Limsuse engazi uSukazi lapho kade elele khona ibhunu
Ezomphakathi
Umndeni wakwaSukazi oPhongolo esigodini sakwaKhandova ukhala ngokungaphatheki kahle nokudicilelwa phansi kwenkolelo yawo njengoba ukholelwa kubantu asebalala.
Lokhu kulandela isigameko lapho kuthiwa ibhunu lepulazi lagugula ithuna lelungu elidala lalo mndeni uMnu u-Albert Sukazi. Isigameko esinjengalesi asiqali ukwenzeka KwaZulu-Natal njengoba sake sabikwa eKranskop ngoNcwaba wezi-2018 lapho uMnu uCarl Gathmann agubha amathuna ayisi-7 ayesepulazini lakhe maqede watshala ummbila.
Isigameko sakamuva esithinta umndeni wakwaSukazi senzeke mhla zingama-26 kuMfumfu nyakenye epulazini iSunland. Umzukulu kaSukazi okwagugulwa ithuna lakhe uMnu uNtokozo Sukazi, ekhuluma nelaboHlanga uthe batshelwa amalungu omphakathi ngalokhu base bephikelela khona ukuyozibonela. “Uma sihlangana nomlungu ophethe ipulazi ongasazisanga igama lakhe wathi amaliba akithi asesimweni esihle. Sasilokhu sifike ngehora lesi-6 ekuseni kwaze kwashaya ele-11 kusihlwa sihleli ngaphandle bengasivuleli. Uma sebesivulela safica kuvela amathambo kanye nezingubo umuntu asongwa ngazo ethuneni,” kusho uSukazi.
Uqhube wathi: “Sisola ukuthi basebeqeda ubufakazi njengoba kwanda ukuthi lapho kunamaliba emindeni bese aboHlanga bafune indawo yabo ngoba kukubo. Okuxakayo ukuthi sasingeke siyifune leya ndawo. Abasazisa bathi induna yatshela la mabhunu ukuthi ngamaliba akithi lawa akule ndawo, bayisa kwenye indawo, ngenkathi isahambile bawagugula amathuna.”
Uthe umkhulu wakhe bamngcwaba ngowe-1980 ngaleso sikhathi umnikazi wepulazi omhlophe wenza isivumelwano sokuthi kungcwatshwe kuphi nalapho kuzokwakhiwa khona.
“Emva kokuba sesitholile ukuthi sebegugulile udaba sibe sesilwedlulisela eNkosini uZeblo Gumbi, yona ibe isibhalela leli bhunu lepulazi incwadi,” usho kanje. Uthe: “Lokhu kusilimaze kakhulu singaboHlanga ngoba ngokwamasiko ethu siyakwazi ukuthi sikhulume nabadala uma sinezinkinga noma uma sibakhumbule.”
USukazi uthe ngenkathi behambisa incwadi yeNkosi umnikazi wepulazi wathatha izinombolo zabo zocingo bona bangazithatha ezakhe ngoba babenethemba lokuthi uzobathinta futhi babengabhekile isinxephezelo.
Uthe uma bethinta iphoyisa eliphenya lolu daba alibaniki isithombe ukuthi icala selikuphi.
“Iphoyisa eliphenya leli cala lathi ngeke likwazi ukusinikeza ulwazi, lokhu okusilimazayo. Sigcine sisola ukuthi iphoyisa selithengiwe,” usho kanje uSukazi. Uthe sebethole ukuthi kugqamuka umlilo kuleya ndawo selokhu kwenzeka lesi sigameko. “Bathi ngathi useyapoka, kukhehleka umlilo nesisola ukuthi indlela umkhulu akhombisa ngayo ulaka. Ziningi izisebenzi zakhona esezikubonile lokhu ezicele ukuthi singazivezi ngoba zizolahlekelwa imisebenzi.”
Uthe abazi ukuthi amanye amathambo kamkhulu wakhe akuphi, babebona ezinye zezitho nje zomzimba. Usole ukuthi kwambiwa ngenhloso ngoba ithuna lishona akakhulu uma beqhathanisa nokuthi kwakuwukugugula nje. “Iyasihlukumeza le nto njengabantu abakholelwa esikweni ngoba ngisho sihamba izangoma ziyakuveza inkinga asazi ukuthi sizokulungisa kanjani ngoba kwagugulwa kungcono ukube bathi asibasuse sibabeke lapho esesihlala khona,” kusho uSukazi.
INkosi uGumbi ivumile ukuthi iyalwazi lolu daba. Ibe isibeka umlando wakwaSukazi ukuthi babakhe kuleli pulazi labaxosha ibhunu, labe seliyalima.
“Ngesikhathi bengibikela ngabe sengibhala incwadi ngazisa leli bhunu ukuthi le nto eliyenzayo izolifaka enkingeni ngoba amathuna awumlando, aphinde abengamagugu abantu. Ilapho abantu beya khona beyokwenza amasiko abo. Ngaliyalela ukuthi aliwavuselele. Nabo njengabamhlophe amathuna abo abawabulali kepha baya kuwo nezimbali. Anjani-ke lawa abawabulalayo, batshale izihlahla zamakinati?” kubeka iNkosi uGumbi. Ithe isifisa abezepolitiki bangenelele yengeza ngokuthi ayazi noma abezomthetho bazokwazi yini ukungenelela. “Silwa impi noHulumeni emehlulayo ngoba uma umlungu ethi ipulazi elakhe futhi unetayitela lalo awazi uzongena kanjani. Nami ngike nganenkinga ngiyofuna obabamkhulu abasepulazini umlungu wasinqabela. Nalo unenkinga yokuthi bazofuna umhlaba wabo,” kusho iNkosi uGumbi.