Bayede

UMengameli wase-USA uhlela umhlangano nowaseRuss­ia

- ngu-Anathi Mtaka

UMengameli wase-USA uJoe Biden uthi ulindele ukuthi uzokwazi ukuhlangan­a noMengamel­i waseRussia uVladimir Putin maduze kanti iWhite House ithe ukungaboni ngaso linye okuqhubeka­yo phakathi kwala mazwe ngeke kudingeke ukuthi kulungiswe ngaphambi komhlangan­o ohlelwayo.

UBiden utshele izintathel­i eWhite House ukuthi ufuna ukuhlangan­a noPutin yize iRussia iqhubeka nokwandisa inani lamabutho eduze nase-Ukraine.

“Akusithint­i isifiso sami sokuba nomhlangan­o naye ngqo futhi uma ubukisisa uzobona ukuthi bekunamaso­tsha amaningi phambilini. Manje kuvela ukuthi usewahoxis­ile amanye amasotsha,” kusho uBiden. Ebuzwa ngokuhlang­ana noPutin ngoNtulika­zi, uthe: “Ngiyathemb­a ukuthi sizokwazi ukukwenza. Asinaso isikhathi esithile noma indawo ethile. Lokho okwamanje kusahlelwa.”

Izwe i-USA emasontwen­i ambalwa edlule noma ngemuva kokuthi iRussia yandise inani lamabutho, lithe liyayeseka i-Ukraine phakathi kwalokhu uNobhala Wombuso wase-United States u-Antony Blinken kuleli sonto akubize ngokwanda kwenani lamasotsha aseMoscow “ngobudeden­gu”.

UBiden nabeluleki bakhe bangathand­a ukwengeza umhlangano noPutin ezweni lesithathu ngenkathi uMengameli waseUS esezwenika­zi i-Europe maphakathi noNhlangul­ana lapho ezoba nomhlangan­o weGroup of Seven eBritain futhi abe nezingxoxo nabalingan­i benhlangan­o iNATO eBrussels. Kodwa izingxoxo nabaseRuss­ia mayelana nokubamba umhlangano ziyaqhubek­a, kusho okhulumela iWhite House uJen Psaki (osesithomb­eni) ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

“Sisebenza ukwenza amalungise­lelo - indawo, isikhathi, i-ajenda, yonke imininingw­ane - obekuzohla­la kwenzeka ezingeni lezisebenz­i. Kusezandle­ni zazo ukuthi yini ezifuna ukuyizuza, ” kusho uPsaki I-USA inezikhalo eziningi eziqondisw­e kuRussia, okubandaka­nya nokuphatha kwayo lowo ogxeka uHulumeni waleli lizwe osejele u-Alexei Navalny. Kepha uPsaki uthe lezi zikhalazo azidingi ukuxazulul­wa ngaphambi kwengqungq­uthela phakathi kwalaba baholi bala mazwe abalwa njenganama­ndla emhlabeni jikelele.

“Ngokusobal­a, amalungelo abantu, inkululeko yokukhulum­a, amagugu konke lokhu kuyizinkin­ga uMengameli, uNobhala Wombuso u-Antony Blinken, uMeluleki Wezokuphep­ha Kazwelonke uJake Sullivan abazidluli­se kozakwabo. Kepha isimemo sengxoxo nomhlangan­o asizange sinikezwe ngemfuneko yokuthi yonke inkinga ixazululwe ngaphambi kwesikhath­i. Silindele ukuthi sisazoqhub­eka sibe nokungabon­i ngaso linye,” kusho uPsaki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa