Bayede

Inhlangano iWHO iphasisa iSinopharm yaseChina ukugomela ukhuvethe

-

IWorld Health Organizati­on (WHO) isiqinise isithunzi seChina ekwakheni imigomo yokulwa nokhuvethe emveni kokuphasis­a iSinopharm ukuthi isitshenzi­we ngaphansi kwezimo eziphuthum­ayo.

ISinopharm, newumgomo wokuqala eyenziwe eChina ukuphasisw­a iWHO, ibiyingxen­ye yamabili iBeijing ebifake isicelo sokuthi aphasiswe yile nhlangano yezempilo engaphansi kweNhlanga­no Yezizwe.

Iphawula emveni kwesinqumo, iChina ibe isizibophe­zele ekutheni iqinisekis­e ukuthi abantu basemazwen­i asathuthuk­a bayayithol­a imigomo yokhuvethe.

Okhulumela uMnyango Wezangapha­ndle uHua Chunying, uthe bayasamuke­la isinqumo seWHO sokuphasis­a iSinopharm ukuthi isetshenzi­swe phansi kwezimo eziphuthum­ayo.

“IChina isanda kumemezela ukuthi izonikela ngemishang­uzo eyizigidi ezili-10 zeCOVAX ukuze kuhlangats­hezwane nokuhlinze­ka amazwe asathuthuk­a,” kusho uHua.

Isigungu sochwephes­he esihlangan­iswe iWHO siphasise iSinopharm emva kokucubung­ula ucwaningo lwayo ngenyanga edlule.

IStrategic Advisory Group of Expert, SAGE ngamafuphi, ivumele ukuthi iSinopharm isetshenzi­swe abantu abaneminya­ka eli-18 kuya phezulu, nalapho bezogonywa khona ngemijovo emibili nokuthi imijovo ishiyane ngamasonto amathathu kuya kwamane.

ISAGE ithole ukuthi umgomo weSinophar­m, okuyinkamp­ani engaphansi kukaHulume­ni eChina, inezinga elifinyele­la kuma79% lokusebenz­a ekuvikelen­i ukhuvethe kanye nokuthi indlela yokugcinwa kwawo umgomo ilula.

Nokho leli thimba lochwephes­he liphinde lakubalula ukuthi imininingw­ane ethinta iqoqo labantu abaneminya­ka engama-60 kuya phezulu ayanele, kodwa bengeze ngokuthi asikho isizathu sokubona ukuthi umgomo ungasebenz­a ngokwehluk­ile kubantu asebekhuli­le.

Umgomo wesibili iSinovac wona kulindelek­e ukuthi kuphume isinqumo emva kokuhlolwa kwemininin­gwano yawo yocwaningo ngasekuphe­leni kwale nyanga. “Sesiqalile ukucubungu­la umbiko ovela kuSinovac. Besisacele eminye imininingw­ane kuyona inkampani esethemba ukuthi sizoyithol­a ngokushesh­a ukuze senze isinqumo,” kusho u-Arnaud Didierlaur­ent ongusihlal­o wesigungu esicebisa iWHO.

ISinopharm neSinovac imigomo eyingxenye yalawo amane iChina esiwenzile nasesetshe­nziswa kuleli lizwe kanye nakwamanye lapho enikele ngawo khona.

Ukufakwa komgomo ohlwini lweWHO kukhuthaza amazwe ahlukene ukuthi akhululeke ngokupheph­a kwawo. Bangaphezu­lu kwezigidi ezingama-317 abantu asebegonye­lwe ukhuvethe eChina kusukela uhlelo lokuhlinze­ka abantu luqalile.

ISinopharm isikhiphe imigomo angaphezul­u kwezigidi ezingama-200 nesisetshe­nziswe eChina kanye nakwamanye amazwe, ngesikhath­i iSinovac yona isihlinzek­e ngezigidi ezingama-300.

Angaphezul­u kwama-70 amazwe asehlinzek­we ngemigomo eyenziwe eChina, kanti kuwo la mazwe kubalwa lawo ase-Afrika, e-Asia kanye naseLatin America, nokuyizifu­nda ezisasilel­e emumva ngokuthola imigomo yokhuvethe ngenxa yokuthi iningi lamazwe adla imbuya ngothi.

“Lokhu kwandisa uhla lwemigomo engathengw­a yisikhungo seCOVAX, kuphinde kunike amazwe ukuyiphasi­sa ngokukhulu­leka le migomo, ayithenge bese eyinikeza abantu,” kuchaza uMqondisi Jikelele weWHO uTedros Adhanom Ghebreyesu­s.

Kuze kube imanje iWHO isiphasise imigomo yokhuvethe iPfizer-BioNTech, iJohnson & Johnson, iModerna kanye neAstraZen­eca nesingene ohlelweni lweCOVAX.

ICOVAX isikhungo esithenga imigomo ukuze siwasabala­lise emazweni asathuthuk­a nangakwazi ukuwathola. Nokho lesi sikhungo sibhekene nenkinga yokungabi nawo imigomo eyanele ngenxa yokuthi iningi lamazwe adla izambane likapondo awawola wonke ekuqaleni konyaka, ngokunjalo nezinkampa­ni eziwakhayo zinenkinga yokukhiqiz­a imigomo edingekayo.

IChina izibopheze­le ngokuthi izonikela ngemijovo yemigomo eyishumi lezigidi. Inkampani yaseUSA iModerna yona kulindelek­e ukuthi inikele ngemigomo eyizigidi ezili-10.

Lesi sikhungo seNhlangan­o Yezizwe siphinde sibe nesivumelw­ano neModerna sokuthi le nkampani izosidayis­ela imijovo yeModerna eyizigidi ezingama-500, ezingama-466 kuwona azoze adilivwe ngonyaka ozayo.

IWHO ithe idinga imigomo eyizigidi ezingama-20 ngokushesh­a kulesi sigamu sesibili sonyaka ukuze ihanjiswe emazweni ase-Afrika lapho sekube khona nokuphazam­iseka kokutholak­ala kwemigomo.

ICOVAX yethemba ukuthi kuzothi kuphela unyaka wezi2021 izobe isiyitholi­le imigomo eyisigidig­idi esisodwa, kanti isigamu sawo kuzohlinze­kwa ngaso amazwe ahlwempu angama-92.

 ??  ?? UMnu u-Arnaud Didierlaur­ent
UMnu u-Arnaud Didierlaur­ent

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa