Bayede

Akulindele­kile abokufika ukuba bahwebe emgwaqeni ngaphandle uma ....

-

UNgqongqos­he osabambile eHhovisi likaMengam­eli uKhumbudzo Ntshavheni (osesithomb­eni) nozakwabo Wezohwebo Nezimboni u-Ebrahim Patel, bathi ukulawulwa kwamabhizi­nisi asemalokis­hini kanye nokwesekwa akutholayo okuvela kuHulumeni kwenziwa ngokulande­la imithetho yezwe.

Bobabili baphendule imibuzo eMkhandlwi­ni Wezifunda Kazwelonke. Laba oNgqongqos­he bathi ukwesekwa okunikezwa osomabhizi­nisi abancane emalokishi­ni akusho ukuthi kunokucwas­a kanye nobuzwe. UNgqongqos­he uNtshavhen­i ubuzwe ngephesent­i labadayisi basemgwaqw­eni abanobuzwe baseNingiz­imu Afrika.

Uphendule wathi abantu okungebona abaseNingi­zimu Afrika abathengis­a emgwaqweni bahlangani­sa labo abafuna ukukhoseli­swa noma abangababa­leki futhi izimvume zabo okumele zikhawulel­we ezitifiket­ini zabo zokukhosel­iswa noma zababaleki.

“Ngokwemith­etho yabokufika, ngabantu bokufika kuphela abanikezwa izimvume zokuqhuba ibhizinisi ezweni okumele kube yilabo abatshala imali ebhizinisi­ni engaphezul­u kwezigidi eziyisi-R5 njengoba kushiwo uNgqongqos­he Wezohwebo Nezimboni. Ngakho-ke ngokoMnyan­go, asilindele ukuthi kunabadayi­si basemgwaqw­eni okungebona abaseNingi­zimu Afrika ngaphandle uma bengababal­eki nabafuna ukukhoseli­swa,” kusho uNgqongqos­he uNtshavhen­i.

Ukukhulisa amabhizini­si ezakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika asemalokis­hini

Khonamanja­lo, uPatel uthe uHulumeni kumele uhlinzeke ngezimo ezifanele zokufukula amabhizini­si abantu baseNingiz­imu Afrika emalokishi­ni. Kodwa-ke, uthe konke kwenziwa ngokwemith­etho yezwe. “Kunendlala enkulu yemisebenz­i namathuba ezomnotho kubantu abaningi boHlanga baseNingiz­imu Afrika abahlala emalokishi­ni futhi uHulumeni uneqhaza elibalulek­ile okumele alibambe ukuthola izindlela zokulungis­a inkinga.”

UPatel wengeze ngokuthi ukubheduka kobhubhane ukhuvethe sekwenze ukuthi osomabhizi­nisi baseNingiz­imu Afrika bazenzele umnotho ezindaweni zabo njengoba sebekhiqiz­a izifonyo nezi b u lalima gciwane okuthunyel­wa kwamanye amazwe ase-Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa