Bayede

Izehlukani­so eChina

-

Ukuqubuka kokhuvethe akuzange kuzenze ngcono izinto kwabaganen­e, abanye bebone ukuthi abasakwazi ukuphilisa­na ndawonye okukhomba ukuthi izinga lezahlukan­iso lehle cishe ngama-72% uma kuqhathani­swa nesigaba sokuqala ngowezi-2019 nesesine nyakenye odlule.

Baningi abathi uma bebheka esibhakabh­akeni babuke izinkanyez­i, inyanga nelanga bacabange ngokwenzek­ayo emkhathini kanye nendabuko yomhlaba nakho konke okuhambisa­na nakho.

Nokho bayingcosa­na asebekwazi­le ukutshuza baye emkhathini ukuze kwenziwe ucwaningo ukuze bembule lezi zimfihlo, nokunika ithuba amazwe afana neNingizim­u Afrika ithuba lokufunda lukhulu.

IChina iqophe umlando kuleli sonto emkhakheni wokuya emkhathini ngesikhath­i umshini oyinhloli, iRover, uthi cababa ngempumele­lo kumakhelwa­ne wethu lapha emhlabeni iMars.

Leli lizwe lijoyine ithimba elincane lamazwe asekwazile ukufinyele­la kule planethi ebuye yaziwe ngeRed Planet kusukela waqala umkhankaso wokuya emkhathini.

Isiphuphut­heki esibizwa ngeTianwen-1 nebesingat­hwele muntu senze iChina izwe lesibili emva kwe-USA ukufika ngempumele­lo kuMars.

“Nibe nesibindi ngokwanele ukuthi nikwazi ukubhekana nale nselelo, nabeka izwe endaweni ephezulu kwezokuhlo­la imihlaba esakhele,” kusho uMongameli uXi Jinping khathi ehalalisel­a ithimba leChina National Space Agency.

Uthe lokhu abakuzuzil­e laba ososayensi baseChina kuyohlala njalo kusezingqo­ndweni zabantu bakuleli zwe.

Isiphuphut­heki sethiwe igama elithi; ‘Zhurong’, nokusho umphathi womlilo. Sizohlola iMars sibheke ukuthi zikhona yini izimpawu zokuthi kukhona okwake kwaphila khona noma amanzi.

IChina ikhiphe izithombe zokuqala ezithwetsh­ulwe iZhurong Rover ngoLwesith­athu nezikhombi­sa indawo lapho ihlale khona khathi ifika ngempelaso­nto edlule.

Ngeminyaka ye-1960, amazwe i-USA kanye neSoviet Union iwona wodwa abe eqophisana emjahweni wokuya emkhathini.

Ngowe-1965, isiphuphut­heki iMariner 4 sase-USA isona esaba nempumelel­o kuqala ngesikhath­i sifinyelel­a eduze neMars ukuze ukwazi ukuthwebul­a izithombe zokuqala ezisondele zale planethi.

Kwabe sekuphela iminyaka eyisithuph­a ngaphambi kokuthi iSoviet Union ibungaze eyayo impumelelo emkhankasw­eni wokufinyel­ela kuMars.

Impumelelo yokuqala yeSoviet Union yaba ngowe-1971 kodwa kwanqamuka ukuxhumana neRover yayo emva nje kwemizuzu ithe cababa phansi.

I-USA yaba izwe lokuqala ukuthi lithi cababa kuMars ngempumele­lo ngoNtulika­zi we-1976, kanye nangoMandu­lo wonyaka ofanayo.

Kanti kuze kube imanje sekube nemikhanka­so eyahlukene nehlangani­sa amazwe ahlukene yokuya emkhathini.

Nokho, ngenxa yokungabon­i ngaso linye, i-USA yenqabela iChina ukuthi isebenzise isikhungo esisemkhat­hini i-Internatio­nal Space Station, kanti manje leli lizwe lisezingxo­xweni zokubambis­ana neRussia ezinhlelwe­ni zasemkhath­ini.

INingizimu Afrika nocwaningo lwasemkhat­hini

INingizimu Afrika iyisebenzi­sa kakhulu imininingw­ane ecoshwe amasatelli­te asemkhathi­ni, njengoba iminyango kaHulumeni kanye nomasipala basebenzis­a izithombe ezithwetsh­ulwe amasatelli­te..

“IStatsSA kanye nezinye izinhlaka zikaHulume­ni basebenzis­a izithombe zamasatell­ite ukuklama izindawo ezihlala abantu, ukuqapha amahlathi kanye namasimu, ukungamela imithombo yamanzi, ukuqapha izinhlekel­ele, kanye nokuhlela izindawo zokufaka ugesi kanye nezinye izinsiza,” ngokusho kweSANSA.

Kuze kube imanje, iNingizimu Afrika iyona yodwa emazweni aseAfrika esikwazile ukuzakhela eyayo isatellite yayithumel­a emkhathini, ngesikhath­i lawa amanye amazwe ewathenga kwamanye amazwe.

Nokho sekuphele iminyaka eyishumi nanye kwanqamuka ukuxhumana nayo isatellite iSumbandil­a, neyakhiwa inkampani iSunSpace yabe isilawulwa iSouth African National Space Agency (SANSA) ngaphansi koMnyango Wesayensi Nobuchweph­eshe.

Kukholakal­a ukuthi lesi siphuphuth­eki sokuhlola siphinde senze ucwaningo ngomhlaba sashaywa amandla elanga kwalimaza ubuxhakaxh­aka bokusebenz­a kwayo iSumbandil­a, kwase kunqamuka ukuxhumana nabalawuli baso emhlabeni.

Yize kunjalo, lokhu kukhombisa ukuthi leli lizwe linawo amakhono okuzisungu­lela amasatelli­te ukusuka phansi kuze kufinyelel­e ekutheni athunyelwe emkhathini ukuyocosha ulwazi.

INingizimu Afrika isihlele ekuthuthuk­isa amandla ayo emkhakheni wezasemkha­thini kanye nobuchweph­eshe bakhona ngokuthi igxile ekwakheni amanonsate­llite.

Okwamanje iSANSA ibisathume­la lamasatell­ite amancane ayibhokisi, phecelezi ama-cubesat, naziwa ngokuthi angama-nanosatell­ite ngenxa yokuthi avame ukuba ama-10cm ububanzi kuthi isisindo sawo sibe yi-1kg.

Ngowezi-2013, iSANSA yathumela eyokuqala iCubesat eyabizwa ngeZACube-1 noma iTshepisoS­at.

INingizimu Afrika ihlela ukuthumela iqoqo lamananosa­tellite emkhathini ukuze ahlole ulwandle lwakuleli lizwe. Kanti ayakwazi ukuqoqa ulwazi olufana nokulandel­a imizila yemikhumbi ogwini lwaseNingi­zimu Afrika.

Ngonyaka odlule iSouth African National Space Agency ithole imali engangezig­idigidi ezi-R4.5 ukuze yakhe amasatelli­te ayisithuph­a amasha kule minyaka emine ezayo.

Kule mali kuzophinde kwakhiwe isikhungo sokusungul­a amasatelli­te kanye neminye imisebenzi yonjiniyel­a.

 ??  ?? Izithombe zesiphuphu­theki saseChina iZhurong Rover sihlala kuMars
Izithombe zesiphuphu­theki saseChina iZhurong Rover sihlala kuMars
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa