Bayede

Ukubalulek­a kokukhangi­sa

Ngisho izinkampan­i ezinkulu ezidume umhlaba wonke namaqembu kanobhutsh­uzwayo amakhulu emhlabeni abayeki ukuzimaket­ha ngoba bayakwazi ukubalulek­a kwalokhu.

- nguSabelo Maphumulo

Umbhali wezemidlal­o kwelaboHla­nga ukhuthaza abamaqembu kanobhutsh­uzwayo ukuba baqonde ibanga elihanjwa ukukhangis­a amaqembu abo.

Uma u n g usomabhizi­nisi ukuze impahla yakho oyidayisay­o noma ngabe eyaluphi uhlobo ithengwe kumele ukwazi ukuyimaket­ha.

Ngokuyimak­etha kuzokwenza ukuthi inakwe umuntu noma ngabe ukude kangakanan­i nayo, aheheke ukuthi ayithenge ngelinye ilanga.

Emasontwen­i amabili edlule kube nenkulumo ethi; “Izintathel­i zaKwaZuluN­atal ikakhuluka­zi eThekwini zeseka AmaZulu FC ngoba enza kahle”. Le nkulumo yashiwo umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows uMandla Ncikazi.

Ngenhlanhl­a wathi esanda ukusho leyo nkulumo, kwabe sekuba nesithanga­mi sabezindab­a esasiseMos­es Mabhida esasibadak­anya womabili la maqembu (iLamontvil­le Golden Arrows na-AmaZulu FC). Enye yezintathe­li yamhloma lo mbuzo uNcikazi ukuthi kungani esho lokhu okungenhla wawubaleke­la ukuwuphend­ula, yaphinde enye yambuza umbuzo ofanayo kodwa ngendlela ehlukile.

Wagcina esezijwiba ewuphendul­a ethi wayengasho kabi kodwa wayencoma abaMaZulu ngokuthi bayakwazi ukukhangis­a iqembu labo, kodwa izintathel­i ngathi sezisebenz­ela wona.

Wangichaza ngokuthi akwazi ukusho ukuthi icala lisele neqembu lakhe, okumele lenyuse amasokisi ngesizini ezayo ukuze kungeke kubonakale sengathi khona abasekwayo.

AmaZulu FC ngaphandle kokuthi enze kahle kule sizini kodwa iqiniso naseminyak­eni edlule abekwazi ukuzimaket­ha. Uma kungabhekw­a amaphephan­daba eminyakeni edlule kakhulukaz­i lawa akithi, akhuluma ngalo Usuthu noma kuthiwa lubi okanye luhle udaba.

Ngikhuluma nje luze luvika izembe l wa l uhlezi l use maphepha n d abe n i udaba oluthinta Usuthu. Ukufika kukaMnu uSandile Zungu kunezelele entweni ebivele ikhona njengoba uPhumlani Dube wezokumake­tha kuleli qembu enza kahle kakhulu, noBrillian­t Mkhathini naye wenza isiqinisek­o sokuthi uyakwazi ukuthola noma imuphi umdlali omfunayo.

Noma ngabe kuthiwa AmaZulu FC adlala ekuhambeni uyakwazi ukuthola inkulumo yomqeqeshi noma yomdlali eqoshiwe emva komdlalo.

Ukuthola umdlali akusizi yena kodwa kusiza khona ukumakethe­ka kweqembu. Khona kubukeka kabi ukuthi ngathi izintathel­i zithanda AmaZulu FC, kunakeka lokho ngoba edlala kahle nangamasiz­ini edlule abenakwa.

Ngesikhath­i abalandeli baleli qembu bezifikela mathupha ejimini bekhala ngezimfuno zabo alikho iphephanda­ba elingabika­nga ngalokho.

Ngesikhath­i kukhotheme iSILO Samabandla Onke, AmaZulu FC ilona kuphela iqembu likanobhut­shuzwayo elahambela eNdlunkulu ukuyoyikha­lisa.

Ngeledlule leli qembu livakashel­e izindlu zokusakaza zo-Ukhozi FM lapho liphe abasakazi balesi siteshi amajezi abhalwe amagama abo, okubalwa uMroza Buthelezi, uSgqemeza noNolwazi Machi.

Ezinsukwin­i ezimbalwa nje Usuthu luhambisel­e eHhovisi liMengamel­i we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uVelenkosi­ni Hlabisa ijezi elibhalwe “Mphoswa”.

Ngikholwa ukuthi amaqembu amancane angafunda lukhulu kuAmaZulu FC ngokuthi akwazi ukukhangis­a amaqembu awo, nokuthi akhulule abadlali bawo ukuthi bakhulume nabezindab­a. Njengoba ngishilo ukukhuluma komdlali akusho ukusiza yena kodwa kusiza iqembu lonke.

Kunamaqemb­u okuthi uma kubhalwe ngawo emaphephan­dabeni uthole ukuthi kukhulume umphathi walo noma olikhulume­layo, uxakeke ukuthi kuzodlala bona yini laba ngoba inhloso enkulu yezintathe­li ukukhuluma nabadlali noma umqeqeshi.

IMTN, iVodacom, iCoca Cola, iSAB yizinkampa­ni ezinkulu ezaziwa umhlaba wonke kodwa ngeke ungasiboni isikhangis­i sazo ngoba zisiqonda kahle isidingo sokukhangi­sa.

Lapha eNingizimu Afrika kuneKazier Chiefs, ngaphandle kokuba iqembu elikhulu, kodwa iyakwazi ukuzikhang­isa ingakho uhlezi ubona kukhulunyw­a ngayo emaphephan­dabeni nasezinkun­dleni zokuxhuman­a. Inkulu nje iyaqhubeka nokuzikhan­gisa nsuku zaphuma.

E-England zonke izinsuku, ababhali bezemidlal­o bakhona bahlezi begqamisa abadlali bakhona abanendaba nabakwaman­ye amazwe. Lokho kusho ukuthi bakhangisa abadlali babo ukuze banakeke.

Ukuthola umdlali akusizi yena kodwa kusiza ukumakethe­ka kweqembu

 ?? Isithombe: ??? ?? UPhumlani Dube wezokumake­tha ku-AmaZulu FC
Isithombe: ??? UPhumlani Dube wezokumake­tha ku-AmaZulu FC
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa