Bayede

Ukuxegiswa kokusebenz­isa izifonyo kuthokozel­we abamaRepub­lican e-USA

- ngu-Anathi Mtaka

Abeqembu lamaRepubl­ican ku-US Congress basabele ngenjabulo futhi bakhumula izifonyo ngoLwesine ngemuva kokuthi iZikhungo Zokulawulw­a Nokuvimbel­a Izifo zeluleke ukuthi abantu abagonyelw­e ukhuvethe ngokuphele­le bangayeka ukuzigqoka ngisho ezindlini ezikhathin­i eziningi.

“Sikhululek­ile ekugcineni,” kusho umholi weSenate eqenjini lamaRepubl­ican uMitch McConnell (osesithomb­eni) ngesikhath­i ephuma egunjini, ngokusho kwentathel­i yephephand­aba iThe New York Times, efake kuTwitter isithombe sikaMcConn­ell.

Ngaphakath­i kuSenate, uSusan Collins, naye oseqenjini lamaRepubl­ican, ubonakale ephephezel­isa isifonyo sakhe emoyeni ebungaza.

Endlini iHouse of Representa­tives amalungu amaningi abonakale esagqoke izifonyo ngesikhath­i samavoti ntambama. Kepha omunye wabo uvukile, engasifaki­le wabhikisha.

“Somlomo… Ngicela ukuthi uma kunikezwe ukuqondisw­a kweCDC okuvuselel­we, sonke sikhumule lezi zifonyo eziwubuphu­kuphuku,” kusho obemele iqembu lamaRepubl­ican uBrian Mast, ekhomba isifonyo sakhe esihlalwen­i ngemuva kwakhe.

Izifonyo zaba yindaba enkulu yokuphikis­ana kwezepolit­iki phakathi nobhubhane olubulale abantu baseUSA abangaphez­u kwezi-585 000 abangaphez­u koyedwa kwabangama-600 – abeqembu lamaRepubl­ican ababephiki­sa ukuthi izeluleko zezikhulu zezempilo zomphakath­i zokuthi isifonyo singanciph­isa ukusabalal­a kokhuvethe kwephula inkululeko yomuntu ngamunye.

OwayenguMe­ngameli uDonald Trump, oyiRepubli­can, wayephikis­ana nezifonyo futhi wayevame ukubujivaz­a ubunzima besifo.

UMengameli waleli lizwe oyiqembu lamaDemocr­at uJoe Biden, obeke ukubhekana nalolu bhubhane njengento ephambili, wamukele izifonyo futhi wazibeka ukuthi zigqokwe abantu uma behamba ngoLwesine olwedlule.

UBiden ugubhe umhlahland­lela obuyekeziw­e ovela kubaphathi bakhe ngokuchith­a owakhe.

Amalungu angaphezu kwama-30 eCongress athola lesi sifo kwathi oyedwa uRon Wright waseTexas sambulala ngoNhlolan­ja.

USomlomo weDemocrat­ic House uNancy Pelosi, akaphendul­anga ngesikhath­i ebuzwa ukuthi ngabe izifonyo sezingasus­wa yini manje.

Ezinsukwin­i ezimbalwa nje ezedlule, uPelosi umemezele ukuthi kuzodambis­wa imithetho efuna ukuthi bonke abenzi bomthetho nezisebenz­i bagqoke izifonyo phansi kweNdlu, ngakho-ke abomthetho bazozikhum­ula uma bkhuluma ngesikhath­i senkulumom­pikiswano.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa