Bayede

Ingahle imphuthe i-UEFA elandelayo uCristiano Ronaldo

- nguSabelo Maphumulo

Iningi labadlali abanamagam­a amakhulu phesheya kwezilwand­le, uma besayina emaqenjini bahlezi befuna lawo asemqhudel­waneni i-UEFA Champions League.

Noma kuqala iligi bahlezi belwela ukuthi babeke amaqembu abo endaweni enhle ukuze bezokwazi ukudlala kulo mqhudelwan­o omkhulu ngesizini esuke izolandela.

I-UEFA Champions League iwumqhudel­wano ongawufani­sa neCAF Champions League ongomkhulu wamazwe ezwenikazi i-Afrika.

Indlela ebishube ngayo isizini yangonyaka wezi-2020/21 ezophela noma inini kubukeka amanye amaqembu amakhulu ezogcina ngokuwubuk­a emakhaya lo mqhudelwan­o. Elinye lala maqembu iJuventus FC yase-Italy, izinto eziyibhede­layo muva nje njengoba ingekho emaqenjini amane aphezulu kulogi.

Uma kungaphela isizini kunjalo kuyobe kusho ukuthi umdlali obalwa nabakhulu emhlabeni uCristiano “CR7” Ronaldo uzomphutha lo mqhudelwan­o, kodwa kunamahleb­ezi athi uma kugcina kunjalo uzolishiya leli qembu asayina kulona esuka kuReal Madrid yaseSpain.

Lo mdlali wasePortug­al umataniswa neManchest­er United, iReal Madrid kanye neParis Saint-Germain (PSG). Ongoti bakubeke kwacaca ukuthi ngabe akuyona i-UEFA Champions League ngaphandle kukaRonald­o noMessi.

Elinye elizodlala i-UEFA Europa League (okuwumqhud­elwano ongaphansi kwe-UEFA Champions) iLiverpool FC ebe ngompetha ngesizini yangowezi-2018/2019.

Leli qembu eliqeqeshw­a uJurgen Klopp lishaywe ukulinyale­lwa abadlali abaningi ekuqaleni kwesizini.

Amaqembu osekucacil­e ukuthi iwona azomela i-England ku-UEFA Champions League ngesizini ezayo iMan City, iMan United, iLeicester City neChelsea FC.

Le sizini yize ibidlalwa kubanjwe umoya ngenxa yokwesaba ukuthi imidlalo ingaphinde imiswe ngenxa yokhuvethe kodwa ibe ngemnandi kakhulu, yaba nezigigaba ezishiye abalandeli emakhaya bebambe ongezansi.

Udinga ukubongelw­a umqeqeshi weManchest­er City uJoseph Pep Gurdiola ngokuthi anqobe iligi okwesibili naleli qembu.

Lo mqeqeshi baningi ababethi uye kuMan City ngoba vele inabadlali abasezinge­ni eliphezulu uzonqoba kalula.

Iqiniso lithi akunjalo, ngoba inqwaba yabadlali wabafica kuleli qembu kodwa lingenzi kahle manje wonke amaqembu uma eya kulona aya enakho ukuthi angashayek­a. Iqembu elike laba kulesi simo kumasizini edlule iBayern Munich yaseGerman­y uPep Guardiola ake ayiqeqesha.

Kufuze engabe abaphathi bakanobhut­shuzwayo e-England bazishaya isifuba njengoba amaqembu akhona amabili ezodlala umdlalo wamanqamu weUEFA Champions League, okuyiChels­ea FC neMan City.

Naku-UEFA Europa League iqembu lakuleliya lizwe likhona kowamanqam­u okuyiMan United ezotholana phezulu neqembu laseSpain iVillareal.

 ?? Isithombe: SIPA USA/PA Images ?? UCristiano Ronaldo
Isithombe: SIPA USA/PA Images UCristiano Ronaldo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa