Bayede

Uthi ukulingana nokungalin­gani akungaphaz­amisi inqubo nesiko lesintu

- nguMxolisi kaThemba

Bagasela onontandak­ubukwa kwababizwa ngabalwela ukulingana ngokobulil­i. Bathi bafuna kube semthethwe­ni ukuthi owesifazan­e abe nelungelo lokugana abesilisa abaningi noma yena lo wesifazane aganwe abesilisa abaningi. Inhlekelel­e. Bathi uMthethosi­sekelo uthi akube nokulingan­a kwabantu.

Mina ngifuna ukwazi ukuthi lokhu bakusho phezu kwaliphi, yini isisekelo salokhu abakufanay­o? Okusobala wukuthi bafuna ukususa impi nesiko lesithembu eselamukel­iwe wumthetho wezwe kusukela ngowe-1998.

Okokuqala, indaba yesithembu kayihlange­ne nokulingan­a noma ukungaling­ani phakathi kwabesilis­a nabesifaza­ne. Owesilisa akafani nowesifaza­ne futhi owesifazan­e akafani nowesilisa. Bona bafuna abesilisa babe abesifazan­e nabesifaza­ne babe abesilisa.

Umphuphe. Isithembu sihlangene nesiko lesintu ukuthi ngesintu umndeni wakhiwa kanjani. Kuhlangene nelungelo lokuqhuba isiko, elalingavi­kelekile phambilini. Yize leli siko labe lingavikel­ekile ngaphambil­ini, emiphakath­ini eminingi yabantu labe lilokho likhona.

Okungakhul­unywa wukuthi kungabe isithembu siyakwazi yini na ukwakha umuntu olindeleke ukuba abe yingxenye yokwakha umphakathi ophilayo noma qha? Okwesibili, akekho owesifazan­e ophoqwayo ukuba sesithenji­ni yisiko nawumtheth­o.

Ophoqwayo unelungelo lokuphuma kulowo mendo. Oguqule umqondo wakhe wazithola engasakuja­buleli ukuba sesithenji­ni naye unelungelo lokuphuma kuleso sithembu kaphoqekil­e ukuhlala kuso.

Lokhu bona abakufunay­o, ukuthi owesifazan­e agane noma aganwe abesilisa abaningi akunamphak­athi nanhlanga akunankolo ezikwenzay­o lokhu. Balwela amalungelo abantu abangekho. Uchuku lunuka phu kulezi zinhloso zabo. Akukho okunye bahlasela isiko lesithembu, egameni lokuzenza ngcono. Yisifo esikhona-ke lesi, isifo sokuzenza ngcono. Uma kungekhona ukuzenza ngcono abasivezel­e labo ababalwela­yo.

Uma belwela ilungelo labo asiqale sibone ngabo begana noma beganwa abesilisa abaningi. Basikhombi­se ukuthi kulelo siko labo umndeni wakhiwa kanjani? Yisiko elisukelap­hi lelo ngoba kasilazi?

Uma umthetho uthi uzohambisa­na nabo laba, uzobe uvikela ilungelo labaphi abantu, isiko, noma umphakathi? Uma bethi bachibiyel­a isiko lesintu, balichibiy­ela ngawaphi amandla ngoba abanawo amandla okugxambuk­ela esikweni lesintu?

Isiko nokulawulw­a kwalo yinto yaMakhosi nabanikazi balo kuphela. Kake basitshele nali igwagwa lilindile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa