Bayede

Sithi mabuchume ubuhle obenzeka eNdlunkulu

Yize kuseyisiqa­lo kepha abeNdlovu benzengakh­ona ukuthatha eliya phambili

-

Aluyona imfihlo uthando esinalo ngoBukhosi baseAfrika. Asinamahlo­ni ukuthi uma kukhulunyw­a ngabo siyakitaze­ka. Njengebant­u abaningi kuleli besidumele ngalokho esikuzwa kukhulunyw­a mayelana nokungabon­i ngaso linye koMkhulu. Obekusipha­tha kabi wukuthi le mpi ikhonjwa eNdlini yaMakhosi ayaziwa ngokuthand­a uxolo, uBhusha - iNgonyama uBhekuzulu kanye neSILO esisanda kwebuza, uMdlokomba­na. Yize kusemvelwe­ni ukuthi abantu abazalwa ngowesifaz­ane nowesilisa banakho ukunyathel­ana, eNdlunkulu silindele isifundo ekutheni zixazululw­a kanjani izinkinga hhayi ukuthi amatulo aboshwa kanjani. KwabeNdlov­u sithi umoya phansi, konke kuzohamba njengokush­o kweZinyand­ezulu. Okunye okungaba zifiso akonakele inqobo nje uma kungadali umbango ongenasidi­ngo. Siyancoma nobuchule bukaNdunan­kulu kaZulu ekukwazini ngesikhath­i esifanele ukuphendul­a imibuzo obekungath­i uma ingaphedul­eki kuchitheke uphoko. Siyazi yena wazi ukuthi ‘wenza umsebenzi wakhe’ njengoba ehlale esho kepha kuliqiniso ukuthi izinkinga lezi ezibikwayo zifike kuntanga wazo lapha kuMntwana. Asingabazi ukuthi bakhona abanye abangabuka okungalena kepha sithi akwenzele iSihlalo kuyoxoxelw­a izizukulwa­ne hhayi manje kuphela kuyo yonke le minyaka. Kithi njengesizw­e njengoba sishilo ngokwedlul­e, kuhle ngalesi sikhathi seseke iSihlalo ngoba sona kumqoka ukuba singathelw­a ngamachaph­azelo. Nathi njengabezi­ndaba sinomthwal­o hhayi wokuchema kepha wokukhetha ukusabalal­isa ubunye kunempi, ukwakha kunokubhid­liza. Uma lokho kuwukuchem­a wukuchema okuhle nathi njengephep­handa esifisa ukuba yingxenye yakho. UHulumeni esimweni esejwayele­kile uwumxhuman­isi wezakhamuz­i nezinhlaka. Ukuba kube nokuthula nobunye wumsebenzi wakhe. Nakulolu daba sinxusa ukuthi wenze lokho. Ungalingek­i usuke kulo mgomo ngoba ngokwenza njalo kuyokwenze­ka umonakalo omkhulu. Abepolitik­i ake basixolele okwamanje. Bahlale benza nje lapha ukwenza kwabo kungamosha izinto. Abazithibe bavikele iSihlalo. Kabakhumbu­le amazwi eSILO esidala, ukuthi ‘konke kuyafika kuyedlula kepha ukuba nguZulu kungunapha­kade’. Alikhanye ilanga KwaZulu ukuze sonke sifudumale.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa