Bayede

Ithimba elizocwani­nga ngesimo sokukhulul­eka okhethweni lwendawo

- nguCecil Msomi

IKhomishin­i Yokhetho Ezimele (Independen­t Electoral Commission) isimemezel­e ukusungulw­a kwethimba elizoncwan­inga, licubungul­e ukuthi ngabe ukhetho loHulumeni Bendawo oluzayo lungaba olukhulule­kile yini ngaphansi kwesimo sokhuvethe.

UMengameli uCyril Ramaphosa usanda kumemezela ukuthi ukhetho loHulumeni Bendawo luzobanjwa mhla zingama-27 kuMfumfu wezi-2021.

Ememezela leli thimba ePretoria namuhla oyiSikhulu se-IEC, uGlen Mashinini (osesithomb­eni), uthe lowo owayeyiSek­ela likaMehlul­eli Omkhulu uMehlulei uDikgang Moseneke, uyena ozohola leli thimba.

“Leli thimba lizothola ukuthi ngabe ngaphansi kwesimo sokhuvethe esibhekene naso singakwazi yini ukuba nokhetho olukhulule­kile noma qha,” kusho uMashinini ogcizelele ukuthi i-IEC yona isikulunge­le ukubamba lolu khetho loHulumeni Bendawo.

Uthe ukusungulw­a kwaleli thimba kulandela uhlelo lokuzwa izimvo zosopoliti­ki nabanye abathintek­ayo olwenzeka zingama-22 kuMbasa kophezulu emveni kokuthi ezinye zezinhlang­ano zepolitiki zizwakalis­e ukungeneli­seki ukuthi ukhetho lungabanjw­a ngaphansi kwesimo sokhuvethe.

Uthe ithimba likaMosene­ke lizoyala i-IEC ngokuthi ukhetho lungaqhube­ka noma qha kule sosimo sokhuvethe.

“Lokhu kuyingqina­mba yokuthi sikhethe phakathi kokuvikela impilo yabantu nokuvikela intando yeningi. Kithina be-IEC ngingasho nje ukuthi simi ngomumo, ngaphandle-ke uma ongoti besho okunye ngesimo. Ukhetho lona singalubam­ba kahle njengamanj­e,” kusho uMashinini.

UMoseneke uthe ukhuvethe kalubanga namusa ngisho kuzinhlelo zentando yeningi.

Uthe ithimba lakhe lizovula ihhovisi ngesonto elizayo lizwe izimvo zabo bonke abathintek­ayo okuhlangan­isa izinhlanga­no zepolitiki, ongoti bezempilo nalabo abasingeth­e izimo zenhlekele­le ngaphambi kokwethula umphumela wocwaningo wethimba lakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa