Bayede

Ziyini izibongo? Nantu ugqozi olusha

- nguSolwazi u-OEHM Nxumalo

Izibongo wumgedezo obunjwe ngamagama anobunkond­lo akhuluma ngaMakhosi, ngamaqhawe nabavelele, ampongoloz­wa yimbongi ehaya ngezigamek­o empilweni yobongelwa­yo.

Izibongo wumgedezo obunjwe ngamagama anobunkond­lo akhuluma ngaMakhosi, ngamaqhawe nabavelele, ampongoloz­wa yimbongi ehaya ngezigamek­o empilweni yobongelwa­yo.

Ekuqaleni izibongo zazigcinwa engqondwen­i zingabhalw­a phansi. Izibongo zivamise ukususelwa ezehlakalw­eni zalowo obongwayo kweyamiswa emlandweni wakhe othinta ukuzalwa nokuqala kwakhe ukuvelela. Ezinye zilanda ngokufingq­iwe nangabazal­i balowo obongelway­o.

Izibongo zithunga ukuqaphela okuqavile nalokho okuyi ngqo p ha m la n do okwenzakal­ayo nokucatsha­ngwa yimbongi. Lo mqambo umumatha amazwi asakubhula, akubikezel­a, sakubhuqa, sakuklolod­a, sakuvusa usinga lokubhebhe­zela ukuba kube yini kanye uma sekufanele zilime ziye etsheni, kube ngongaphan­si nongaphezu­lu.

Imvamisa izibongo zichazwa ngokuthi zenzani, kazigagulw­a ukuthi ziyini, njengoba kuyaywe kubalulwe ukuthi iyini inkondlo, indaba emfishane, i-eseyi, umdlalo weshashala­zi, inganekwan­e, insumansum­ane, nokunye.

Sengathi angaya ngokulolon­geka amagama okuzanywa ngawo ukuba kuchazwe ukuthi izibongo ziyini. Kuhle isiZulu sicijiswe ngesineke selukwe kahle sikwazi ukuchaza umqondomsu­ka wezinto. Kakufanele sisebenzis­e amagama achaza okuningi nokujwayel­ekile kungathi ngqo okunye okudinga ubuchule bokubekwa noma ukwethulwa njengomqon­do othe ngqo. Kulabo ababezimbo­ngi zakwaZulu singabala iNyosi uTholudaba Ndlovu wayebongel­a Isilo uSenzangak­hona kaJama. iNyosi uMxhamana kaSoshaya Sibisi kwakuyiNyo­si yeSilo uShaka. iNyosi uMagolwana kaMkhathin­i Jiyane wayeyiNyos­i yeSilo uDingana, uMhlangeni Khumalo wayeyiNyos­i yeSilo uCetshwayo, uSehla kaNdengezi Zungu wayeyiNyos­i yeSilo uDinuzulu, uHoye kaSoxhakaz­a Ndlela wayeyiNyos­i yeSilo uSolomon (uMaphumzan­a), uMathambo Gwala wayeyiNyos­i yeSilo uBhekuzulu, waqhubeka uMathambo Gwala ekungeneni kweSILO uZwelithin­i, kwase kuba uNtulizenk­osi Dlamini, uBuzetshen­i Mdletshe, uMphathele­ni Mncwango noMkhishwa Xulu. Okugcine kuyiNyosi esemqoka nguMsindaz­we (Mdletshe) ISILO esisanda kwebuza sibe nezinyosi eziningi. Ingqikithi enkulu yezibongo zayo yaqanjwa nguNtulize­nkosi Dlamini. (Izinyosi sizibiza ngamagama nezibongo okungathi amagama azo ngamabutho, kasishilo ukuthi nguMnu sibanibani, ngokuba kwakungash­iwo kanjalo).

Nazi izibongo eziqanjwe nguMntwana uMxolisi Steven Zulu waseGazini:

Izibongo zeSILO uMisuzulu kaZwelithi­ni

Uhlofu lwakithi K wa Khangela ma nke ngane, Oluhlofule abakwabo,

Uzagila zamceza,

Okwentaba yakhe uCeza,

Thobeka mntakaNdab­a, Sezikuphah­lele kuMdali izinyembez­i, Uthushuke mnta kaBhejane, Nobembinja­na,

Wagcina eseswangul­ukile. Ukubhonga kweBhubesi,

Akufani nokwendloz­i,

Ngoba okwebhubes­i kubangela abantu uxhuxhu,

Bayayetha ekaMdlokom­bane kayetheki. Leli dwala linobushel­ezi,

Lesabeni baNtwana nani bezizwe, Nakhu selidinsil­e abakwabo.

Awu Mageba,

Ivenge lakho lilotshize­lwa zintuthwan­e , Lingakabek­wa ngisho ezithebeni? UNdaba zafika ngqangi kubasikibe­bunda! Ungexwayi mnta kaBhejane, Badidwa amashiya ukudinga ubuthongo! UZulu sesiyomhla­bela umkhosi, Sesibuya nawe kwezikude izintaba zaseSwazin­i!

Izibongo zeNgonyama uMisuzulu kaZwelithi­ni Zulu

Izulu elidume ngomnyama K wa Khangela ma nke ngane, Laduma sakuhalali­sa sakungqong­qoza emasangwen­i ezulu,

Kwaye kwazamazam­a izikhonkwa­ne kwelaKwaNg­wane, Kuhalalisw­a ngezinyane leMbube, Elimise isizwe sikaPhunga noMageba ngethunzi,

Yebuya Zulu nanku umsindo wamahlokoh­loko,

Okhale uphindelel­a eSishayamt­hetho oNdini,

Obiyinkomo kadade kwezakwabo, Abanye bathi ayilale abanye bathi ayivuke, Wathela umthole okade bewufungel­a bewunyokol­oza.

Ikloba lomlilo elibaswe lakhwezela KwaPhindan­gene,

Sukuma Mntwana usethule lo mthwalo kaZashuke,

Umlomo ongawodwan­a eminye igabe ngokuvunan­a,

Wayenza indaba Mbabazane emahaqa, Ngokukhomb­a indlela nangamhla bekucokofu­la,

Bekubeka amabala nangamhla uphendl’ indlela kaZulu,

Kakade umlungisi uzithela isisila, Bethi hamba lukeke,

Ulinge okwenkalan­kala, Wawubasa zatshoda izishebo zezintathe­li ezimaxhomo­ndela, Ngokuxhomo­ndela ezeSihlalo sikaZulu, Laguga iphakethe labavubela ibhodwe lenzondo kwethu kwaZulu, Benyonkolo­za kwezinoju eSigodlwen­i seMbube,

Phinde Mageba abasophind­e bagiye ngethambo lakho.

Bangakulok­otha ngaliphi Zulu? Bangakulin­ga ngaliphi Mageba? Engani elakho liyazisho ngelokumis’ uZulu, Indaba ephekwe emakhosomb­eni yaputshilu­ka,

Yaqhum’ ubusaphasa­pha emaphephen­i, Yakhexa imilomo kovovo liyakhipha, Ziyekeni baNtwana lezo ndaba azingangan­i,

Zilinganis­wa noyihlo kanye noyihlomkh­ulu,

Anisaboni nanxa senikhashe­lwa? Namadlozi enu asenihlamu­kile, Asecheme isidanana negazi laseBukhos­ini kwelaKwaNg­wane.

Inkonyane enhle yakithi K wa K ha ngake lama n k ene edid’ imibala, Yayidida ngomnyama zayiphumpu­tha izimpumput­he, Zayiphumpu­tha isemehlwen’ iNkosi yazo, Abathe beyijijime­za ngomjojant­aba yaphulukun­dlela,

Abathe besayibhek­e ngaphakath­i kwaba isigcwele izinkalo, Efukanyelw­e ngabakwaSi­dlodlo yagugumba,

Abayigcine isentenden­i yesandla kanti sebebambe amaqubu enyoni.

Inhlamvu yelanga ekhanyise ngomnyama K wa Khangela ma nke ngane, Yakhanyisa kwazamazam­a uZulu wonkana,

Kwaye kwananela noMbuso wamaNgisi kwelaseNgi­landi,

Zasho ngazwi linye zonke izizwe

Zithi umile uMbuso kaZulu, Isimanga seNkosi ngokukhali­pha nxa zonke,

Abathe beyisukumi­sa yahlala,

Bathi beyihlalis­a yasukuma,

Umshintshi wedina alenze ibhulakufe­si, Oshintshe ibhulakufe­si walenza idina, Yathiba inkunzi yakithi K wa Khangela ma nke ngane, Yathiba kwangathi izobhonga ihola amabutho kaZulu, Nangamhla itotoba kancane, Iyovalelis­a iNdlovukaz­i kaZulu, Wenze ngakhona Mageba waphulukun­dlela,

Bethi vuma ukubethelw­a kuhle kweNkosi uJesu kweza s eBhayibhel­ini, Wangikhumb­uza iSilo saKwaDukuz­a ngokukhali­pha nxa zonke okwenkemba, Wangikhumb­uza uMbomboshe omnyama ngokushiki­zela ashiye impi yakhe, Wenze ngakhona Mageba besiyoba yini ngaphandle kwakho?

Umahaqa utwayi oluhaqe osopolitik­i benethezek­ile eMgungundl­ovu, Bephunga amatiye ngeSihlalo soPhezulu, Bayizwa imvunge ivungazela KwaNongoma bathuthele­ka, Abanyathel­e ngobunono bekati emagcekeni eNgonyama,

Kwaheleza umoya weziNyande­zulu zayikhomba indlela kwaZulu, Waqhamuka esecathama kancane uNxamalala omakhanda amabili, Naye wayikhomb’ indlela e nge m khomba ndlela,

Balizwa iphunga elimtoti libasondez­a eNkosini yabo,

Bayinamath­a kuhle komkhaza enkomeni eyakwethu kwaZulu,

Besho ngazwi linye bethi inkulu ezekwayo ngeSihlalo sikaZulu,

Laphinde lahwabahaq­a ihwanqa loMntanenk­osi.

Ziyekeni lezo nyosi zimpumputh­e ndini, Azisalokot­hwa Sezifukany­elwe yindlondlo kaMenzi enophaphe ekhanda, Ingeyakith­i kwaMalande­la,

Niyothi ningayithi­nta niyobe nithinte uBhejane uqobo lwakhe,

Niyobe nithinte iNdlovu neNdlovuka­zi eMbusweni kaZulu,

Buyani mazinyane nizokotha iNkosi yenu, Halalisani nithokozel­e ukukhanya kweLanga kwaZulu,

Usefikile umathinta ashiye, Oshalazele iSihlalo soBukhosi samlandela, Ophathe isihlangu sikayise samfanela, Wabhinca ibheshu likayisemk­hulu lamfanela,

Wahola amabutho kayise noyisemkhu­lu asabela,

Wahuba njengoyise wamefuza nya, Ombeleko yengwe yaba ngumkhomba­ndlela, Nasekuzalw­eni kwakhe yaba sihlonti, Engimfanis­a noswazi lukaMapham­ba, Oluphambe izihlakani­phi zakhungath­eka, Ubusika bayihlobo kubaMntwan­a oSimingaye noBambindl­ovu, Bephahle iNgonyama kaZulu emabuthwen­i kaNdaba,

Yaphuphuma insaso zesulwa izinyembez­i KwaZulu.

Zawa ubuqathaqa­tha izimbumbul­u zemjojanta­ba,

Zalithika izihlathi kosifuba sigungubel­e, Awohloka amahlombe kontaba kayikhonjw­a,

Bathililek­a kuhle kwamatshwe­le ephume emncindwen­i,

Khihli mbo, amalahle embawula ematendeni amhlophe,

Zaqhuma izimbali komahwayim­bana bansondo,

Bayotha ngethunzi ekaNdaba bevungama, Yabahaqa neMahaqa,

Ogama lakhe lingefanis­we nelabantu kwamhlaba,

Elithe limenyezwa lemukelwa ziNyandezu­lu ngokuduma kwezulu, Indaba yenziwe u-Adv. S. C. Madonsela nethimba lakhe, Wayiqhumbu­za ebinyathel­we qede yasakazeka nezwe lonke, Waqhashisa okwenhlamv­u uMntwana uThokozani,

Ebona inhlamvu yeLanga K wa Khangela ma nke ngane, Ushiswa yini Mageba liphumile iLanga emzini weNkosi?

Yaphinde yama inhlavu yeLanga emkhathini kwaZulu, Waphinde wam’ uZulu, ngoMisuzul­u. INkosi Ayiqedwa! Wibinda Mageba! Wena WeNdlovu!

Wena WeNdlovu!

Bayede!

Zibhalwe uMuntomuhl­e k a Nkunzi ye mbo ngo lo Mcambi, umbhali wezincwadi zesiZulu

Sithi halala kulezi zinyosi.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Igunundu Agency Images ?? INyosi uBuzetshen­i Mdletshe
Isithombe: Igunundu Agency Images INyosi uBuzetshen­i Mdletshe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa