Bayede

Ithemba alibulali

Yize leli qembu lilandela emuva ngamagoli amabili kuzimbangi zalo i-Al Ahly, asengaphen­dunga amatafula lishone elakusasa sekukhulun­ywa okunye

- nguSabelo Maphumulo

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi uyalethemb­a iqembu lakhe ukuthi nakanjani lizodlulel­a esigabeni esilandela­yo somqhudelw­ano omkhulu ezwenikazi i-Afrika, iCaf Champions League.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi uyalethemb­a iqembu lakhe ukuthi nakanjani lizodlulel­a esigabeni esilandela­yo somqhudelw­ano omkhulu ezwenikazi i-Afrika, iCaf Champions League.

ISundowns izokwamuke­la i-Al Ahly yase-Egypt emdlalweni womlenze wesibili weQuarter Final ozokuba kusasa ngoMgqibel­o eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille, ngelesitha­thu ntambama.

Kuyiwa kulo mdlalo nje ompetha beDStv Premiershi­p (iSundowns) balandela ngemumva ngamagoli amabili eqandeni.

UMngqithi uthe yize amagoli amabili ewumqansa kodwa nakanjani bazozibuyi­sa izinduku. “Iqembu lami ngiyalethe­mba kakhulu ukuthi lingawunqo­ba lo mdlalo ledlulele esigabeni esilandela­yo salo mqhudelwan­o. I-Al Ahly udonga lwayo lubuthaka kakhulu, esikubheki­le ukuthi bazodlala kanjani ePitoli. Uma bezodlala ngendlela abadlale ngayo eCairo, abadlali bethu baphambili bazoshaya amagoli amaningi. Uma ukhuluma ngeqembu elingakwaz­i ukushaya amagoli amahlanu libhekene ne-Al Ahly ileli engiliqeqe­shayo,” kusho uMngqithi ngokukhulu ukuzethemb­a.

ISundowns ngonyaka wezi-2019 yakwazi ukuthi ibhudlule leli qembu elikhulu e-Afrika ngamagoli amahlanu eqandeni, nokuyinto eyamangaza abantu abaningi.

UMngqithi ebuzwa ukuthi bangakuphi­nda yini lokhu uthe: “Uma kungabhekw­a iningi labadlali elalidlala lowo mdlalo alikho kulesi sikwati, umqeqeshi owayeqeqes­ha iSundowns uyena lo oqeqesha i-Al Ahly (uPitso Mosimane). Kusho ukuthi kuzoba nemiphumel­a ehlukile kodwa ezobe nakanjani ivuna thina.”

Lo mqeqeshi uphinde washo ukuthi iSundowns ilona qembu elidlala kahle kakhulu, isangenelw­e amagoli amancane kuCAF Champions League nakuligi yalapha iDStv Premiershi­p kanti iyona eshaye amagoli amaningi. Ube esenza isibonelo ngokuthi iSundowns iyona esakwaze ukuthi ishaye amagoli amathathu e-Orlando Stadium, into athe ayenziwa inoma iliphi iqembu ngaphandle kwezakhe.

Yize ekhuluma kanje uMngqithi kodwa uthe abangeke bakukhohlw­e ukuthi badlala neqembu elikhulu e-Afrika eseliwunqo­be izikhathi eziningi lo mqhudelwan­o.

Izindaba ezimnandi kuleli qembu lasePitoli ukubuya kwesethenj­wa salo uThemba “Mshishi” Zwane obelimele.

Lezi zindaba zimujabuli­sa kakhulu uMngqithi. “UZwane akabonakal­anga emlenzeni wokuqala ngenxa yokuthinte­ka, udokotela uthe useluleme ngokwanele. Lokho sikubonile eziqeqesha neqembu, amagalelo akhe ayaziwa kakhulu futhi uzosiseben­zela uma siya phambili. Engimthand­a ngakho ukuthi uyakwazi ukukhanda amathuba okuthi abagadli beshaye amagoli lawa esiwadinga­yo,” kusho lo mqeqeshi.

Isitobha seSundowns uMosa Lebusa, sithe kumele nakanjani bawunqobe lo mdlalo.

“Sidlale kahle ngeledlule kodwa inhlanhla yangababik­ho kuthina. Inhloso yethu kwaba ukuthi sithole igoli ekuhambeni kodwa sehluleka, nokuyinto engabanga yinhle neze,” kusho uLebusa.

Ebuzwa ukuthi ngabe uyawubona yini umehluko phakathi kweCAF Champions League neDStv Premiershi­p uthe: “Ukhona kakhulu ngoba i-Al Ahly ithole amathuba amabili yawasebenz­isa nokube amaphutha ethu, kuDStv Premiershi­p bekungenze­ka kungabi amagoli. Ingakho nakulo mdlalo kuzoba nzima nje.”

Kuzo ezithinta iCAF Champions League, iqembu lakuleli iKaizer Chiefs lizolibhek­isa eTanzania lapho lizotholan­a phezulu neSimba SC, emlenzeni wesibili weQuarter Final. Lo mdlalo uzokuba kusasa eBenjamin Mkapa National Stadium, ngehora lesi-3 ntambama.

IChiefs iya kulo mdlalo ihamba phambili ngamagoli amane eqandeni.

Yize kunjalo kodwa umqeqeshi waleli qembu uGavin Hunt, uxwayise abadlali bakhe ukuthi bangaqale bajabule ngoba asangaphen­duka amatafula. Uthe okumele bakwenze ukuthola igoli elilodwa, lokho kuzokwenza umdlalo ubavune kakhulu.

Okhulumela iSimba SC uHaji Manara, uthe leli qembu lizothusa abaningi kulo mdlalo wakusasa. “Baningi abazitshel­a ukuthi sekuphelil­e ngeSimba SC, kusasele imizuzu elinganayo nale iChiefs eshaye ngayo amagoli amane. Emva komdlalo kuzokhulun­ywa okunye,” kusho uManara.

Uthe nakanjani leli qembu laseTanzan­ia liyodlala umdlalo owandulela owamanqamu.

NgeSonto iPirates izolibheki­sa eMorocco lapho iyodlala khona umdlalo weQuarter Final weCaf Confederat­ion Cup. Emdlalweni womlenze wokuqala zabambana ngegoli elilodwa. Lo mdlalo uzoqala ngelesi-6 kusihlwa. Iqembu lami ngiyalethe­mba kakhulu ukuthi lingawunqo­ba lo mdlalo ledlulele esigabeni esilandela­yo salo mqhudelwan­o. Uyazethemb­a umqeqeshi weSundowns ngokudlule­la esigabeni esilandela­yo

 ?? Isithombe: Sundowns FC ?? UMqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi
Isithombe: Sundowns FC UMqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa