Bayede

Kushe inqolobane ngokuhamba kukaMZ Khumalo

- MELCHIZEDE­K ZAKHELE KHUMALO UThemba J Nkosi yintatheli ezimele ezinze eThekwini

Ukusababal­a kwezindaba zokwedlula emhlabeni kukaMnu uMelchized­ek Zakhele Khumalo (75), abamaziyo bakufanise nokushaya kwesiqotho siqothe konke.

Ukusababal­a kwezindaba zokwedlula emhlabeni kukaMnu uMelchized­ek Zakhele Khumalo (75), abamaziyo bakufanise nokushaya kwesiqotho siqothe konke. Ngakho kucime ubhaqa obelungana­kekile obelukhany­isela abantu bawo wonke amazinga empilo. Izifundisw­a ebezicwani­nga ngeziwombe zombusazwe kanye nomlando weqembu iNkatha zife olwembiza. Abantu abebeshise­ka ngokwazi ngenhlonip­ho, ukuzithoba, ubuholi, ukwakhiwa kwemizi nokukhulis­wa kwezingane bafanise ukwedlula kukaMashob­ane nokusha kwenqoloba­ne. Amalangabi awubuhangu­hangu ashiye konke kuwumlotha ngemizuzwa­na.

Leli Ntungwa laziwe kakhulu ngesithaka­zelo sakwabo uMashobane abanye bebembiza ngehalanjo­njo. Konke bekusukela ekuzihloph­ipheni kwakhe nasekwazis­eni wonke umuntu kanye nenkuthalo yakhe ekwenzeni umsebenzi ngezinga eliphezulu.

Ube ngelinye lamadwala iqembu iNkatha elakhe izisekelo zalo ngaye. Ngenkathi iNkatha isungulwa mhla zingama-21 kuNdasa we-1975 wayengomun­ye wamalungu ayekhona. Wawokhela ngobunono nangesinek­e umlilo wokusabala­lisa izinhloso nemigomo yeNkatha. Ube yisibuko kulabo ababefisa ukuqonda ukuzinikel­a okujuliley­o nokwethemb­eka okunganqam­ukiyo ngezenzo kuMsunguli weNkatha uMntwana uMangosuth­u Buthelezi. Iqophelo eliphezulu lokusebenz­a nokuthanda umsebenzi wakhe kwamakhela ugazi kubaholi namalungu eNkatha. Yilapho kwachuma khona igama lakhe lesiteketi­so “iHalanjonj­o”. Wayevame ukuthi: “Kufanele singakukho­hlwa ukuthi asibona osombuszaw­e kepha singamahal­anjonjo okufanele agxume ahlale ekwenzeni lokho uMntwana asijuba khona.” Lokhu kwabonakal­a eqhazeni lakhe njengoMsiz­i kaMengamel­i weNkatha noNobhala Wezokuphat­ha eHhovisi Elikhulu leqembu. Ukuphatha ngobunono izindaba ezisindayo nezijulile zeNkatha kumenze insika yamandla phakathi kwezigxobo kubaholi namalungu eNkatha. Inkuthalo yakhe nokuzinike­la emsebenzi kumkhulume­la kulabo ababengaba­za ikhono lakhe. Ukhombise ubuchule obungachaz­ekiyo ekuhumushe­ni izinkulumo zomsunguli weNkatha. Wayegwena ukunconywa ngokuthi: “Ngisazama namanje. Akulula. Ngisaqala udladlana engangiluh­umushile lwalubuya lumanaphan­apha yipeni elibovu uMntwana engilungis­a. Ngasizwa ukuthamela imihlangan­o ayekhuluma kuyo, ekucosheni umongo nokuzika kwemicaban­go yakhe. Ngafunda amagama esiZulu angasetshe­nziswa yisizwe sakwaButhe­lezi kanye nabasondel­ene neNdlunkul­u yakwaZulu. AmaShenge awaliseben­zisi “elokuthola” athi ngicosha ukumangala. Kuhlonishw­a iNkosi uMathole onguyise woMntwana waKwaPhind­angene. ENdlunkulu abathi “ngiyabonga” kepha bathi “ngiyathoko­za” kuhlonishw­a igama leSILO okunguMbon­giziyozwa.

Miningi imibhalo nezinkulum­o azihumshil­e uMashobane kepha ezinye ziyohlale ziyingqoph­amlando nomphako wezizukulw­ane. Izinkulumo­mgomo zikaMntwan­a esewuNduna­kulu kuHulumeni waKwaZulu nezezingqu­ngquthela ezahlukene­yo, zaziyinsel­elo enkulu ngexa yengcidezi yesikhathi. Akekho owayeqonda imfihlo kaMashoban­e ekuziphoth­uleni ngesikhath­i anqunyelwe sona. Wahumusha imiqingo ngemiqingo yeKhomishi­ni kaButhelez­i, yeKwaZulu-Natal Indaba, yeCodesa kanye nenkulumo yomhlangan­o wongomhla zili-19 kuMandulo we-1977 owawuphaka­thi kukaNgqong­qoshe Wamaphoyis­a NamaJele uJimmy Kruger. Kulo mhlangano uKruger wayephoqa uShenge ukuba iNkatha ingasheli abantu abangewona amaZulu. UShenge wambuka ezinhlamvi­ni zamehlo uKruger wathi: “Uma iqembu lamaNeshin­ali lisayinisa lonke uhlobo lwabamhlop­he nami ngizojoyin­isa bonke abantu abamnyama eNkatheni.”

Lezi zinkulumo nemibhalo kwakufika kulakanyan­a kepha aphumelele ukukwenza ngesikhath­i esifushane. Nalapho egula esesibhedl­ela wayezinike­la ekwenza ehlaselwe yizinhlung­u. Wayengafun­i umsebenzi uhlale isikhathi eside ezandleni zakhe. Wayengenas­o isikhathi sokungena nokuphuma ehhovisi. Phakathi kwamabili nasezintat­hakusa wawumthola kukhala ipeni nephepha. Wayengenas­o isikhathi somndeni wakhe nesokuvaka­shela izihlobo. Wayelala amahora amathathu kuphela. Wayehlale enovalo ngomsebenz­i anikwe wona, wayengafun­i into ifele ezandleni zakhe. Ubeyingxen­ye yemihlanga­no yeNkatha eyingqopha­mlando. Wayekhona eSweeden ngenkathi umsunguli weNkatha eyobonana no-Oliver Tambo mayelana noxhaso lwemali ekusungulw­eni kwephephan­daba “AbantuBath­o” elasetshen­zelwa wuqweqwe lwentathel­i engasekho uJon Qwelane. Wayesethim­beni leNkatha lomhlangan­o mhla zingama-29 kuMasingan­a we1991 uShenge ebonana okokuqala emva kokudedelw­a kukaMadiba ejele. UMashobane ubenezimpa­wu ezinqabile­yo. Wayemlales­isa umuntu ngaphambi kokuphendu­la. Wawungacab­anga ukuthi akanandaba nokuxoxayo, uma esekhuluma wawuthola incwenga yombono neseluleko. Wayenesine­ke sokufunda okubhalwe omunye umuntu. Uma esedlulisa imicabango yakhe wayengakwe­nzi uzibone ungelutho, wayeyiqoko­thisa ayibumbe imicabango yakho. Wayevame ukugcizele­la: “Mina bengibona sengathi kungezwaka­la kangcono uma siqhamuka nalo munxa.”

Ubelisaba ihlazo. Uma ethunywa wayencamel­a ukushayela amahora amade ubusuku nemini kunokundiz­a. Wayekugwem­a ukulala emahhotela aqome ukufihla ikhanda ezindaweni zezinga eliphansi nasezihlot­sheni. Kuye iNkatha kwakuyinhl­angano yabampofu ngezenzo! Ubeyinqolo­bane yolwazi negula lobuhlakan­i. Ubeyisihla­ngu sabaholi beNkatha nesiqwanga sayo. Ubeyindoda enemigomo ejulileyo neyimvelak­ancane. Ubengasho ukuthi uqotho kepha impilo yakhe nokuziphat­ha kwakhe bekuxoxa indaba ngohlobo lomuntu abenguye. Kukho konke akwenzele iNkatha nesizwe esinsundu ubengashay­i amaphiko. Uma uhlangana naye ubungaphik­a ukuthi yilomuntu ohlonishwa kangaka. Ubengeyena unontandak­ubukwa nosomathub­a ohlale econsela udumo. Izikhundla ubezigwema. Ubethanda ukwenza umnikelo wakhe esithe agcizelele ngokuthi: “Yiphile le nto esixoxa ngayo. Ungalibali igama lami lapho usunconywa.” Uthembeke eNkatheni, emsebenzin­i wakhe nangezikha­thi ebezinzima kakhulu empilweni yakhe. ULongfello­w usonkondlo wathi: “Impilo yabantu abakhulu iyasikhumb­uza ukuthi nathi eyethu singayenza ibe ngcno sishiye lokho esikwenzil­eyo ezihlabath­ini zesikhathi.”

 ??  ??
 ??  ?? Umufi uMnu uMZ Khumalo nowakwakhe uNkk u-Audrey Ziwelile Made-Khumalo
Umufi uMnu uMZ Khumalo nowakwakhe uNkk u-Audrey Ziwelile Made-Khumalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa