Bayede

Simangazil­e isicelo sokuthuthw­a kwe-AFRICOM iyiswe e-USA

- nguSenzo Ngubane Sibungaza Ubunye be-Afrika UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Lesi sikhathi sonyaka - ikakhuluka­zi lena ephezulu uNhlaba - samiselwa ukubungaza ukusungulw­a kweOrganis­ation of African Unity (OAU) – esibizwa nge-African Union (AU) namuhla – okuyiNhlan­gano eyasungulw­a mhla zingama-25 ngowe-1963 ukuba yisihlangu neklwa lama-Afrika kwezobudle­lwane namanye amazwe.

Ngalesi sikhathi sekwaba yinjwayelo ukuthi, unyaka nonyaka, le migubho ingagxili kuphela ekubungaze­ni ukusungulw­a kwale Nhlangano kepha ibuyekeze ngokuthile okwenzekay­o ezwenikazi, nokwenziwa abaholi ikakhuluka­zi abezepolit­iki - ukumela ngobuqotho eyokwakha ubunye, ukuthula, nentuthuko ezwenikazi.

Yilokhu kugxila ezenzweni zabaholi bezepoliti­ki okumele kusenze sizibuze ukuthi, buholi buni izwekazi elinabo ngalesi sikhathi samanje, futhi yingabe ubuholi obukwaziyo yini ukubhekana ngqo nangendlel­a eneqiniso nezingqina­mba ezikhona e-Afrika yonkana nangendlel­a ekhombisa ukuthi intshiseke­lo yokwakha ubunye yiyo ehlezi iwumkhomba­ndlela wezinqumo abazithath­ayo?

Lokhu sikubuza ngoba, njengoba kubungazwa ubunye be-Afrika kuNhlaba, ziningi izingqinam­ba ezibhekene nezwekazi ezidala ukuthi kubonakale engathithi i-Afrika yeswele abaholi abanogqozi lokuqinisa imbumba njengoba kwenza abangapham­bili.

I-OAU yasungulwa yizigomago­ma okungabalw­a kuzo uNkwame Nkrumah waseGhana, uLeopold Senghor waseSenega­l, uJulius Nyerere waseTanzan­ia, uHaile Selaise waseEthiop­ia, kanye noGamal Nasser wase-Egypt. Akukho soka lingenasic­i, ngakho-ke, noma zikhona izigameko lapho laba baholi baphambuka khona, kepha okungeke kuphikiswe izinyathel­o eziningi ezikhombis­a ukumela kwabo intshiseke­lo ye-Afrika ebumbene, ubunye phakathi kwamazwe ahlukene, nokuba yizihlangu ezavikela inkululeko yamazwe ngokwehluk­ana kwawo ezwenikazi.

Ngokuhamba kweminyaka, i-Afrika yazishaya isifuba ngezinyath­elo ezathathwa ngabaholi abanjengoM­beki waseNingiz­imu Afrika, u-Obasanjo waseNigeri­a, uBouteflik­a waseAlgeri­a, kanye noZenawi waseEthiop­ia, zokuguqula i-OAU yaba i-AU, zokubamban­a ngezandla uma kubhekenwe nezimo ezithize e-Afrika ikakhuluka­zi ezokwakha ukuthula, nokuqinisa amathuba okuthi izwekazi likwazi ukukhuluma ngazwi linye kuzimo zezepoliti­ki e-Afrika nasemhlabe­ni jikelele ezahlukene. Kepha namuhla kuningi okwenzekay­o noma okungenzek­i okusiphoqa ukuthi sithi sengathi itshe ligaya ngomunye umhlathi kubaholi abakhona namuhla ngoba abahambi ezinyathel­weni ngoba ebakhombi abangapham­bili. Nazi izibonelo esingazibe­ka esinesiqin­iseko sokuthi ukube kusekhona laba asebebaliw­e ngabe asikhonond­i kangaka.

Ngowezi-2007, i-AU yakhuluma ngazwi linye yathi uhlelo lwezempi nezokuphep­ha olwasungul­wa yi- United States of America (USA) olubizwa ngeAfrica Command (AFRICOM) angeke iluvumele ukuthi lunzinze e-Afrika. Lesi sinqumo – nesisawumg­omo omisiwe we-AU - saphoqa i-USA ukuthi isizinda sabadidiye­li balolu hlelo i-AFRICOM sibe seGermany. Kepha mhla wama27 kuMbasa nonyaka uMengameli waseNigeri­a uMnu uBuhari ushiye abaningi bekhexe imilomo emveni kokufaka isicelo kwelase-USA ukuthi i-AFRICOM kumele izinze ezwenikazi ukuze i-USA ikwazi ukusiza kalula amazwe ase-Afrika ikakhuluka­zi lawo abhekene nezokuphep­ha nezimpi zombango. Kusho ukuthini ukuthi uMengameli ohola elinye lamazwe abalulekil­e e-Afrika adalulele isinqumo esiphamben­e naleso asathathwa abaholi bonkana? Eminye yemibuzo evelayo ngeyokuthi, ngaphambi kokuba enze lesi sicelo ku-USA, kungabe bakhona yini abanye abaholi base-Afrika okaBuhari ake afakana nabo imilomo ngaso, uma bekhona, itheni impendulo? Uma kuwukuthi yisicelo asenze ngaphambi kokuba noma ngaphandle kokuthi abonisane nabanye abaholi, kungabe bakhona yini abazomkhuz­a ngalokhu asekwenzil­e, bese beyamkhumb­uza ngomgomo omisiwe we-AU?

Sekuphele iminyaka emihlanu kwaqubuka impi eCabo Delgado eMozambiqu­e, kepha kukhulunyw­a nje, akukho nokukodwa okubambhek­ayo nokwaziway­o osekwenziw­e amazwe ase-Afrika ukuze kuguqulwe lesi simo ezimazonzo kuleli zwe. Emasontwen­i evile kwamane edlule, iSouthern African Developmen­t Community (SADC) yathembisa ukuthatha izinyathel­o ezinqala ngokwenzek­a eCabo Delgado kepha kube yinamuhla kusalindwe ukuthi izoqhamuka naliphi. Impi yombango eTigray, neyadalwa nguNdunank­ulu wase-Ethiopia uMnu u-Abiy, kuze kube namuhla, ayikafakel­wa mehlo yi-AU. Angeke iphathwe eyaseCamer­oon, nalapho impi yombango eyaqala cishe eminyakeni amihlanu eyedlule nesaqhubek­a phakathi kukaHulume­ni wezwe kanye namaqembu ahlose ukusungula izwe elizimele, ngoba nayo ingakaze yabekwa ngokugcwel­e ezithebeni ze-AU.

Izimo ezifana nalezi esezibaliw­e zazingeke zibukelwe kude ngale ndlela ngabaholi bangaphamb­ili ezwenikazi. Zingezinye zezigameko zakamuva ezenza ama-Afrika azithole ewumhlambi kazalusile, nezigcizel­ela ukuthi ezenza izwekazi leswele abaholi abanentshi­sekelo yokuhamba ezinyathel­weni zabaphambi­li.

 ?? Isithombe: ngu-Afolabi Sotunde/Reuters ?? UMengameli waseNigeri­a uMnu uMuhammadu Buhari
Isithombe: ngu-Afolabi Sotunde/Reuters UMengameli waseNigeri­a uMnu uMuhammadu Buhari
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa