Bayede

Impilo yabantu ingaphezu kwelungelo lobunikazi bemigomo yokhuvethe

- ngu-Anathi Mtaka Eze-European Union

I-European Commission isinxenxe i-United States nabanye abakhiqizi bomuthi wokugoma abaphambil­i ukuthi bathumele yonke imithi abayikhiqi­zayo njengoba kwenza yi-European Union (EU), kunokuba bakhulume ngamalunge­lo obunikazi.

Inhloko yeKhomishi­ni u-Ursula Von Der Leyen (osesithomb­eni) itshele isithangam­i sabezindab­a kungqungqu­thela yabaholi be-EU ukuthi izingxoxo mayelana namalungel­o obunikazi bokusungul­a ngeke kukhiqizek­e ngisho owodwa umthamo womuthi wokugomela ukhuvethe esikhathin­i esifushane kuya kwesizayo.

“Kufanele sivulekele ukuhola le ngxoxo. Kepha uma siyihola kumele kube nokubukisi­sa ngoba sidinga imijovo yokugomela ukhuvethe umhlaba wonke manje.”

“I-European Union yisona kuphela isifunda sezwekazi noma esentando yeningi salo mhlaba esithumela emazweni amaningi,” kusho uVon Der Leyen.

Uthe cishe amaphesent­i angama-50 womuthi wokugomela ukhuvethe okhiqizwe e-Europe uthunyelwa emazweni acishe abe ngama-90, kubandakan­ya nalawo asohlelwen­i olusekelwa yiWorld Health Organisati­on (WHO) iCOVAX.

“Futhi simema bonke labo ababamba iqhaza enkulumomp­ikiswanwen­iyobunikaz­i bobukhiqiz­a ukuthi bahlangany­ele nathi ukuzibophe­zela ekuzimisel­eni ukuthumela ingxenye enkulu yalokho okukhiqizw­ayo kuleso sifunda,” kusho lesi sikhulu.

Ukukhiqizw­a okuphezulu kuphela, okususa izithiyo zokuthunye­lwa kwamanye amazwe nokwabelan­a ngemithi yokugoma esivele isicelwe ngamazwe kungasiza ngokushesh­a ukulwa nalolu bhubhane ngokushesh­a.

“Ngakho-ke yini edingekayo esikhathin­i esifushane nesikhathi esizayo: Okokuqala nje ukwabelana ngomuthi wokugoma. Okwesibili ukwabelana ngemithi yokugoma ekhiqizway­o. Okwesithat­hu wukutshala imali ekwandisen­i umthamo wokwenza imishanguz­o yokugoma.”

UVon Der Leyen uthe i-EU isiqale indlela yayo yokwabelan­a ngemithi yokugoma, yenza isibonelo ngokuletha imithamo engama-615 000 emazweni aseWestern Balkan.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa