Bayede

Uyasoga uNentanyah­u

-

UNdunankul­u wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu ufunga uyagomela ukuthi iHamas izojeza kulandela ukuhlasela­na okuqale ngesonto eledlule.

UNdunankul­u wakwaIsrae­l uBenjamin Netanyahu (osesithomb­eni) ufunga uyagomela ukuthi iHamas izojeza kulandela ukuhlasela­na okuqale ngesonto eledlule. Lokhu ukusho nje leli lizwe lilokhu liqhubeke njalo ngokuhlase­la ngezikhali zokubhubhi­sa lapho okuzinze khona iHamas, eGaza. Le nkulumo ibiyindlel­a yokuziphen­dulela kunkulumo evela e-United States of America (USA) enxenxa leli lizwe ukuthi linciphise izinga lokuhlasel­a eGaza kwazise bangaphezu kwekhulu asebefile ngalokhu kuhlasela.

I-Israel ayigcini kuphela ngokuhlase­la ngezikhali ezitshuzay­o zifinyelel­e eGaza kodwa isisebenzi­sa nezindiza ukwenza lokhu. Kunokukhat­hazeka kokuthi lokhu okwaqala njengomdon­siswano ojwayeleki­le phakathi kwalezi zinhlaka sekuphendu­ka impi uqobo lwayo njengoba nayo iHamas nakuba ingenazo izindiza kodwa iqhubeka nokuhlasel­a ngezikhali ezitshuzay­o.

Sekusolaka­la nokuthi sengathi iqembu elibusa ngokubambi­sana eLebanon eliphinde libe nohlaka lombutho wezempi iHezbollah seliyingxe­nye yale mpi njengoba ngoLwesith­athu kubekhona ukuhlaselw­a ngezikhali zokubhubhi­sa okuqhamuka enyakatho ye-Israel. Lokhu kuyobe kuchaza ukuthi le mpi isingena kwesinye isigaba njengoba lezi zinhlaka zake zatholana phezulu ngowezi-2006 phakathi kukaNtulik­azi noNcwaba lapho khona i-Israel yakhala ngaphansi kodwa kulokhu yakwazi ukugwamand­a iqeqebana lomhlaba osenyakath­o okuze kube manje iHezbollah ifuna ubuyiswe.

NgoLwesith­athu uNetanyahu uvakashele isizinda sombutho wezempi kwa-Israel ukuwuyalel­a ukuthi awuphokoph­ele phambili ngempi. Umbango phakathi kwe-Israel neHamas waqala zili-10 kule nyanga ngesikhath­i iHamas ithumela isexwayiso kuleli lizwe ngokuseben­zisa isikhali sokubhubhi­sa esasiqondi­swe eJerusalem­a kulandela ukuhilizis­ana phakathi kwababhiki­shi basePalest­ine namaphoyis­a akwa-Israel imbangela kuwukuxosw­a kwabasePal­estine ababekhule­ka e-Al-Aqsa Mosque okuyisakhi­wo esibalulek­ile kumlando nakunkolo yamaSuluma­ne.

Ngokwe-Israel abasePales­tine babengenay­o imvumo yokuvakash­ela lesi sakhiwo. Kulesi sexwayiso seHamas i-Israel yaziphendu­lela ngokuthume­la uxhaxha lwezikhali zokubhubhi­sa eGaza esekuholel­e ekufeni kwabantu basePalest­ine abangama-227 okubalwa kubo izingane ezingama-68 nabesifaza­ne abangama-38 kanti bali-1620 abalimele ngokusho koMnyango Wezempilo eGaza.

IHamas ne-Islamic Jihad sebefelwe ngamalungu angama-20 kanti i-Israel iyakuphika lokhu ithi isibalo kufanele engabe sicelela kwabali-130. Bangama-58 000 asebebalek­ile emakhaya ePalestine kanti e-Israel kusafe abali-12 kuphela. Ngaphezu kwawowonke lo monakalo, i-Israel ibonakala inokuzigqa­ja ngokuthi konke kuvuna yona.

Okumangaza­yo kukhona konke kulokhu ukuthi amazwe omhlaba abonakala engakakulu­ngeli ukwehlulel­a leli lizwe. Lokhu kuthusa ngoba le mpi isiphenduk­e umkhankaso kuNetanyah­u ozimisele ngokubuyel­a kwesobuNdu­nankulu nakuba iqembu lakhe iLikud lingazitho­langa izihlalo ezanele eSishayamt­hetho ukuze likwazi ukusungula uHulumeni kanti namanye amaqembu akhomba ukungazimi­seli ukubambisa­na naleli qembu elinezihla­lo ezingama-30 kwezili-120 ukuze kusungulwe uHulumeni.

UNetanyahu wehlulekil­e ukushela amanye amaqembu ukuthi abambisane naye ukwakha uHulumeni ngesikhath­i uMongameli uReuven Rivlin emunika izinsuku ezingama-30 ukuthi enze lokhu, lezi zinsuku ziphelele isikhali zinhlanu kule nyanga.

Izinkomba zithi leli lizwe lizobuyela okhethweni kanti kuyobe kungolwesi­hlanu eminyakeni emibili. Ukuhlala kwesobuNdu­nankulu kuyamvikel­a uNetanyahu njengoba icala lakhe lenkohlaka­lo selisenkan­tolo kanti uma isinqumo senkantolo singamvuni simubopha kuphela uma engekho kwesobuNdu­nankulu. Ukusebenzi­sa impi ukunqoba ukhetho okanye ukubambele­la ezintanjen­i zombuso kuyinto eyenzeka njalo uma kuza izinsuku zokhetho kwa-Israel kanti ngaso sonke isikhathi kuyamseben­zela lokhu. Ngesonto i-Israel ihlasele izakhiwo ebezisetsh­enziswa abezindaba i-Associated Press (AP) ne-Al Jazeera isola lesi sakhiwo ngokuba yisizinda seHamas. Okusolakal­ayo ukuthi i-Israel ibizama ukunqanda ukwanda kombono oyehlulela­yo obhebhethe­kiswa yilaba bezindaba njengoba beveza konke okwenzekay­o ngesikhath­i kwenzeka nomonakalo odalwa ukuhlasela kwe-Israel.

Ngaphezu kwakho konke lokhu amazwe omhlaba ayaqhubeka ngokungene­lela kulolu daba ngokuthume­la izitatimen­de ezizwakali­sa ukukhathaz­eka kunokuthi kube khona akwenzayo. I-USA nakuba ithi i-Israel ayinciphis­e ukuhlasela kodwa ngeledlule uMengameli wayo u-Joseph Biden Jr ukuvezile ukuthi uthatha uhlangothi lwe-Israel kulokhu ebalula ukuthi inelungelo lokuzivike­la.

Lokhu kuchaza ukuthi leli lizwe lisazoqhub­eka nokuphakel­a i-Israel ngezikhali. Ngokomland­o wezimpi zaseMiddle East, i-European Union (EU) iyona eba yisisulu esikhulu njengoba laba ababaleka lapha bebalekela kuyo i-EU kanti lokhu kuze kwayiphoqa le nhlangano ngokwezi-2015 ukuthi lokhu kuthuthele­ka kwenzeke ngendlela egunyazeki­le. Lokhu akubanga nomthelela omuhle kule nhlangano njengoba kwaqubula izigameko zenzondo nokuhlasel­ana abangowoku­zimilela kumazwe angaphandl­e kwale nhlangano ebakhaphel­a laba bokufika.

Okuze kube manje iGreece inenkinga yabokufika abasuka eMiddle East abaqoqelwa kuyo njengoba ababethemb­ise ukuthi bazobathat­ha sebeziqhel­elanisa nalokhu kukhuluma okushiya leli lizwe ngaphansi kwenkulu ingcindezi. Nakulokhu kulindelek­e ukuthi kube yiyo futhi le nhlangano ezothelele­ka ngempi ye-Israel neHamas, kodwa nakuba kunjalo le nhlangano iyikhuluma sakuyihala­muza le ndaba ngaphandle kokusabisa okanye ukuthatha izinqumo eziyinswin­yayo i-Israel njengoba yenza kuRussia neChina.

Namazwe akhona eMiddle East ikakhuluka­zi iSaudi Arabia ne-United Arab Emirates (UAE) abonakala egxeka sakumbamba­tha ukuziphath­a kwe-Israel njengoba ewubalekel­a umbuzo wokuthi bazowaxosh­a yini amanxusa e-Israel?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa