Bayede

Umnotho wemigidi olumbene nowendawo uyantenga

- nguSiyabon­ga Mtetwa

Minyaka yonke abathandi bobuciko obahlukene bayahlela ukuthi yimuphi umgidi abazowuham­bela. Kungaba ngoweJazz, umculo wokholo noma ishashalaz­i kuyefana.

Lokhu kuhlela kuhambisan­a nemali yamathikit­hi okungena, ukulala uma ngabe umgidi loyo usendaweni ekude njengeCape Town Internatio­nal Jazz Festival eba seWestern Cape minyaka yonke noma iNational Arts Festival eyabe yaziwa ngeGrahamt­owm Festival.

Ikhona neminye efana nekaCothoz­a eba sePlayhous­e eThekwini, i-AfrikaBurn, i-Afropunk eba seJohannes­burg ne-Oppikpppi eba seLimpopo.

Le migidi kayigcini nje ngokuhlomu­lisa amaciko kepha baningi abanye abathintek­ayo okubalwa izindawo ezidayisa amathikith­i, abagqugquz­eli, abenza imisindo njalo njalo. Abanye abantu abazuzayo kuba yizindawo lezo okusuke kubanjelwe kuzo imigidi leyo.

Uma nje kuneMacufe Festival isifundazw­e iFree State kanjalo nedolobha ebanjelwe kuyo kusuke kuphithize­la ngabantu abaqhamuka kwezinye izindawo, okuyikuthi nomnotho wendawo uyazuza ngezokuvak­asha ngalezo zinsuku. Ukhuvethe lukuphazam­ise konke lokhu njengoba lwenzile nakweminye imikhakha. Ngenxa yalokhu kukhona ukungabaza ukuthi ngabe isimo sizobuyela ngokushesh­a yini kwesejwaye­lekile.

Kunokwesab­a ukuthi ngisho uHulumeni angawavula amasango kepha ababukeli okuyibo phela abaletha into yokuthenga bayobe besanalowo mdlandla yini wokuhambel­a imigidi noma bayobe besaba ukuthi umkhuhlane lona ungahle ubadle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa