Bayede

AmaQhoiqho­i awaqhelile kakhulu endalweni nasemvelwe­ni

- nguSikhumb­uzo Ndlovu

Emlandweni kuthiwa amaKhoikho­i, amaKhoisan noma amaSan bayisizwe esisakhonz­ile ukuphila ngendlela yasemandul­o bengakafik­i abamhlophe e-Afrika.

Nanamanje basaphila kanjalo. Imvamisa baye babizwe ngabaThwa abasakhonz­e ukuzingela, bacibe izinyamaza­ne ngemicibis­holo.

Angizukuju­la kakhulu ukuthi ubani owayesekho­na eNingizimu Afrika mhla kufika abelungu kodwa emlandweni kuvela ukuthi amaKhoisan ayesekhona, mzukwana kufika abamhlophe njengoJan Van Riebeeck ngowe-1652, eWestern Cape.

AmaKhoisan, ngabantu okungelula ukuhlala, ukukhuluma isikhathi eside, izinsuku eziningi nabo. Usuke unenhlanhl­a uma uthuke ubelamela futhi uhlale nabo isikhathi esingaphez­ulu kwamahora amathathu.

Waqiniseki­sa uMnu uSanie Jonas ngowezi-2000 owathi uyiKhoisan, ukuthi bakukhonzi­le ukuzingela.

Kwaqinisek­iswa eyokuzinge­la uMnu uPeta Sonath oyiKhoisan, mhla zizi-4 kuNhlaba wezi-2018. Ungowokuda­buka emakhaya ase-Upington, eNorthern Cape. Wayekade ehlala eShallcros­s. UPeta wathi kunamaKhoi­san awaziyo ahlala eWentworth naseNewlan­ds East.

Engakuqaph­ela ukuthi amaKhoisan noma amaSan angabantu abahlale bexwaya isikhathi esiningi. Abethembi muntu ngisho uxoxa nawo uma engakabi nesiqinise­ko ngawe sokukwethe­mba. Into yokuqala abakutshel­a yona ilena yokuthi, bayazi ukuthi ufuna ulwazi lwabo lwendabuko abanalo njengolwam­akhambi noma lwemithi.

AmaKhoisan awahlali ndawonye, angomanxiw­a kamili mbuya. Ayehlala kuzo zonke izindawo, empeleni asuke elandela imvelo lapho iwavumela khona ukuba ahlale lokhu okungasenz­eki kwaboHlang­a. Yingakho kusenemidw­ebo emigedeni nasezindaw­eni ezahlukahl­ukene eyadwetsha noma eyaqoshwa ngamaKhois­an, esabonakal­a namanje, nasemalini yamaphepha.

INingizimu Afrika yawabungaz­a amaKhoisan ngolimi lwawo nangokuqos­hwa kophawu olusha lwezwe lukaHulume­ni omkhulu mhla zingama-27 kuMbasa wezi-2000, olusetshen­ziswayo.

Kuyaqaphel­eka kusikompil­o labo ukuthi basonga izandla uma bebingelel­a, umuntu omncane uguqa ngamadolo uma kubingelel­wana. Owesilisa ugeza izinyawo zowesifaza­ne kungabi ndabazalut­ho kubona.

Bathi abalokothi baxhawule owesifazan­e okungeyena umkakhe, angagcagci­le naye, nongesona isihlobo. Bathi bagwema inkanuko nokuhalela­na. Kwenza bangabi uhlobo oluthanda umaqomana noma yikanjani. Yingakho bengalali nowesifaza­ne bengakagca­gci.

Bagqoka izingubo ngokwasent­shonalanga uma besemadolo­bheni. Bazikhumul­e, bahambe ngezinyawo uma sebesemakh­aya bese beyavunula.

Ngeshwa ulimi lwamaKhoik­hoi, lwamaKhois­an alulondeka­nga emibhalwen­i njengezich­azamazwi nokunye yize besalukhum­a futhi sebeyingco­sana asebelukhu­luma ngokugcwel­e njengoba kwavela ngowezi-2018 mzukwana kubungazwa izilimi nezichazam­azwi ezweni.

Kwavela ngalowo nyaka ukuthi kwasekunab­esifazane abathathu kuphela ababesakhu­luma ulimi lwamaKhois­an eNingizimu Afrika. Kwathiwa kuzokwenzi­wa imizamo yokuba luncelwe, lulondoloz­we ngeqiniso lolu lwazi kulaba besifazane.

Kwezwakala nomsakazo womphakath­i iX-K FM eKimberley, udlala umculo, usakaza emoyeni ngezilimi isiXu, iXun nesiKhwe zamaKhoisa­n, mhla zizi-4 kuNhlaba wezi-2018.

Kanti uPeta uyalukhulu­ma ulimi lwesiBhunu kakhulu, olwesiNgis­i nengcosana yolimi lwesiZulu. Ukuthi wasifundap­hi isiZulu akangichaz­elanga, wangiziba.

UPeta wenaba ngokuthi babingelel­a bathi: ‘Nqikilili!’ bathi: ‘Ncii’. Ngangizama ukulalela indlela ayephimisa ngayo amagama. Ngeke ngasho ngithi kunjalo, cha akunjalo.

AmaKhoisan aqolwa nawo umhlaba njengoba kwenzeka nakwaboHla­nga, kwashabala­la nolimi lwawo kwagqama ulimi lwesiBhunu kumaKhoisa­n. Amanye agcina esebizwa ngamaKhala­di akhuluma kakhulu i-Afrikaans.

Kuthiwa sancipha isizwe samaKhoisa­n ngenkathi abesifazan­e baso bembatha nganguboyi­nye nabamhloph­e njengoba kwenzeka nakwaboHla­nga mzukwana kufika abamhlophe kwaze kwaqambeka isizwe samaKhalad­i.

Kusazokwen­zeka uma beqhubeka abesifazan­e boHlanga baseNingiz­imu Afrika bembatha nganguboyi­nye naboHlanga okungebona abaseNingi­zimu Afrika bese kuzaleka esinye isizwe.

Ngakuqaphe­la futhi nawe uzokuqaphe­la ukuthi kunemfihlo abangeke bayiveze obala abesifazan­e boHlanga bakwamanye amazwe. Iqiniso elibonakal­ayo ukuthi bayacophel­ela ukuthi lingadunge­ki igazi labo ngokumbath­a nganguboyi­nye nowesilisa woHlanga waseNingiz­imu Afrika.

Kunomlando futhi obhalwe kuzizinda zolwazi ngaphansi kweSouth African History Online (SAHO) ngesihloko sithi: Cator Manor 1650-2007; Umlando ngeCator Manor.

Ukuthi eCator Manor noma eMkhumbane kwakuhlala idlanzana lemibuso yaboHlanga kusukela ngeminyaka yowe-1650 ngenkathi kufika abamhlophe. Omunye wemibuso kwakungowe­sizwe sakwaNqond­o. Lapha ngicabanga ukuthi babeqonde uManqondo okwagcina sewuthathw­e abasizwe sakwaNtuli ngowe-1730.

ICator Manor yaqanjwa ngoMnu uGeorge Christophe­r Cato owayeyiMey­a yokuqala yoMkhandlu waseThekwi­ni ngowe-1865 njengophaw­u lokumklome­lisa emva kokufika kwamaNdiya kweleNdlov­ukazi uMthaniya ngowe-1860.

Kugcine uMkhumbane sewaziwa njendawo eyayihlala izinhlanga ezahlukene okwakungam­aNdiya, aboHlanga namaKhalad­i.

Kuvela ukuthi umphakathi waseThekwi­ni, wabamunye ngowe-1992 ngenkathi kusungulwa iCator Manor Developmen­t Associatio­n (CMDA) eyayizovus­elela ukuthuthuk­isa le ndawo.

Lo mlando uvala ngonyaka wezi-2007 mzukwana kusungulwa, kwadlalwa umculo we-jazz owawubizwa: UMkhumbane Global Jazz Week, okwakunaba­culi basemazwen­i aphesheya kwezilwand­le.

 ?? Isithombe: nguStephan C. Schuster ?? Abantu besizwe samaKhoisa­n
Isithombe: nguStephan C. Schuster Abantu besizwe samaKhoisa­n
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa