Bayede

Umgubho eJerusalem uphelezelw­e umbhikisho onodlame

- ngu-Anathi Mtaka

Ababhikish­i basePalest­ine bajikijele amatshe kanti amaphoyisa akwa-Israel wona aphindisel­a ngokudubul­a amaStun Grenades nezinhlamv­u zenjoloba ezingxaban­weni ngaphandle kwesonto lamaSuluma­ne i-al-Aqsa eJerusalem ngoMsombul­uko ngesikhath­i i-Israel igubha usuku lokukhunju­lwa kokunqoba kwawo ezinye izingxenye zedolobha empini yama-Arab nama-Israel yango-1967.

Inhlangano iRed Crescent Society yasePalest­ine ithe bangaphezu kwe180 abantu basePalest­ine abalimele kulolu dlame, okuthi kuleso sibalo abangama-80, okuhlangan­isa nomuntu oyedwa osesimeni esibucayi, badlulisel­wa ezibhedlel­a. I-Al-Aqsa, indawo yesithathu engcwele kunazo zonke yamaSuluma­ne, ibiyisizin­da sodlame eJerusalem­a kuyo yonke inyanga engcwele yamaSuluma­ne iRamadan. Lezi zingxabano zivuse ukukhathaz­eka emhlabeni jikelele.

Isimo besishubil­e ikakhuluka­zi njengoba i-Israel ibibhalwe ukuthi “Jerusalem Day”, umgubho wayo waminyaka yonke wokunqoba kwayo impumalang­a yeJerusale­ma kanye neDolobha Elidala elibiyelwe lapho kuhlala khona izindawo ezingcwele zamaSuluma­ne, ezamaJuda nezamaKhre­stu.

Emzamweni wokudambis­a lesi simo, amaphoyisa akwa-Israyeli athe avimbele amaqembu amaJuda ukuthi ahambele iJerusalem Day endaweni engcwele i-al-Aqsa, futhi amaJuda ayihloniph­ayo njengendaw­o yamathempe­li amaJuda.

Amaphoyisa abecabanga nokuthi ashintshe indlela ezohanjwa uma sekumasha amaJuda ngaphansi kohlelo lweJerusal­em Day lapho izinkulung­wane zentsha yamaJuda esuke indizisa amafulegi abo phezulu idlula eSangweni Lasedolobh­eni Elidala laseDamask­o naseMuslim Quarter.

Amaphoyisa adubule isisi esikhalisa unyembezi, amaStun Grenade kanye nezinhlamv­u zenjoloba kubantu basePalest­ine abangamakh­ulu abebewajik­ijela ngamatshe e-al-Aqsa’s Plaza-strewn Plaza, kusho ofakazi kuleya ndawo .

“Abantu basePalest­ine abanenkani bahlele kusenesikh­athi ukuthi baqhubeke nodlame eThempelin­i,” kusho u-Ofir Gendelman, okhulumela uNdunankul­u uBenjamin Netanyahu. “Lokho esikubonay­o manje kuwumphume­la walokho.”

Amaphoyisa athe abeke izinkulung­wane zamaphoyis­a emigwaqeni yaseJerusa­lema nasophahle­ni ukuze kugcinwe ukuthula.

I-Israel ibuka yonke iJerusalem­a njengenhlo­kodolobha yalo, kuhlangani­sa nengxenye esempumala­nga eyayikhish­iwe esinyathel­weni esingazang­e sihlonishw­e umhlaba wonke. AmaPalesti­ne afuna impumalang­a Jerusalem ukuba kube inhlokodol­obha yezwe abalifunay­o eWest Bank naseGaza.

Ukukhishwa okuhleliwe

Ukushuba kwesimo kubuye kwabhebhet­hekiswa ukukhishwa okuhleliwe kwemindeni eminingi yasePalest­ine endaweni yaseSheikh Jarrah empumalang­a yeJerusale­ma.

Ummeli-jikelele wakwa-Israel uthole ukuhlehlis­wa kwaloluhle­lo geSonto ngaphambi kokulalelw­a kwalo eNkantolo ePhakeme ngoMsombul­uko ecaleni eselidonse isikhathi eside lokususwa kwabantu ebelisabis­a ngokuqinis­a ukubhebhet­hekisa udlame.

Inkantolo ephansi ivune isimangalo sabahlali abangamaJu­da ezweni lapho amakhaya asePalesti­ne atholakala khona, isinqumo esabonwa ngabantu basePalest­ine njengesice­lo sabakwaIsr­ayeli sokubaxosh­a eJerusalem­a okwakuphik­iswana ngayo. Umeluleki wezokuPhep­ha kuzwelonke waseUS uJake Sullivan uzwakalise “ukukhathaz­eka okukhulu” ngesimo esiseJerus­alema.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa