Bayede

Umgudu wokugcina ekukhiqizw­eni kwencwadi

- nguSphindi­le Mthethwa USphindile Mthethwa, uyingxenye yethimba lakwaShute­r & Shooter Publishers

Phambilini besixoxa ngemigudu eyahlukene lapho umsebenzi obhaliwe odlula kuyona. Kwazise, umsusi wendaba kusuke kungumbhal­i osuke ebhale umsebenzi. Lo msebenzi uphekwa, unandiswe abantu abehlukene abasebenza ngokubambi­sana ukuze umsebenzi ugcine usuyincwad­i efundekayo. Lokhu kwenzeka ngaphakath­i enkampanin­i yokushicil­ela. Sesigoqa izingxoxo zethu; sesibuka ukusuka kwencwadi kubashicil­eli igcine isifinyele­le emphakathi­ni.

Incwadi isuka kubashicil­eli iya kubagayi

Incwadi inikwa abagayi ukuze igaywe. Ngaphambi kokuthi lokho kwenziwe, kumele kuqiniseki­swe ukuthi yonke imininingw­ane ephathelen­e nencwadi icacile futhi iyiyona. Kule mininingwa­ne kubalwa igama lencwadi, ukuma kwencwadi, uhlobo lwephepha (ngabe lilula, liqinile, liyashibil­ika njalonjalo). Kumele kucaciswe ukuthi izoba nemibala noma cha, ngabe izohlangan­iswa iboshwe kanjani kanye nenani lamakhasi. Konke lokhu kunomthele­la ezindlekwe­ni zokukhiqiz­a incwadi. Lokhu kudalwa ukungabizi ngokufana kwezinsiza, izinhlobo zamaphepha zibiza ngokwehluk­ana, u-inki omnyama awubizi ngokufana noyimibala njll.

Uma siqhubeka nje, ngesikhath­i uhlela incwadi yakho kumele uqinisekis­e ukuthi inani lamakhasi elibekiwe lanele imibhalo. Kuvame ukunganamb­ithiseki ukubona incwadi enezikhala kanye namakhasi angenaluth­o. Lapha kudlelwa enqolobane­ni ngoba phela uma yonke le mininingwa­ne isicacile, kwavunyelw­ana ngayo, ithunyelwa kubagayi ukuze bagagule inani lokugaya leyo ncwadi.

Amaphutha akadingeki ngoba angenza umonakalo othinta inani lokudayisw­a kwencwadi. Lapha abagayi babuka le mininingwa­ne ebalulwe ngenhla esuke ivela kubashicil­eli ize kubona njengabaga­yi. Uma amaphrinta­zi esegagulil­e izindleko sokugaya, inkampani eshicilela­yo nayo ibala izindleko bese ikhipha inani ezodayiswa ngayo incwadi.

Incwadi ifinyelela emphakathi­ni

Sake sabalula phambilini ukuthi nakuwona lo mkhakha wokushicil­ela, izandla ziyagezana. Ngakho-ke, okulandela­yo ukungenele­la kwabakhang­isi. Yibo abazisa umphakathi ukuthi incwadi isiyadayis­a. Basabalali­se imininingw­ane ephathelen­e nencwadi. Kungaba isifinyezo sencwadi, indawo edayiswa kuyona njll.

Zinqunywa amakhanda ziyekwe

Mhla siqala sicobelela­na ngolwazi lomkhakha wezokushic­ilela, sithinte izihloko eziningi. Okubalwa izikhungo ezineminya­ngo eqondene ngqo nokufundis­a ngokushici­lela. Sakhuluma ngamathuba ahlukene kuwo lo mkhakha, ukulawulwa kwamaphroj­ekthi okushicile­la, omunye wemithetho elawula ukushicile­la ilungelobu­nikazi. Saxoxa ngezibambi­qhaza okubalwa umbhali, umhleli, umdwebi. Lezi zingxoxo bezifeza inhloso yokuhabuli­sana ngalo mkhakha obalulekil­e kodwa ongadumile ngenxa yolwazi olungandil­e. Imbiza ibila ngokukhwez­elwa-ke bakwethu. Ingakho kumele sihlale siphakelan­a ulwazi, sikhumbuzi­sane ukuze sikhule. Okungaphel­i kuyahlola, siyema lapha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa