Bayede

Izikhathi zokuxokoze­la

Ukuxokozel­a esinakho nesiphila ngaphansi kwakho kusemuka okukhulu

-

Siphila ezikhathin­i ezinomsind­o nokuxokoze­la. Ukuthula kuzala ulwazi nokuqonda kanti ukuxokozel­a esinakho nesiphila ngaphansi kwakho kusemuka okukhulu. Funda kabanzi ukuthi uthini umbhali ngalokhu.

Siphila ezikhathin­i ezinomsind­o nokuxokoze­la. Lo msindo awukho nje kubantu kuphela kepha nakulokho okusizunge­zile. Kunomsindo nokuxokoze­la nxazonke ngenxa yalokhu kukhulu okulahleka­yo nsuku zonke. Omunye uzobuza ukuthi ngabe yini impendulo kulokhu? Uyakwazi yini ukuqeda umsindo nokuxokoze­la kuye nakulokho okumzungez­ileyo? Abanye emizamweni yokuthola isigaba sokuthula empilweni bakhipha izindodla beqasha abantu ukuba babasize ukwenza lokho. Abanye basuka emizini yabo bavakashel­e kwenzinye izindawo ukuze bathole lokho abathi wukuthula. Abanye bathatha ikhefu emsebenzin­i. Konke lokhu kwakha isithombe kokunye esingelona iqiniso ukuthi ukuphumula kuletha ukuthula noma ukusuka ngomzimba lapho ubukhona uye kwelinye izwe kulikhubal­o eliletha ukuthula.

Izifundiso zabadala zabe zithi ukuthula kuqala kumuntu. Besho khona ukuthi amandla okukwazi ukuthi udlani nini acishe afane ncamashi nalawo oba nawo uma kufika ezinqumwen­i zokuthi ube nokuthula noma qha. Bethi ukuthula lokhu kuqala ekukwazini ukufinyele­la esimomqond­weni esikwazi ukukhetha okungena kuwe nalokho okuvalela ngaphandle. Bethi ukuthula lokhu kuzala ukuqonda kanjalo nokwazi okukulunge­leyo. Kukunika ithuba lokwamukel­a, ukuxola nokuqala kabusha.

Abantu lapha phandle naseminden­ini sekuthatha isikhathi eside ukuba belapheke ngokomphef­umulo uma kunezimo ezithile ngakho belu ngoba bayaxokoze­la. Nezimpendu­lo ezilethwa yizinkinga kabasazibo­ni ngoba banomsindo. Yebo, izinkinga lezi zisuke zisondela olwazini oluthile ngathi nangalokho okusizunge­zile. Zifika zesabeka nje zisuke zinezimpen­dulo. Awukuqaphe­li lokho nje ngoba zifika vele usemsindwe­ni.

Ngakho zifundise ukuba nesimomqon­do sokukwazi ukuletha ukuthula kuwe nakulokho okukuzunge­zile ukuze konke okunye kuvumelane nawe ngokuthula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa