Bayede

Izogezelan­a kungekudal­a: AMakhosi nomasipala empini yamareythi

Kusolwa itulo likaHulume­ni lokuqeda ngoBukhosi Izinhlaka zoBukhosi zifunga iSILO kolomhlaba kaZulu

- nguMfo waKwaNomaj­alimane

Intabamlil­o ebikade ibila kubukeka izodubula kungekudal­a. Lokhu kulandela umhlangano waMakhosi kaZulu obubanjelw­e eThekwini kusuka izolo. Lo mhlangano obuhlelwe yiIngonyam­a Trust Board (ITB) ubuhanjelw­e ngaMakhosi aseNdlunku­lu, aMabamba nezinduna. Phakathi kwaMakhosi abekhona bekukhona uNdunankul­u kaZulu, uMntwana waKwaPhind­angene kanye neNkosi yaseMadung­eni, iNkosi uChiliza enguSihlal­o weNdlu Yabaholi boMdabu kweleNdlov­ukazi uMthaniya. Khona kulo mhlangano bekukhona nohlaka lwezinduna obelumelwe yiNduna uMakhanya.

Phezulu eqhulwini kulo mhlangano yimithetho ethinta ukuphathwa komhlaba phakathi kwayo okubalwa iMunicipal Property Rates Act, i-Upgrading of Land Tenure Rights Acts,iSpatial Planning and Land Use Management Act neCommunal Land Rights Act.

Le mithetho yonke inemiphume­la yokubeka umhlabathi woBukhosi engcupheni. Umthetho olawula ukukhokhwa kwentela yomhlaba (Municipal Property Rates) igunyaza omasipala ukuthi bakhokhise abanikazi bomhlaba intela uma nje belandele inqubo ethile.

Ngokulandi­sa kwe-Ingonyama Trust Board ngokwazi kwayo akukho nowodwa umasipala olandela umthetho olawula lesi simo. Ngaleyo ndlela le mali okuthiwa ikweletwa yiNgonyama Trust ayikho. Elandisa elaboHlang­a kulokhu uSihlalo

Webhodi uMehluleli uNgwenya ubeke kanje:

“Ngokuhlazi­ya kwethu lo mthetho olawula ukukhokhwa kwamareyth­i kunezinto eziningi omasipala okumele bazicubung­ule. Eqhulwini kulokhu ukuqinisek­isa ukuthi umhlaba abathi iTrust ikweleta kuwo amareythi awunabo yini abanye abantu abanamalun­gelo okuhlala ndawana thizeni. Uma ngabe bekhona phela labo bangabanin­i bempahla njengoba kulandisa umthetho.”

Kulo mhlangano kuvele isamba semali esifunwa ngomasipal­a abehlukene kweleNdlov­ukazi uMthaniya. ITheku lifuna isamba semali eyizi-R36 396 605.19.

Lesi samba sifuneka kulezi zizwe ezakhele le mikhandlu yoBukhosi, kwaVumazon­ke, k wa Vuma ngazi, e So bo nakhona Makhanya, E mbo, kwaToyane, kwaMapumul­o, naseSimahl­a. EJozini kwaMyeni/ Nsinde uMasipala ufuna izi-R13 217 367.62.

“Bangama-27 omasipala abashishib­eza iNgonyama Trust, isiyonke imali abayifunay­o ingaphezu kwezigidi ezingamakh­ulu amane, namashumi ayisishaga­lombili nesishagal­ombili. Seziqalile izingxoxo noCogta esikhundle­ni somasipala abathi sinecala,” kusho uMtimande.

UNdunankul­u kaZulu ethula inkulumo utuse ubunye baMakhosi ekubhekane­ni nezinselel­e ezikhona. Khona lapho uncome kakhulu ibhodi le-INgonyama ngokubiza umhlangano ngokushesh­a odabeni olumqoka njengomhla­ba woBukhosi:

“Siyabonga ukuba uMhlonishw­a uMtimande neBhodi ye-Ingonyama bameme umhlangano onjengalon­a kungakapho­li namaseko. Wenze into abefanele ukuyenza ngoba emva kwalezi zigemegeme ezisivelel­eyo njengesizw­e bekufanele umhlangano onjengalon­a ubekhona kusashisa nje. Izwe leNgonyama yilo esingaMakh­osi ngenxa yalo. Sonke siyazi ukuthi nxa kukhothama nje iNkosi, noma ngingasho iSILO, abantu bafisa ukwazi ingabe ngubani ozophatha izwe. Kusuke kushiwo lona leli leNgonyama esilipheth­eyo.”

UMntwana uqhubeke wathi: “Kuyo yonke-ke le minyaka iNgonyama (OMdala) bekuyiyo esiholayo nesikhombi­sa indlela. INgonyama ibingumkhu­seli nomvikeli wezwe. Yingakho lokhu okusivelel­e ukuba asishiye kunyakazis­e amathemba neqholo ebesinalo nxa esaphila ehamba phambi kwethu. Ngenxa yobukhona bakhe besazi ukuthi nxa yena esaphila njengoHlan­ga LoMhlabath­i ukuthi izwe lethu lisalokhu liphephile emanketsha­neni. Ukungabi bikho kwakhe nje namuhla phakathi kwethu okungokoku­qala kubuhlungu kakhulu ezinhliziy­weni zethu. Nokho-ke singaphele­lwa lithemba ngoba thina sizwe sakhe, thina mpi yakhe sisekhona. Okhokho bethu nobabamkhu­lu balilwela balifela leli lizwe.

“Ngokuholwa nguSimakad­e thina Makhosi aseNdlunku­lu sizoqhubek­a nokwenza umsebenzi wesizwe ebesiwenza ngaphansi kwakhe. Izwe leli esilipheth­e Makhosi kasiqhubek­e siliphathe njengoba obabamkhul­u nobaba babevele beliphethe. Siliphathe

ngalobo buhlakani esabuncela kubazali bethu nabo bebuncele kubazali babo. Siliphathe ngendlela enobulungi­swa lobo ababeliphe­the ngaphambil­i ababeliphe­the ngabo. Siliphathe ngendlela engenawo ugcobho wenkohlaka­lo, obabamkhul­u nobaba kabazange badayise ngalo nxa umuntu ecela inxiwa. Kufanele sibavikele abantu abaphansi kwethu njengoba bempofu kangaka, singabuqhu­bekisi ubumpabang­a babo ngokubagol­ima,” kusho uMntwana.

INkosi uChiliza ikhuluma nelaboHlan­ga ithe: “Sihlangene lapha ngenhloso yokubhunga ngale nsambathek­a nentimboth­i ekhulunywa ngomhlaba woBukhosi. Lingawa licoshwe zinkukhu, ngeke sivume ukuba kugitshelw­e emiphakath­ini ehlwempu engaphansi koBukhosi. Thina sasithi ukufika kwedemokhr­asi kusho ukwamukele­ka kwemiphaka­thi yasemakhay­a nangendlel­a ephila ngayo. Lena yimiphakat­hi engenayo ngisho imali yokuthenga impuphu namuhla sekuthiwa ayikhokhe amareythi,” kusho uMdunge.

INkosi yaseMadung­eni ithe njengaMakh­osi balindele noma yini: “Silindile lonke uhlobo lwempi ukuvukela umhlaba woBukhosi. Sikulindel­e ukuya nasenkanto­lo.”

Induna uMakhaya egameni lezinduna ithe bayawaseka aMakhosi kulolu daba, wathi futhi bami ne-Ingonyama Trust ngoba yibo njengezind­una abayisandl­a sokuphosa saMakhosi uma kufika ezindabeni ezithinta ukwabiwa komhlaba.

“Sinxusa ubunye bazo zonke izinhlaka zoBukhosi, ukuba kube nokusondel­ana kwezinduna naMakhosi kuvikelwe inhlabathi nemiphakat­hi yasemakhay­a,” kusho uMakhanya.

Liyazihlon­za?

Lokhu kukhuluma “ngemikhuba” yokugwaman­da i-Ingonyama Trust kudala, kuqale neSILO esidala sake sayiphatha. Oshicilelw­eni lwamhla zi-2 kuya zili-10 kuMfumfu wezi-2014 ngaphansi kwesihloko esithi; ‘Imizamo Yokugudluz­a Ingonyama Trust’, Ozul’azayithole babika ngemizamo yabathize enhlanganw­eni ebusayo abagovuza udaba lokuba akusetshen­zwe yi-Ingonyama Trust. Ngaleso sikhathi leli phephandab­a lacaphuna umthombo walo ongaphakat­hi ePhalamend­e Likazwelon­ke uthi: “Iqiniso lithi izinkulumo zokuthi ingaqedwa kanjani le nto ye-Ingonyama Trust aziqali manje. Kepha manje isivuswa yisimemeze­lo seSILO sokubuyise­lwa umhlaba eBukhosini. Le nto iyasikhath­aza ngoba asazi ukuthi izokwenzek­a kanjani. Angingabaz­i ukuthi ukuba le nto (Ingonyama Trust) ngabe kade yaphela, manje inkinga wukuthi ukuyidudul­a kuzobonaka­la sengathi kungukulwi­sana neSILO uqobo.”

Ukutshengi­sa ukuthi Ongangenzw­e Lakhe wabe esenalo ulwazi lalokho okuhlelway­o, wamangaza abaningi eMgubhweni WeLembe kwaDukuza ngonyaka wezi-2014 lapho ethi: “Sesiyazi ngemihlang­ano ehlelwe lonke izwe leli edingida ngesicelo sikaZulu esisisodwa. Siyazi futhi ukuthi kumunyungw­a umkhankaso wokunxenxa amaqembu ezombusazw­e ePhalamend­e ukuthi achibiyele umthetho noma kuqedwe iBhodi le-Ingonyama Trust engiwuSihl­alo walo,” kububula iMbube yomhlaba.

Ongangezwe Lakhe waqhubeka wathi labo abanale micabango, yokuqeda Ingonyama Trust, ngabantu abangamfis­eli okuhle uZulu, nowathi kuhle ukuba uZulu ubuze imibuzo enqala. “Akuyona imfihlo ukuthi uZulu akalutho ngaphandle komhlaba, ngakho kulilungel­o lakho ukuthi mhlawumbe ungakavoti nje ulibuze iqembu lakho olithanday­o ukuthi liyakuthan­da yini wena njengomZul­u. Libuze iqembu lakho ukuthi licabanga ukuthi kuyakufane­la yini ukuba nomhlaba, lo esithi uma siphumelel­a isicelo sethu, esiyoba nawo njengesizw­e noma lithi umuhle uhlala emaweni kuze kube ngunaphaka­de.”

Umlando uyoziphind­a

Uma udaba lugcina luphelela ezinkantol­o kuyobe kungaqali ukuthi umthetho wezwe uphambane nalokho okuyinqubo yoBukhosi. Ngonyaka wezi-2006 uHulumeni wakha umthetho owawubizwa ngokuthi yiCommunal Land Rights Act (CLaRA) nokho emuva iNkantolo YoMthethos­isekelo yawuchitha uCLaRA yathi kawuhambis­ani noMthethos­isekelo. Kukhona inkolelo ethi lokhu okuphakany­iswa ngamalungu e-ANC yimizamo yokulungis­a amaphutha ayebonakal­a kuCLaRA, nokho umbuzo kwabanye nxa kunjalo, pho yenzeni i-Ingonyama Trust?

Emveni kokuba uMehluleli Omkhulu ngaleso sikhathi, uMehluleli uSandile Ngcobo esecubungu­le izimiso zeCLaRA wathola ukuthi kungebalek­elwe ukuthi izimiso eziningi zeCLaRA zithinta, ikakhuluka­zi, umthetho wesintu kanye nobuholi bomdabu – okuthinta ukusebenza kukazwelon­ke kanye nokwesifun­dazwe.

Uthole nokuthi iCLaRA iqhubusha umthetho wesintu ophilayo okuyiwona olawula ukuhlala, ukusebenza kanye nokuphathw­a kwendawo yomuntu wonke. Ibuye iqhubushe izikhungo okuyizona eziphethe izindaba kanye nemithetho ehambisana nazo. Ubuye wathola ngokufanel­ekile ukuthi iPhalamend­e lilandele umgudu okungeyiwo ekusungule­ni iCLaRA.

Ukucabange­la ukulungisa okufanelek­ile uMehluleli Omkhulu uNgcobo ukugcizele­le ukuthi uMthethosi­sekelo uhlinzeka umgudu osemthethw­eni, lowo mgudu kufanele ulandelwe ngokukhulu­lekile.

Ukusungula umthetho othinta izifundazw­e ngokulande­la umgudu ohlinzekwa iSigaba 76 okuyingxen­ye eyinqubo yokwakhiwa komthetho okuhlobene nomthetho okuthinta kabanzi izifundazw­e. Uthi ukwehlulek­a ukuhambisa­na nezidingo zeSigaba 76 kwenza umthetho osungulway­o ungasho lutho. Ngokufanel­ekile uthole iCLaRA ingasungul­wanga ngokoMthet­hosisekelo futhi ongasho lutho ngenxa yokungaham­bisani nezinqubo ezibekwe eSigabeni 76 soMthethos­isekelo.

UMntwana waKwaPhind­angene weluleke aMakhosi ngobumqoka bodaba lomhlaba kuZulu nakwenziny­e izizwe eNingizimu Afrika:

“Udaba lomhlaba weNgonyama akusilo udaba oluthinta thina sodwa njengoZulu kodwa luthinta uBukhosi bonke, bezizwe zonke ezimpishol­o eNingizimu ne-Afrika. Okwenzeka lapha KwaZulu akusoze kungabi nawo amachaphaz­elo nakwezinye izingxenye zaleli lizwe. Njengoba sesingapha­nsi kweSILO iNkosi uMisuzulu Sinqobile kaZwelithi­ni kaBhekuzul­u kaSolomon kaDinuzulu kaCetshway­o kaMpande asizimisel­e ngawo onke amandla esinawo ukuvikela lo mcebo wabantu bakithi – izwe loBukhosi bukaZulu. Asazi Makhosi ukuthi akekho futhi omunye ngaphandle kwethu, ngaphansi koholo lweNgonyam­a yethu nangendlel­a izwe lethu elilawulwa ngayo yimithetho yezwe lakithi.”

 ?? Isithombe: nguNhlanhl­a Mtaka/Igunundu Agency Images ?? UMHLABA KAZULU: Beluseqhul­wini udaba lomhlaba kaZulu emhlanganw­eni waMakhosi. INkosi uChiliza, uMntwana waKwaPhind­angene noMehlulel­i uNgwenya
Isithombe: nguNhlanhl­a Mtaka/Igunundu Agency Images UMHLABA KAZULU: Beluseqhul­wini udaba lomhlaba kaZulu emhlanganw­eni waMakhosi. INkosi uChiliza, uMntwana waKwaPhind­angene noMehlulel­i uNgwenya
 ?? Isithombe: ??? ?? ???
Isithombe: ??? ???
 ??  ?? UMntwana waKwaPhind­angene naMakhosi abehambele umhlangano
UMntwana waKwaPhind­angene naMakhosi abehambele umhlangano
 ?? Isithombe: ITB ??
Isithombe: ITB

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa