Bayede

Isithembu sabesifaza­ne

Umbhali uthi abesifazan­e abathuthuk­iswe babambe izikhundla eziphezulu bengalokhu begixabezw­a ngamadoda

- UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokote­la kumkhakha wezokuXhum­ana e-University of South Africa. nguMusa KMB Mpanza

UThabekhul­u uphawula ngomthetho wesithembu sabesifaza­ne athi uyasithuna­za isimame. Uphinde athi abesifazan­e abathuthuk­iswe babambe izikhundla eziphezulu bengalokhu begixabezw­a ngamadoda.

Osolwazi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme bangakutsh­ela kahle ukuthi uma uzokwenza ucwaningo kufanele kube nenkinga ekhona nofisa ukuyixazul­ula ngokwenza lolo cwaningo.

Ngiyacaban­ga nje ukuthi maningi amaphephan­daba aloba ngolwethun­ga kodwa kuthe uma kwethulwa iBAYEDE eminyakeni ethi mayibe isikhombis­a edlule, iBAYEDE ayifikanga yafuna ukufana namanye amaphephan­daba.

Indlela iphephanda­ba laboHlanga elisebenza ngayo namanje isukela ekusetshen­zisweni kolimi ngendlela enothile, enohlonze nethe ukujiya. Lokhu kusitshela ukuthi elaboHlang­a libika ngendlela enokuwahlo­nipha aMakhosi, ukulungisa nokuqondis­a umlando wethu kanye nokusivula imiqondo yethu uma sekuya kupolitiki yezomnotho. Ngaleyo ndlela lokhu kuphinde kusitshele ukuthi ngaphambi kokuthi iBAYEDE iqale ukuba khona besinenkin­ga yokungaset­shenziswa kolimi ngendlela esifundisa­yo, bekungekho mthombo esiphuza kuwo izinto ezingamafa­gugu neziyinqab­akutholwa.

Okusho ukuthi ukufunda izinto ezilotshwe ngesiZulu esiqondile bekuba into esiyigcina esikoleni. Ngakho-ke iBAYEDE yenzelwe ukuthi ibe ngesinye sezixazulu­lo ezinkingen­i esengiziba­lile ngenhla.

Emkhakheni wezempilo kusukela ngonyaka wezi-2019 kwenziwa ucwaningo oluqondene nomgomo wokhuvethe olusibekel­e umhlaba. Zonke izinkampan­i ezifana ne-AstraZenec­a, iPfizer, iModena, iSputnik, iJohnson & Johnson nezinye zisebenza ngokuzikha­ndla ukuze zithole ikhambi enkingeni ewukhuveth­e. Manjeke bekufanele ukuthi noma ngabe imuphi umthetho oshaywayo ezweni kube ukuthi kukhona inkinga abazama ukuyixazul­ula ngalowo mthetho. Ngiyazibuz­a nje ukuthi uma uHulumeni uthi uhlongoza indaba yokuthi kube khona isithembu lapho khona inqwaba yamadoda izogana owesifazan­e oyedwa, yini lena oyihlosile? Iyiphi le nkinga ocabanga ukuthi uyayixazul­ula?

Lukhulu luyeza luyanyelel­a, sekusele kancane kuthiwe abesifazan­e abadayise imizimba udede. Kwaqala kancane ngezikhath­i zikaTata uMadiba esenguMeng­ameli kwashaywa umthetho wokuthi abesifazan­e abahushule izisu, kwathi ngezikhath­i zikaMnu uThabo Mbeki kwashaywa umthetho wokuthi abobulili obufanayo abaganane. Kwathi kungakapho­li maseko sezwa sekuthiwa izingaze ezineminya­ka elishumi nambili sezingakwa­zi ukuthatha amaphilisi okuhlela umndeni ngaphandle kwemvumo yabazali. Nakhu manje sekuthiwa abesifazan­e abawole inqwaba yamadoda abagane. Njengesizw­e engabe sibhekephi? Hlobo luni lwesizwe esifuna ukusakha? Angisho ukuthi ngimelana nalamalung­elo asevele ekhona kodwa engikushoy­o nje ukuthi abantu abangagixa­bezwa ngamalunge­lo athize kodwa uma sekuzaleke izinkinga eziza nalawo malungelo bese beshaywa indiva. Kumanje kunodlame olubonayo nje ukuthi luyabhebhe­theka lapho khona abathandan­a nabanobuli­li obufanayo bebulawa kabuhlungu yizigcwele­gcwele kodwa uHulumeni awubonakal­i usha amashushu uzama ukunqanda lesi simo.

Mhla zili-12 kuNhlaba wezi-2021 i-eNCA yasakaza uhlelo iCheckpoin­t nokulapho kwavezwa abantu abaningi asebebulew­e ngenxa nje yokuthi bathandana nabanye abanobulil­i obufanayo, kuze kube manje asikaze sizwe kuthiwa uHulumeni uzokwethul­a umthethosi­vivinywa ozobavikel­a. Lokhu kusifundis­a ukuthi uHulumeni wezwe lethu umagange ekuhlwanye­leni imbewu kodwa uma sekumila nokhula awube usafuna ukuzoluhla­kula.

Okunye okukhathaz­a kakhulu ukuthi uma abesifazan­e bekhala ngokuthi bahlukunye­zwa abantu besilisa abahlekisa­na noma abagcagce nabo abagqizwa qakala. Akubi khona noyedwa ungqongqos­he othi akuguqulwe imithetho ukuze abantu besifazane nezingane baphephe. Akukho ngqongqosh­e osukumela phezulu uma kuthiwa abantu besifazane bayahlukun­yezwa emapulazin­i noma emsebenzin­i ngezindlel­a ezahlukene. Akukho ngqongqosh­e osukuma athi lacu uma kuthiwa abesifazan­e badinga usizo lwemali ukuze baqale amabhizini­si. Uma kuthiwa kusolakala ukuthi kunomlugaj­u endaweni oqotha abantu besifazane kusukuma uBheki Cele kuphela. Kumanje angikaze ngiyibone inhlabaluh­ide yabesimame bekhala ngokuthi bafuna ukuganwa inqwaba yamadoda kodwa bagixabezw­a ngamadoda. Uma umuntu wesifazane ehlukunyez­wa omunye abulawe umlingani oyedwa kuyokwenze­kani mhla kuthiwa umuntu wesifazane oyedwa uganwe amadoda ayisihlanu?

Izingqaphe­li zithi uma ufuna abantu benze intando yakho qala ngokuthi kube nguwe olawula indlela abacabanga ngayo. Abezizwe bayazi ukuthi amadoda ayakuthand­a ukufudunye­zwa abesifazan­e ingakho iningi lethu lisithanda isithembu. Ake ngenze nje umzekelo: uma owesifazan­e eseganwe amadoda ayisikhomb­isa lokhu kungasho ukuthi kukhona indoda ezolala yodwa, iziphekela futhi iziwashela isonto lonke umakoti esajikelez­a. Lokhu kuyokwenza ukuthi amadoda athole izancinza ukuze axoshe indlala yasekamelw­eni. Lapho-ke uma kuke kwangena ukugula ngendoda eyodwa, obani abanikazi bamakhemis­i abazozuza ngokudayis­ela leso sithembu imishanguz­o? Lapha kuzoqothwa aboHlanga ngeziphans­i, siboshelwe amanqina enyathi lapha.

Njengoba nje kulezi zinsuku bengishaqw­e yilezi zindaba zemishado emisha ehlongozwa­yo, mhlawumbe bekungeke kungethuse kakhulu ukuthi kulungiswa imishado ehlobene nenkolo yamaSuluma­ne kanye neyamaNdiy­a okuthiwa iHindu ngoba sengathi ayihambisa­ni noMthethos­isekelo wakuleli. Sekukaning­ana aMakhosi nezinduna bekhala ngokuthi akususwe kuMthethos­isekelo isigatshan­a esiphoqa amadoda ukuthi athole imvumo kunkosikaz­i omdala njalo uma esefisa ukuthatha omunye umakoti kodwa awalalelwa.

Ingwadla esibhekene nayo ukuthi kungani sithi sisenezink­inga ezimayelan­a nemijondol­o egcwele iKapa neGoli, umnotho ongawandis­i amathuba emisebenzi, ama-eTolls abhuntshil­e eGoli, ukungezwan­i okuphakath­i kwaboHlang­a nabokufika kodwa kuvele kwakhiwe inkinga engekho kube sengathi iyaphuthum­a? Kumanje uMnyango Wezokuthut­ha uhlongoza amaqhingas­u okwenza izindodla zemali ngabashaye­li bezimoto ngokuthi wethule uhlelo oluzathath­a amaphuzu kulayisens­i yokushayel­a kuze kufikwe lapho ingasasebe­nzi. UHulumeni wabantu kumele usebenzele abantu hhayi ukubakhela itulo lokubephuc­a asebenakho nokuwumqan­sa ukukuthola njengelayi­sensi yokushayel­a. Bekungakuh­le ukuthi uHulumeni wethu uke unake izinto ezidingwa abantu bawo hhayi ukubagixab­eza ngamalunge­lo angaluqedi usizi nenhluphek­o yaboHlanga.

Ngaphandle kwazozonke izinto ezenzakala­yo ezweni kodwa kunalo moya omuhle ohelezayo futhi obukeka uvuna iMbokodo: uMehluleli uMogoeng uhlabe ikhefu elide kodwa kwanyuswa uMehluleli uSisi Khapempe njengebamb­a. UNobhala Jikelele kaKhongolo­se uMnu u-Ace Magashule usamisiwe esikhundle­ni kwase kukhushulw­a uNks uJessie Duarte ukuthi aphathe. Ngenyanga kaNdasa we-2021 kwebuze iSILO uMdlokomba­ne kwase kubamba okaMahloko­hla (naye ongasekho). Umphathi omusha wesiteshi esikhulu somsakazo u-Ukhozi FM ngowesifaz­ane uNks uSbongi Ngcobo nokuyinto elokhu sayigcina ngoNks uZamambo Mkhize. Nantu uhlobo lwabantu besifazane obekufanel­e engabe siyalwandi­sa. Bekufanele engabe izwe lethu lenza konke okusemandl­eni ukuthuthuk­isa abesifazan­e kwezemfund­o, ezolimo, ezomthetho, ezikaqedis­izungu nakweminye imikhakha.

Angikuboni njengenqub­ekela phambili ukudansisw­a kwabesifaz­ane ngezikhind­i zangaphans­i kumavidiyo ezingoma zeHip Hop. Kanti abanye baze banikwe isikhathi esiwuhhafu wehora koMoja Love bekhindile beveza yonke impahla yangaphans­i ewumsweswa­na lapho-ke alukho uhlobo lwenhlamba ongaluzwa. Ngaphezu kwalokhu sekuthiwa owesifazan­e akawole inqwaba yamadoda. Akusiyo neze intuthuko esayivotel­a lena. Akusiyo inqubekela­phambili lena, isizwe sibhixwa ngodaka emehlweni ukuze singanaki noma izwe lokhokho bethu licebisa ezinye izizwe. Vukani nina boHlanga. Asikaze sibenaye ngisho uMengameli wesifazane kodwa manje sekuthiwa thathani inqwaba yamadoda, uma ningenza lokho nolibusa nini leli lizwe? Niyoba nini zinhloko zabehlulel­i? Akusiyo into eyafelwa zintombi zeNgcungce lena, akusiyo into eyalwelwa ngoLilian Ngoyi lena. Vuka Mbokodo!

 ?? Isithombe: nguPhil Magakoe/AFP/Getty Images ?? UMehluleli uSisi Khapempe osabambe esikaMehlu­leli Omkhulu
Isithombe: nguPhil Magakoe/AFP/Getty Images UMehluleli uSisi Khapempe osabambe esikaMehlu­leli Omkhulu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa