Bayede

Okwenzeka ePalestine kuyisibuko sesimomazw­e

Njalo uma kufa abantu i-United Nations yembuleka izinqe, ilokhu isho izimemezel­o

-

Imibiko evela eGaza kayimihle. Izithombe ezithunyel­wayo ngezembubh­iso eyenzeka kuleya ndawo. Isibalo sabafayo siyanda, izwe liwumlotha. Konke lokhu akuzenzeke­li kepha kwenziwa ngabantu. Inqaba wukuthi bona lisha nje baphephile. Akekho ongakwazi ukuhluphek­a kwabantu baseGaza kusuka ekusweleni uhlelo lwezempilo, ezokupheph­a nokuvikele­ka kanye namandla omnotho nokuthatha izinqumo ngempilo nekusasa labo.

Izinqumo zithathwa izihonga kwabakwabo basePalist­ine noma zithathwe ngabezempi kwa-Israeli. Uma nje zombili lezi zinhlangot­hi zifuna okuthile zishisa izwe bese ziyobhaca. Abathintek­i kuyaphi abahlohli bale mpi, bavikeleki­le.

Kepha abantu abalichilo ngomengame­li nababusi bamazwe abenza sengathi kabazi ukuthi inkinga ikuphi nokuthi idalwa ngobani. Laba baholi nababusi bacashe nge-United Nations (UN). Njengoba kuhlala kwenzeka i-UN izolokhu isho izimemezel­o zokuthi ‘akubekwe phansi imigawulo’ into ehlala ishiwo. Ngeke nje kujeze muntu ngalokhu okwenzakal­oyo. Ubani nje kulaba baholi bamazwe ongathi yi-USA okumele ijeze esho ngoba belu abakwa-Israeli banezikhal­i ezesabekay­o nje bazicisha e-USA ekhipha izigidigid­i njalo ngonyaka ukuze amaJuda abe nesifuba sempi esinamandl­a.

Ubani ongatshela izihonga zasePalest­ine ukuthi aziyeke ukuhlokoza izinyosi okuthi uma sezithukut­hele zidle abantu? Ingani abanye balaba abakhonga impi abekho ngisho eGaza basekubhac­eni kwamanye amazwe lapho bevikeleke khona.

Yikho sithi ake kuyekwe ubuxoki. Abaholi kabaphumel­e obala azikwazi zombili izinhlango­thi ukungabi naphutha ekubeni befa abantu nhlangothi zombili. Okubuhlung­u kufa izingane nezinsana, abafazi nabantu abasha. Leya ndawo kudela owaziyo ukuthi isimomqond­o sezingane zakhona ngesinjani njengoba ezinye zizalelwe hhayi kuphela endlaleni kepha nakuyo impi le engcina sezifele kuyo. Kuwumseben­zi wethu sonke ukuthi senze okuthile ngoba akekho okumele afe, akekho okumele aphile ngokusaba uma sivuma ukuthi sonke singabantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa