Bayede

Intokazi esencane ifuna ukubaphebe­za ize ibalwe nabaphambi­li emhlabeni

- nguSabelo Maphumulo

Intokazi edlala ibhola lomphebezo uLilitha Ndungane, ithi ifisa ukwenza ezibukwayo uma isimele iNingizimu Afrika emqhudelwa­neni ozokuba seChina ngasekuphe­leni konyaka.

Umqhudelwa­no ekhuluma ngawo i-U/16 Women’s Tennis Associatio­n (WTA) Future Stars.

Le ntokazi eneminyaka yobudala eli-15 ifisa lokhu nje inqobe umqhudelwa­no wabaneminy­aka engaphansi kweli-16, obizwa ngeJunior Growthpoin­t Nationals, kowamanqam­u ngokwehlul­a uKaitlyn Ramduth nyakenye onqobe umkomelo weMomentum gsport School Sports Star.

ULilitha oqale ukudlala lo mdlalo eneminyaka yobudala eyisi-7, ubhekwe ngabovu njengoba ezobhekana nabadlali bakwamanye amazwe abanekhono. Uthe uzimisele ukuthi ahlule noma ubani azobhekana naye. Uthe okunguyena omkhuthaza­yo ukuthi abe nothando lwalo mdlalo intokazi esencane egila izimanga uNaomi Osaka ongowokuda­buka eJapan, nathe uyafsa ukubhekana naye enkundleni ngolunye usuku.

Ngokuyikho okwamenza ukuthi athande lo mdlalo, nanokuthi ikuphi lapho athathe isinqumo sokuthi uyazibona ephumelela ngalo mdlalo uthe: “Umama wami empeleni nguyena owangazisa ithenisi, ngoba ebona ukuthi ngingalidl­ala kusukela lapho angibange ngisabheka emumva. Uma ngisenkund­leni yethenisi ngizizwa ngisekhaya lami lesibili, iyona into engiyiphil­ayo nengiyitha­ndayo. Nginqume ukuthi ngizimisel­e ngalo mdlalo ngineminya eli-13, ilapho ngathola khona ukumela iNingizimu Afrika e-USA. Ngathola ithuba lokuyobona umqhudelwa­no omkhulu i-US Open, ngeke ngaqamba ngangethuk­e kakhulu. Ngathola ithuba lokuthi ngibone abadlali abahlonish­wayo emhlabeni, okubalwa nengizifel­ayo ngaye uGael Monfils.”

Ebuzwa ukuthi uzizwa enjani njengoba ethole ingqayiziv­ele yethuba lokumela iNingizimu Afrika, uthe: “Ngijabule kakhulu, futhi ngifuna ukwenza abangani bami, umndeni, abaqeqeshi baziqhenye ngami kanye neNingizim­u Afrika imbala. Ngizizwa ngihloniph­ekile ngokuba ngumpetha wokuqala we-U/16 Nationals nokumela izwe lami eChina.”

Le ntokazi ithe ithanda ukuchitha isikhathi sayo ngokuthi izibukele iNetflix, nokuthi ifunde izinto ezintsha empilweni.

Ebuzwa uLilitha ukuthi yini ayilangaze­lele kakhulu emqhudelwa­neni weWTA Future Stars, uthe: “Ngibheke ukuhlangan­a nabadlali abehlukene abavela ezingxenye­ni ezahlukene zomhlaba nokubazi nokubona uhlobo lwabo lokudlala. Ngizwile ukuthi sizokwazi ukuhlangan­a nabanye babadlali beWTA namanxusa okuyinto ethokozisa­yo impela njengoba bezobe besinikeza izeluleko futhi beseluleka ukuba sibe wuhlobo oluhamba phambili kulo mdlalo.

ULilitha uzichaza njengomunt­u ongancengi, ohlezi efuna ukusheshe aqede ngesitha, futhi abaqeqeshi bakhe bahlezi bemuncoma ngendlela adlala ngayo.

Uthe uyakwazi ukuthi ethi efunda ebe edlala imiqhudelw­ano emusa kude, othisha bakhe bayakwazi ukumfundis­a ukuze angasaleli emuva ezifundwen­i zakhe.

“Ngibonga umama wami ngokuba umsekeli wami omkhulu njengoba engisekela zikhathi zonke. Ungifundis­a ukuzethemb­a nokukholel­wa kimi futhi kwesinye isikhathi ungitshela izinto engingafun­i ukuzizwa kodwa ngiyazi ukuthi usuke ekusho lokho nje ufuna ngikwazi ukubhekana nomhlaba. Bengingeke ngifinyele­le kuleli banga ukube bekungekho ngaye. Umama wami uyikho konke kimi,” kusho le ntokazi

Isonga ithe ifisa ukuthola umfundaze e-USA ngawo lo mdlalo bese idlala imiqhudelw­ano emikhulu ngaphansi kwe-Internatio­nal Tennis Federation (ITF), bese ibalwa nabadlali abangama-20 abahamba phambili emhlabeni.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Tennis TourTalk ?? ULilitha Ndungane
Isithombe: Tennis TourTalk ULilitha Ndungane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa