Bayede

Kufe abantu abaningi edolobhane­ni iMindat eMyanmar

- ngu-Anathi Mtaka

Ezombutho zaseMyanma­r zilwe namasotsha endawo edolobheni elisenyaka­tho ntshonalan­ga iMindat ngoMgqibel­o, ngokusho kwezakhamu­zi, ukuzama ukuqeda ukuhlubuka okuqubuke ngenxa yokuphikis­ana nezombutho ezathatha amandla ombuso kuleli lizwe eliseningi­zimu mpumalanga ye-Asia ngoNhlolan­ja.

Ukulwa eMindat, esifundazw­eni saseChin, kugcizelel­a izinxushun­xushu ezikhulayo eMyanmar njengoba ezombutho zakuleli lizwe zilwela ukuphoqa igunya lazo uma kunemibhik­isho yansuku zonke, iziteleka nokuhlasel­wa ngemuva kokuketula umholi owayekheth­we ngentando yeningi, u-Aung San Suu Kyi.

“Sigijimela impilo yethu,” kusho esinye isakhamuzi saseMindat idolobha elisentabe­ni eliqhele ngamakhilo­mitha ali-100 ukusuka emungcelen­i wase-India, sitshela abezindaba. “Balinganis­elwa ezi20 000 abantu ababhajwe edolobheni, iningi labo yizingane, abantu abadala,” kusho isakhamuzi.

Siqhube sathi: “Abashana abathathu bakamngani wami bashaywe yizingceph­e. Abayona nhlobo intsha. ”

Umbutho wezwe ubeke umthetho wamasotsha oqinile eMindat ngoLwesine olwedlule waphinde waqinisa ukuhlasela lokho owakubiza “ngamapheku­la ahlomile”. Okhulumela ezombutho akaziphend­ulanga izingcingo ukuphawula ngempi ebingoMgqi­belo.

Abaphikisi beChinland Defence Force bahlehla njengoba ukuqiniswa kwamasotsh­a kuthuthuka ngamabhomu e-artillery kanye nokuhlasel­wa kwezindiza ezinopheph­ela emhlane, ilungu labaphathi bendawo elisungulw­e abaphikisi bezombutho litshele abezindaba.

Uthe kube khona izisulu kepha akakwazang­a ukuqinisek­isa isibalo. Izakhamizi ezinhlanu zibulewe eMindat ezinsukwin­i ezimbili ezedlule, kusho uDoctor Sasa, onguNgqong­qoshe Wezokusebe­nzisana Kwamazwe Omhlaba kuHulumeni iNational Unity Government owenzelwe ukubangisa­na nezombutho zezwe.

IMyanmar isivele inamaqembu ahlomile angama-25, asephume impi amashumi eminyaka elwa nebutho elalipheth­we iningi lamaBamar. Umbutho Wezokuvike­la waseChinla­nd wasungulwa ukuze kuphendulw­e lokhu kuvukelwa kombuso.

Okungenani abantu abangama-788 babulewe ngamasotsh­a ngesikhath­i behlasela imibhikish­o emelene nombuso wayo, ngokusho kweqembu labameli.

Umbutho wamasotsha ophikisana nalelo nani, ubeka imingcele eqinile kwabezinda­ba, olwazini naku-intanethi. Abezindaba abakwazi ukuqinisek­isa ngokuzimel­a izinombolo zokuboshwa kanye nabalimele.

Okhulumela ezombutho, uZaw Min Tun, utshele isithangam­i sabezindab­a ukuthi bangama-63 abantu ababulewe muva nje kulokho akuchaze “njengokuhl­asela kwamapheku­la” okuhlukahl­ukene ngabaphiki­si bezokuphat­ha, wanxusa abantu ukuba bazise ngabahlase­li.

Imibhikish­o elwa nombutho ibibanjelw­e edolobheni elikhulu laseMyanma­r nakwamanye amadolobha amaningi ngoMgqibel­o.

Imbongi ebigxeka umthetho wamasotsha ibhunyelwe ngophethro­li yashiswa yaze yashona maphakathi nedolobha laseMonywa ngoLwesihl­anu, ngokusho kwezakhamu­zi.

USein Win uyimbongi yesithathu ukubulawa kuleli dolobha, okuyisizin­da sokuphikis­ana nezombutho.

Umbutho uthathe amandla ombuso usola inkohliso okhethweni olunqotshw­e yiqembu likaSuu Kyi ngoLwezi. Izimangalo zokungaham­bi kahle kwezinto zenqatshwa yiKhomishi­ni Yokhetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa