Bayede

ISIHLANGU LESI AKUMGEXE KEPHA NGUMLANDO

-

Siphila ezikhathin­i zengqephu. Enye ngeyomdabu kanti enye ngeyokufik­a eyabe ifike nabo oMposoyeth­afa.

Akukhathal­i ukuthi wena ukhetha yiphi okusalayo wukuthi abantu bayamukela ngezizathu ezahlukene.

Lapha ekuhlobeni kwesintu kakhulu kwabesilis­a kukhona isihlangu okuthi nxa insizwa isiphethe kuphelele indaba.

Isihlangu lesi akuwona umgexe nje noma into ongathi uyibolekis­e umuntu ngaphandle uma sekuyilezi zokuhlobis­a.

Endlulo lapho inkomo yabe iwumnotho nomxhumani­si.

Ngesihlang­u isinzwa iyakwazi ukuxoxa umlando wenkabi leyo eyawayo, omunye axoxe nangoyise noma umkhulu wakhe abasidluli­sela kuye isihlangu lesi.

Izihlangu lezi kwabanye ziyehluka isibonelo ejadwini ngesinye empini ngesinye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa