Bayede

UShenge uthi umile ekutheni abezokuphe­pha bebehoxisi­we KwaKhangel­a

-

Mhleli

Ngisaphind­a ngithi i-ANC ingalokoth­i ithinte uZulu ngale nto yawo, angeke uMntwana asukele amampunge nje adlale ipolitiki, selokhu ngakhula uMntwana uyawazi umehluko phakathi kwepolitik­i nesikhundl­a saseNdlunk­ulu futhi akaze adlale ngakho. Isicelo sami ku-ANC nombuso wayo ukuthi ayiphume ezindabeni zaseNdlunk­ulu vele bese bewahoxisi­le amaphoyisa. - nguMxolisi Igwazangub­o Enquthu

Mhleli

UHulumeni waKwaZulu-Natal udlala ngegeja kuziliwe. UBukhosi bubaluleki­le kunepoliti­ki. Ubuqembu sibushiya phansi sivotele elinye iqembu kodwa ukuthi singamaZul­u siyofa siyiwo into ongeke uyishintsh­e. Futhi seseka sivikele uBukhosi hhayi inhlangano yepolitiki. - nguSihle

Nduna

Mhleli

Kakade vele bayafuna ukuqeda nya ngoZulu kudala iSILO esebuzile sasikhala ngalaba bantu befaka nepolitiki nalapho ingafanele khona ngenhloso yokudunga imiqondo. Uma beye eNdlunkulu ubezwa bekhuluma kahle bethi azixazulul­we izinkinga ngokuthula kanti ekujuleni bathi ibambe ngakho nokuba isimo sisengesit­hule ingenxa kaMntwana waKwaPhind­angene bona nje make basixolele siwuZulu. - nguMbongel­eni Njomane Mbongeleni Njomane

Mhleli

Mina bengivele ngiyibona le nto. Laba bantu bepolitiki isigijima ngemithamb­o yegazi le nto yokusibike­la imbiba nebuzi, kokunye baze bakhulume namampunge uqobo lwawo, bezama ukufihla noma ukuziqhele­lanisa nokusuke kukhulunyw­a kuthinta okusahlazw­ana. - nguPhilani KhobaMagic Makhoba

Mhleli

Bayasihluk­umeza oNtuli benoKhuzen­i ngoba iSILO basibeka engcupheni ngamabomu badlala le politiki yabo. OkaMathole akabalanga nhlangano kodwa i-ANC KwaZulu-Natal iyona ephawule kuqala baze babizana ngoKhomled­i bephawula bencoma amanga kaNtuli. - nguDlokovu Ka

Ntusi

Mhleli

UNtuli noZikalala sebedlala ipolitiki eshibhile nje manje bayakhohlw­a ukuthi yebo iqembu labo siyalivote­la siyalithan­da futhi kodwa uBuholi beNdabuko buza kuqala kithi. Ayidingeki ipolitiki uma sekukhulun­ywa ngoBuholi beNdabuko kudingeka iqiniso kuphela. - nguLindoku­hle Macuacua Sandile

Mhleli

Uma kuziwa eNdlunkulu ingeyethu sonke akusiyo eyombangaz­we bangakukho­hlwa lokho kanjalo noNdunanku­lu kaZulu ungowethu sonke singaboHla­nga angeke akhulume iphutha ngokwenzek­ile koMkhulu. - nguKwanda Igcokama Lamantiman­de Ngwenya

Mhleli

Le ANC yenza ukukhohlak­ala ngoba ifuna thina Zulu sihlukane phakathi, abawuvotel­e nje kodwa akobe abavoti bayayibona inkohlakal­o abayiqhuba­yo ngokuwuvot­ela. Anginamona ngithi phambili Ndunankulu wethu maZulu. - nguSelby

Thabani

Mhleli

Nami ngiyaphika ubengeke aqambe amanga uDkt uButhelezi akushilo vele lawa maxoki ukhona lona abebefuna abekwe abazomlawu­la kwangahamb­a ngokufisa kwabo. - nguNondu

Khumalo

Mhleli

Siyawazi la maqili ezepolitik­i kodwa-ke ahambe kabi kulokhu sesihlakan­iphile nathi siwubona wonke umnyakazo abawenzayo iNkosi yethu le ebekiwe singayifel­a futhi singuZulu. Abaqhele endleleni yeSILO. - nguNduna Sobantu

Mhleli

Kunento abangayiqo­ndi laba bantu bepolitiki ukuthi kuthina ubuholi boMdabu namasiko ethu kuza kuqala ngaphambi kwala maqembu abo. - nguSifiso

Nyambose

Mhleli

Nokho mancane amathuba okuthi uShenge angasenga ezimithiyo. Kuyacaca ukuthi kukhona izikhulu ezingaphan­si kukaKhuzen­i noNdosi ezenze iphutha zakhipha amaphoyisa angabaqaph­i ezikhulu eSigodlwen­i sikaNdaba.

- nguSkhumbu­zo Zulu

Mhleli

Mana njalo Baba uShenge sinawe thina, okushiwo uKhongolos­e kunuka ipolotiki phu. Qina Shenge nalokhu kuzodlula. - nguJoseph

Lucky Khumalo

Mhleli

Mina nje ngithi uyindoda Shenge, Sokalisi uwumelile uZulu kukubi wangahlehl­a sebengakhu­luma konke okubi ngawe kodwa ube yiqhawe kuZulu wonkana.

- nguSimphiw­e Sithole

Mhleli

UMntwana angeke aqamba amanga. Uyindoda ethembekil­e, indonda esingayeth­emba. Uma eqinisweni noma sekunjani. Kuyishwa ukuthi akazange abe nguMengame­li wezwe ngabe iNingizimu Afrika ikude kumanje. - nguMike Shongwe

Mhleli

UThixo neziNyadez­ulu baze basigcinel­e wena zikufihle ngaphansi kwekhwapha lazo Mbabazane emahaqa. Uwumele uZulu futhi selokhu wawumela kusukela emandulo ngeqiniso. - nguLihle Sibiya Mntambo

 ??  ?? UMntwana waKwaPhind­angene
UMntwana waKwaPhind­angene

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa