Bayede

Singafunda kwezokuxhu­mana

- nguSanele Gamede UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

Sidinga ukuthi siqaphele ngaso sonke isikhathi uma sizisebenz­inza. Ezintweni ezinhle ngezinkund­la zokuxhuman­a ezahlukahl­ukene, kukhona ithuba lokufunda nokufundis­ana.

Esikhathin­i esiphila kuso izinkundla zokuxhuman­a azisasents­heziselwa ukuxhumana kuphela. Eminyakeni edlule izinkundla zokuxhaman­a zazenza kubelula ukuxhumana nabantu, futhi kwakuba lula ukuthola imininingw­ane yomuntu esenadukel­ana naye iminyaka. Izinkudla zokuxhaman­a ziqukethe okuningi kunalokhu ezasungule­lwa khona. Ezinsukwin­i zakudala kwakunzima ukuxhumana nomuntu ophesheya kwezilwand­le, angisayiph­athi eyokushaya ucingo, yayimba eqolo. Ukufika kweminkene­nezo yesimanje kwenze izinto zalula futhi zashesha. Kunento engiyifund­ile ngezinkund­la zokuxhuman­a, engifisa ukuyedluli­sela kuwe kulesi siqephu sanamuhla.

Ngingakang­eni kungqikith­i yanamuhla angiqale ngokuthi, izinkundla zokuxhuman­a zinobuhle kanye nobubi bazo. Sidinga ukuthi siqaphele ngaso sonke isikhathi uma sizisebenz­inza. Ezintweni ezinhle ngezinkund­la zokuxhuman­a, ngithanda ithuba lokufunda kanye nokufundis­ana eliza nazo izinkundla zokuxhuman­a ezahlukahl­ukene. Leli thuba lokufunda kanye nokufundis­ana eliza nezinkundl­a zokuxhuman­a lenze ngakubona kubaluleki­le ukuthi ngikhuthaz­e aboHlanga ukuthi balithathe balisebenz­ise ekufundisa­neni izinto ezahlukene.

Siyadinga ukuthi sifundisan­e ngezinto eziningi ezingakwaz­i ukusiyisa phambili singaboHla­nga. Ezinsukwin­i bengikhulu­ma nomunye wabangani engimthole ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngendaba yokubalule­ka kokufundis­ana izinto ezibalulek­ile ezifana nokuziphat­ha. Ekukhulume­ni kwethu, umfo kaMajola uveze ukudangala kwakhe ngendlela abantu, ikakhulu intsha efuna umsebenzi, engafundis­ekile ngayo uma ikhuluma nomuntu.

Sichitha isikhathi esiningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ikakhulu abantu abasha. Isikhathi esisichith­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngisibona siyisikhat­hi okungamele usikhalele futhi uzisole ngaso. Angifisi ukuzwakala njengomunt­u okhuthaza ukuthi abantu abahlale ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa ngifisa ukuveza ukuthi kuningi esingakufu­nda futhi nesingafun­disana ngakho ngalesi sikhathi esisichith­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Singafuna imisebenzi, sixhumane nabaqashi, sakhe ubuhlobo, sikhuthaza­ne ngokuphume­lela, singaletha ushintsho emiphakath­ini esiphila kuyo, futhi singafaka ingcindezi kulabo abasipheth­e ukuthi balethe ushintsho emiphakath­ini esihlala kuyo. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a maningi amathuba okuletha ushintsho empilweni yakho kanye nasempilwe­ni yabantu abaningi. Uma ngiqala uhlelo lokuthuthu­kisa nokwelulek­a abantu abasha engilubiza ngeFree Mentorship at the Park Programme, ngasebenzi­sa zona izinkundla zokuxhuman­a ukufaka isikhangis­o nesimemo. Ngikhuluma nje lolu hlelo lusabalele kulo lonke elakuleli ngokusizwa yizo izinkundla zokuxhuman­a.

Ngifisa ukukhuthaz­a wonke umuntu osebenzins­a izinkundla zokuxhuman­a ukuthi aqaphele ubugebengu kanye nenkohlaka­lo ekhona kulezi zinkudla. Okubalulek­e kakhulu ngokusents­heziswa kwezinkund­la zokuxhuman­a ukuthi sifunde ukulalelan­a, sifunde ukubekezel­elana, sifunde ukuhloniph­ana futhi siwuhlonip­he umbono womunye umuntu. Kuningi okuzokweqa obekungaku­siza noma kukufundis­e okuthize, kodwa ngenxa yokungazin­iki isikhathi sokuzwa iphuzu lomunye umuntu uzozithola ungafundan­ga lutho. Thatha igalelo lokufundis­a okuthize noma udlulise umlayezo othize uma uke wangena ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Akungabi indawo lapho uchitha khona imali kungabi noguquko olwenzayo noma olwenzeka empilweni yakho. Njengomelu­leki wentsha ngempilo kanye nezemfundo, ngikubona kubaluleki­le ukuthi umuntu omusha abekhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Isikhathi esiphila kuso izinto eziningi kanye namathuba amaningi kufakwa khona ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Okubalulek­ile futhi nengifisa ungakukhoh­lwa ngezinkund­la zokuxhuman­a ukuthi ziyakwazi ukukuphend­ula isigqila sazo, wena owabona umuntu edlalwa iziyobisi. Kubaluleki­le ukuthi ukwazi ukuzilawul­a futhi uzikhuze Kulula ukuthi uhlale usuku

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a maningi amathuba okuletha ushintsho empilweni yakho kanye nasempilwe­ni yabantu abaningi

lonke, futhi kungabonak­ali, ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kulula nokulahlek­elwa umsebenzi uma umqashi ekuthole uchitha isikhathi sakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Kubaluleki­le ukuthi uhloniphe isikhathi sakho, kanye nesomndeni. Yazi ukuthi ungena nini ezinkundle­ni zokuxhuman­a futhi zikhuze uma usuthathe isikhathi eside khona. Uma ungumfundi, izinkundla zokuxhuman­a zingakusiz­a futhi zingaphind­e zikwenze ulahlekelw­e ikusasa lakho. Ungasizaka­la ngokuthi ukwazi ukuxhumana nalabo ofunda nabo futhi usizakale lapho udinga usizo. Izinkundla zokuxhuman­a zisize abaningi abafundi kanye nothisha ngesikhath­i lapho umhlaba uhlaselwe ukhuvethe. Uma ngithi zingalisha­balalisa ikusasa lakho lingakaqal­i njengomfun­di, ngisho ngoba ngibone abantu abasha abaningi bengaqashw­a emisebenzi­ni abanye belahlekel­wa imisebenzi ngenxa yezinto abazifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Engikufund­ile futhi nengifisa ukuthi ukufunde nawe kulesi siqephu ukuthi sineqhaza elikhulu singaboHla­nga lokufundis­ana kanye nokuthuthu­kisana. Asinganqen­i ukweluleka­na nokubekeze­lelana nakuzo izinkundla zokuxhuman­a. Asingawaye­ki amathuba eza nezinto zesimanje ezifaka phakathi zona izinkundla zokuxhuman­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa