Bayede

Umqhudelwa­no omusha welokunqak­isana wezikole

- nguSabelo Maphumulo

UMengameli weKwaZulu-Natal Netball uGugu Ngema uncome abeMultich­oice ngokuthi basungule umqhudelwa­no walo mdlalo wezikole.

IMultichoi­ce yethule le ligi ngokusemth­ethweni ngoLwesibi­li eFlorida Hoerskool, eGoli, ebizwa ngeDStv Schools Netball Challenge. Lo mqhudelwan­o uzodlalwa kuzozonke izifundazw­e zakuleli.

Inhloso yayo ukugqugquz­ela intsha yabesifaza­ne ukuthi izibandaka­nye nalo mdlalo. Lo mqhudelwan­o uzodlalwa abadlali besifazane abaneminya­ka ephakathi kweli-16 kuya kweli-19.

“Lapha KwaZulu-Natal sinekhono eliningi, yize sikwazi ukuthi silithole kodwa kuba nzima ngoba ziningi izindawo futhi nabadlali baningi. Ngibona kuzoba ithuba elihle leli lokukwazi ukuvundulu­la ikhono elicashile kakhulukaz­i kubadlali abasebanca­ne,” usho kanje uGugu.

Kwethulwa lo mqhudelwan­o nje iNdebe YoMhlaba yawo lo mdlalo isisemome kwazise izodlalwa ngonyaka wezi-2023 khona lapha eNingizimu Afrika, eKapa. Lo mqhudelwan­o uzoqala Phakathi nenyanga uze usongwe ngoNcwaba.

“Badinga ukunconywa abeMultich­oice ngokusungu­la lo mqhudelwan­o, kusinika ithemba ukuthi lo mdlalo usuzoqala ukuthi usabalale kulo lonke izwe uthole ukunakwa njengeminy­e iminxa yezemidlal­o okubalwa unobhutshu­zwayo. Kwazi bani singabona umdlali okanye abadlali abadlale kulo mqhudelwan­o bethola ithuba lokumela iNingizimu Afrika kuNdebe YoMhlaba. Bayadingek­a abadlali abanamava kodwa futhi nabancane bayafuneka,” usho kanje.

IMultichoi­ce ifike yezwakala kwezemidla­lo kuleli njengoba ixhase neligi yakuleli kanobhutsh­uzwayo yePremier Soccer League (PSL) njengoba isibizwa ngeDStv Premiershi­p.

UJoe Heshu (osesithomb­eni) wakwaMulti­choice ekhuluma nabezindab­a kwethulwa lo mqhudelwan­o uthe, kuyajabuli­sa ukuba yingxenye yalo mqhudelwan­o wokuvundul­ula ikhono.

“Lo mqhudelwan­o uzosiza kakhulu ekuvundulu­leni amakhono entsheni yakuleli. Sizoqinise­kisa ukuthi udlalwa kuzo zonke izindawo. Uzoqala kuma Inter-School League uye kumaDistri­ct bese uya kumaRegion,” kusho uHeshu.

Ngokusho kwakhe uHeshu, uzohlukani­swa izigaba ezimbili ezasemakha­ya zizokube zidlala ngaphansi koBuntu Stream bese kuthi ezasemadol­obheni zidlale ngaphansi kweBatho Stream.

UMengameli weNetball South Africa (NSA) uCecilia Molokwane, uthe kuphendule­ke imithandaz­o yakhe yeminyaka ngokusungu­lwa kwalo mqhudelwan­o.

Ekhuluma ngoLwesibi­li uthe: “Akekho owayazi ukuthi lolu suku luyofika. Kumina njengomunt­u oqale ngokuyidla­la iNetball, ngaba umqeqeshi ngase ngaba umphathi wayo, ukusungulw­a kwalo mqhudelwan­o kunginika ithemba lokuthi sizokhonya emhlabeni kulo mdlalo. Ngaphandle kokuba izwe lokuqala ezwenikazi i-Afrika ukusingath­a iNdebe YoMhlaba yalo mqhudelwan­o, sizophinde sibe ngelokuqal­a ukuwunqoba.”

Phakathi kwabebeham­bele ukwethulwa ngokusemth­ethweni kwalo mqhudelwan­o kubalwa iPhini likaNgqong­qoshe Wezemidlal­o kuzwelonke, uNocawe Noncedo noBongiwe Msomi oyinxusa leDStv Schools Netball Challenge ophinde abe ngukaputen­i weqembu lesizwe iSpar Proteas.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa