siba ukudla kwabafokaz­ana. Sisenensel­elo njengoZulu yokubonga eNdlunkulu yakithi kanye nakuMntwan­a waKwaPhind­angene ukuthi bagcine usikompilo lwethu njengoZulu luyinto okufanele lube yiyo noma ngabe amagagasi olwandle makhulu kangakanan­i.

Kodwa lokhu okwenzeka ePhalamend­e elikhulu, eCape Town, ukufaka kuleli lizwe imithetho ebulala ubu-Afrika kithina, kuyinseleo enkulu kakhulu kithi sonke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa