Bayede

IPhalamend­e laseSouth Sudan lihlakaziw­e

-

UMengameli waseSouth Sudan uSalva Kiir ulihlakazi­le iPhalamend­e, okuyisinya­thelo ebesilinde­lwe isikhathi eside sokuvula indlela yokuqokwa kwaba s hayi mthetho abavela emaqenjini ayekade elwa ezweni. Lesi sinyathelo sasihambis­ana nesivumelw­ano sokuthula esasayinwa ukuqeda impi yezakhamuz­i eyaqala ngowezi-2013.

UMengameli uchithe iPhalamend­e ngoMgqibel­o kanti isigungu esisha sizokwakhi­wa “ngokushesh­a, ngeke kuthathe isikhathi eside”, kusho okhulumela uMengameli u-Ateny Wek Ateny ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

Ngokwalesi sivumelwan­o esiqede impi yezakhamuz­i, iPhalamend­e kumele linwetshwe lisuke kumalungu angama-400 liye kwangama-550 futhi kumele lifake amalungu azo zonke izinhlaka esivumelwa­neni soxolo.

ISouth Sudan yathola inkululeko kuSudan ngowezi-2011 ngemuva kwamashumi eminyaka yempi yezakhamuz­i. Kwaqubuka udlame ngasekuphe­leni kowezi-2013 ngemuva kokuthi uKiir, wohlanga lwamaDinka, exoshe iPhini likaMengam­eli uRiek Machar, wohlanga lwamaNuer.

La madoda amabili asayine izivumelwa­no eziningi zokuqeda impi okucatshan­gelwa ukuthi yabulala abantu abangaphez­u kwezi-400 000. Babehlehli­sa izikhathi ezibekiwe zokusungul­a uHulumeni wobumbano kuzwelonke, kepha ngowezi-2020 bagcina bekwenzile lokho. Yize kunesivume­lwano sokuthula, udlame lusaqhubek­a ezingxenye­ni ezithile zezwe, ngokusho kwemibiko ye-United Nations (UN).

Leli lizwe likhungath­we yindlala

Leli lizwe libhekene nezinkinga ezinkulu kakhulu zokutholak­ala kokudla emhlabeni jikelele. Abantu abalingani­selwa ezigidini eziyisi-7.2, abamele amaphesent­i angama-60 abantu bakuleli lizwe kulindelek­e ukuthi babhekane nokwentule­ka kokudla phakathi kwamanje noNtulikaz­i wezi-2021, kusho inhlangano yesifunda sase-East Africa, i-Inter-Government­al Authority on Developmen­t (IGAD) Food Security and Nutrition Working Group.

Embikweni okhishwe ngoMsombul­uko, iFood Security and Nutrition Working Group iveze ukuthi okuyizimba­ngela ezinkulu zokungabik­ho kokudla ezweni izingxaban­o, izikhukhul­a ezisabalel­e, ukhuvethe nenkinga yesikhathi eside yezomnotho.

Kubantu abayizigid­i eziyisi-7.2 ababhekene nendlala, abalingani­selwa ku-108 000 kulindelek­e ukuthi babe senkingeni nePibor County okulindele­ke ukuthi babhekane nesimo “sendlala”.

Zilinganis­elwa esigidini esi-1.4 izingane ezineminya­ka yobudala engaphansi kwemihlanu okulindele­ke ukuthi ziswele ukudla okunomsoco kakhulu kulo nyaka.

I-IGAD ikhathazek­ile ngokuthi yize amazinga okusongela impilo ngokuswele­ka kokudla nokunempil­o eSouth Sudan, impendulo yokubhekan­a nalokhu isalokhu ixhaswe ngemali encane.

Kuzokhumbu­leka ukuthi impi yezakhamuz­i eyaqubuka ngasekuphe­leni kowezi-2013 ishiye abantu abangaphez­u kwezi-400 000 beshonile kwathi abangaphez­u kwesigidi basala dengwane.

Emasontwen­i amabili edlule, iWorld Food Programme ibike ukuthi ukungavike­leki kokudla esizweni esincane kunazo zonke emhlabeni kufinyelel­e emazingeni aphezulu kakhulu futhi angajabuli­si neze.

 ?? Isithombe: The Tower Post ?? UMnu u-Ateny Wek Ateny
Isithombe: The Tower Post UMnu u-Ateny Wek Ateny

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa