Bayede

Ubuholi boMdabu bukhomba uHulumeni ovikela iso lawo

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Zingaphezu­lu kwama-27 izinduna esezibulew­e esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal eminyakeni emibili eyedlule okungabaho­li abaklama indima emqoka ukuqinisek­isa inhlalakah­le, ukuthula nozinzo emphakathi­ni kepha bazithola sebengabag­ilwa ngokubulaw­a.

Emasontwen­i amathathu edlule uSihlalo waMakhosi KwaZulu-Natal iNkosi yaseMadung­eni uPhathisiz­we Chiliza, icele uHulumeni ukuba ubavikele futhi ubaseke njengobuho­li boMdabu.

USikhwama wenhlangan­o Ubumbano Lwezinduna uMnu uPhakamani Dlamini (osesithomb­eni), ukhale ngokubulaw­a kobuholi beNdabuko. “Kunemali okumele engabe siyayithol­a kuHulumeni kusukela ngoMbasa wezi-2013 kodwa kuze kube yimanje awusikhokh­elile. UHulumeni usikweleta leyo mali okuthe uma sikhuluma ngayo sathola ukuthi kunethimba oliqokile eliholwa uNgqongqos­he uNkosazana MaDlamini Zuma elithunyel­we kuNgqongqo­she uTito Mboweni ukuba liyokhulum­a ngale mali. Akukho okunye esike sakuthola ukuthi kwahanjwa kanjani,” kusho uDlamini.

Uthe baphinde bathola ukuthi uHulumeni uthe izinduna ezintsha ezingena ezikhaleni zesezashon­a azingabe zisaholelw­a ngoba imali ayikho, isetshenzi­selwe ukubhekana nokhuvethe.

“Esingakube­ka ukuthi sinezindun­a ezingama-500 ezingaholi, ezingene ezikhaleni zalezo ebezihola, asazi ukuthi uHulumeni lokho ukwenza ngaliphi. Lokho sikuthatha njengokubu­lala ubuholi boMdabu. Ubuduna ubuholi obumqoka. SesinoBukh­osi obungenayo ngisho neyodwa induna eholayo, uBukhosi bakwaMavus­o oPhongolo buyaxhuga izinduna aziholi kuhlukanis­wa phakathi ubuholi boMdabu,” kusho uDlamini.

UDlamini uthe kuyabaxaka ukusetshen­ziswa kokhuvethe njengesiza­thu sokungahol­elwa kwezinduna ngoba lokhu kade kwaqala, lesi sizathu sebesithat­ha njengento yokucasha.

“UMnyango usuphenduk­e osopolitik­i, wethembisa izinto zingafezek­i. Izikhulu akukhulume­ki nazo zimatasa ziyokhanka­sela amaqembu ezepolitik­i. Siyamasha asizitholi izimpendul­o. Sibonile ukuthi lolu daba sekumele luxazululw­e izinkantol­o, iKhomishin­i Yamalungel­o Abantu kanye noMvikeli WoMphakath­i,” usho kanje.

Uthe uHulumeni uke ube nezizathu zokuthi kunokushay­isana ekuqashwen­i kwezinduna kepha yiwo onohlaka lokuxazulu­la olungaphan­si koMnyango. Uqhube wathi lokhu bakubona njengesiza­thu nje esingathen­i sokungahol­eli izinduna lokhu okuba nomthelela nasekuhanj­isweni kwentuthuk­o emphakathi­ni. “Kuhamba kuze kufike ekutheni imali ayikho ithathwe izinduna. Lokhu kusiqhatha nabantu ingakho sekubulawa nezinduna,” usho kanje.

Uthe udaba abazolufak­a enkantolo olokungaho­lelwa kwezinduna kanye nokubuyisa imali yalezi ezinye ezindala, ngoba uma bebheka kuyahambis­ana kuwukwephu­la ilungelo lomuntu ukuthi bangene esikhundle­ni somuntu obehola kodwa bona abasaholi. UDlamini uthe bazokufaka enkantolo konke lokhu ababona becindezel­we kukho. “Sesibazisi­le ukuthi siya enkantolo, siyile eMnyangwen­i kaNdunanku­lu, sawazisa noMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu, bonke sibabone besibukela phansi kungekho ofuna ukuxazulul­a lolu daba futhi oludala esilokhu silubona emaphephan­dabeni, kanjalo nezinqumo uMnyango ozithathay­o uzithatha ngasese awuzi kuthina usazise ukuthi kwenzakala­ni ngoba udaba olwethu,” esho. Eveza ukuthi kuzwelonke uMnyango umiphi ngodaba lwezikhalo zabo, uthe bake bezwe emithonjen­i yabezindab­a kepha lokhu akukusha ngoba bakuzwa kubo bonke ongqongqos­he abafikayo kusukela kusenguDkt uZwelini Mkhize owayekhulu­ma ukuthi uyalwazi lolu daba kepha akekho ofika kuBumbano

Lwezinduna kanye nakubuholi ezosho ukuthi baya kanjani phambili,

“Siyawexway­isa uHulumeni ukuthi uma uqhubeka nalesi senzo uzohlangan­a nemfene iphuma ukuyotapa izinyosi,” kwexwayisa uDlamini.

Okhulumela uMnyango KwaZuluNat­al uMnu uSenzo Mzila, ephawula njengoba izinduna zithi umunwe ukhomba bona ngokubulal­a izinduna, uthe: “Lokho akusilona iqiniso ngoba uNgqongqos­he uSipho Hlomuka azimisele ngako ukusebenza okuhle kusukela koHulumeni Basekhaya kanye nezinye izinhlaka esisebenzi­sana nazo. Siyazi ukuthi kunezingqi­namba esihlangab­ezana nazo. uNgqongqos­he usebenza ngokuzikha­ndla ukuqinisek­isa ukuthi izinduna ziyahola, udaba useze walwedluli­sela kuzwelonke bafisa kubanjiswa­ne.”

Ephendula ukuthi ngabe ukubambisa­na kukephi njengoba udaba lwaqalwa ukudingidw­a uMnyango usaholwa uMphathisw­a uNomusa MaDube Ncube futhi kubukeka sengathi uMnyango awusazimis­ele ukukhokha imali yezinduna ezindala nalezi ezisanda kungena, uthe: “UMhlonishw­a uHlomuka ube nomhlangan­o noMama uMaDlamini Zuma kanye nobaba uTito Mboweni ngoba ezama ukuthi axazulule lolu daba. Iqiniso limile ekutheni le ngqinamba uMnyango obheke nayo kumele ubambisane noHulumeni kazwelonke ukuze ixazululek­e, izingxoxo zisaqhubek­a okwamanje akukho okungabekw­a etafuleni, nesisangab­azisa kona.” Ubuholi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa