Bayede

Isihluku sabamhloph­e

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Ulokhu uqhubekile umkhuba wokulinyaz­wa kwamathuna aboHlanga emapulazin­i abamhlophe KwaZulu-Natal njengoba kuvela umndeni wasoPhongo­lo othi wehlelwe yilo mshophi.

Ziyaqhubek­a izingxoxo zamaholo ezisebenzi zikaHulume­ni ezibanjwe ngokwehluk­ana okukhona ezeziseben­zi zeminyango, amabhizini­si oMbuso nezomasipa­la.

Ezeziseben­zi zomasipala zisingethw­e iSouth African Local Government Associatio­n (SALGA). IPhini likaMengam­eli wenyunyana yezisebenz­i iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU) uMnu uMluleki Mbhele, lithe: “Ngingakuqi­nisekisa ukuthi emveni kokuba siye ezingxoxwe­ni sibe sesibiza umhlangano ophuthumay­o wesigungu sikazwelon­ke lapho esibuyekez­e khona izimfuno zethu ngoba sizama ngandlela yonke ukuba sibambisan­e neSALGA njengoba iqhamuke nesiphakam­iso esibonayo ukuthi asizilekel­eli izisebenzi.”

Uthe basamile ekutheni kuqashwe izisebenzi ngaphansi kohlelo lukaHulume­ni i-Expanded Public Works Programme (EPWP) neCommunit­y Work Programme (CWP).

“Siphakamis­e ukuthi izingxoxo zamaholo kube ngezonyaka owodwa nokuthi kwenyuswe amaholo ngezi-R2 500 sisuka ezi-R4 000 ebesikufun­a ekuqaleni. Siphinde sathi umuntu ohola kancane akube ngothola izi-R10 829 sisuka ezi-R15 000 okukhombis­a ukuthi sizimisele­le ukubambisa­na nomqashi,” kusho uMbhele.

Uthe ohlelweni lwezindlu baphakamis­e izi-R2000 bathi yonke imihlomulo ehlobene nomholo yengezwe ngama-7%.

Izisebenzi zifuna uthi oyobeletha athole ikhefu lezinsuku eziyisi-6, abalingani babo okungenani bathole inyanga eyodwa.

Bafuna umqashi enyuse impesheni ngama-18%.

“Lezi izinqumo esizibuyek­ezile sazihambis­a kuSALGA sathi nayo uma ibuya mhla zintathu kuya zizine kuNhlangul­ana okungenani iqhamuke nento ezobe inika ithemba ezisebenzi­ni,” usho kanje.

Mayelana nokuthi basenalo yini ithemba ngoba ngesikhath­i beqala izingxoxo bekubukeka sengathi abezwani neSALGA ngezimfuno zabo, uthe: “Esikushilo kulokhu ukuthi ngoba basithumel­ela ababamele abangenayo imvumo yokuphawul­a nokukhipha izinqumo, sibabhalel­e ukuthi ababe khona okubalwa neSikhulu Esiphezulu sakwaSALGA uMnu uXolile George, khona kuzofika abantu abakhuluma kuzwakale nabanemvum­o yokuphawul­a bangathume­li abantu abangenalo ulwazi ngoba ngeke sivumele lutho emva kwalokho. Njengamanj­e sisahlela izisebenzi emazingeni aphansi, sizazisa ukuthi kwenzekani ngoba into ephakanyis­we umqashi ngama-3% kuphela, azothi kumihlomul­o okubalwa usizo lwezempilo akuzongena lutho, kuzindlu nempesheni akafaki lutho lokho siyakuchit­ha, asivumelan­i nakho futhi asisoze.”

Uthe njengamanj­e basaxhuman­a nezisebenz­i asikho isiteleka abasihlela­yo kusanezing­xoxo.

“Okwamanje sisahambis­a izimfuno ezintsha kuzisebenz­i bese kube izona ezizosinik­a umyalelo khona uma sesibuyela ezingxoxwe­ni ngoNhlangu­lana sikwazi ukusho ukuthi izisebenzi zisithumen­i eNingizmu Afrika,” kusonga uMbhele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa