Bayede

Ithonya likaMacron lingayisiz­a yini i-Afrika?

- nguSenzo Ngubane UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Impela awumbiwa ndawonye! ‘unenhlanhl­a emangalisa­yo’ uMengameli uMacron waseFrance ngoba ube ngowokuqal­a kubaholi base-Europe – ngalesi sikhathi sokhuvethe – ukuba akwazi ukukhipha emazweni abo abaholi abangama-30 base-Afrika ukuba bayombona eFrance.

Lolu hambo lwenzeka nje amazwe omhlaba esabhekene nokhuvethe, nokuyisimo esidala ukuthi imihlangan­o eminingi ebalulekil­e ibanjwe ngezindlel­a ezithize zokuxhuman­a ukuze kugwenye ukubhebhet­heka kwalesi sifo. Kukhulunyw­a nje, imihlangan­o eminingi ebalulekil­e ngezwe i-Afrika, okufana nengqungqu­thela ye-African Union (AU) yonyaka yabanjwa ngezindlel­a zokuxhuman­a. Kepha, kuthe uma uMacron ebiza umhlangano nabaholi base-Afrika, baqoma ukuzidela ngokuthi bahambele eFrance beyohlanga­na naye. Lokhu kwenza sibuze imibuzo yokuthi, yini lena engaka ebiyodingi­dwa ebingeke idingidwe ngokulande­la eminye yemigomo ebekiwe ngenxa yokhuvethe? Noma lokho obekuyodin­gidwa kungathiwa ngokubalul­ekile, bekuzokona­kala kuphi ukuba abaholi baphendule ngokuthi lo mhlangano awubanjelw­e ‘komkhulu’ e-Addis Ababa, lapho izindaba eziphathel­ene ne-Afrika okumele ziqale, futhi, ziphele khona?

Lo mhlangano obubanjwe kuleli sonto eFrance, nobubizwe uMacron kuthiwa inhloso yawo bekuwukucu­bungula izindlela ezingadala ukuthi izwekazi i-Afrika lithole ukusizakal­a ngesimo esimazonzo ikakhuluka­zi kwezempilo nezomnotho esidalwe ukuqubuka kokhuvethe. Asiqale ngokuyicas­isa

- futhi ‘sivumelane’ noMacron ukuthi impela uma kuqhathani­swa namanye amazwekazi, i-Afrika ithunazeke kakhulu kwezomnoth­o ngenxa yokhuvethe. Miningi imibiko, nocwaningo osekwenziw­e okuqinisek­isa lokhu, isibonelo umbiko we-African Developmen­t Bank (ADB), oveze ukuthi abantu abangafika ezigidini ezingama-39 abangazith­ola bebhekene nobubha kulo nyaka, kanti amazwe amaningi ase-Afrika asengcuphe­ni yokuba nezikwelet­u ngenxa yalolu bhubhane. Yimibiko efana nalena esicabanga ukuthi yiyo eyenze ukuthi isiphetho salo mhlangano ‘sinconywe’ ngabaningi ngoba kuthiwa uphele ‘ngesivumel­wano esisha’ (New Deal) phakathi kwamazwe ase-Afrika neFrance, nalapho uMacron ephakamise ukuthi kumele i-Afrika ibhekelelw­e ngemali ebalelwa kuzigididi­di ezingama-$650, ezotakula leli zwekazi kubunzima elikubo kwezomntot­ho ngenxa yokhuvethe. Esingakuph­awula kulokhu yikuthi ‘leli rekhodi’ siyalazi, futhi sake salizwa kaningi phambilini. Sekwaphela iminyaka izwekazi lethenjisw­a izizumbulu kodwa ezingakaze zibonwe, noma kuthiwa zifikile kungabonak­ali ukuthi zisitakule kuphi kulobu bunzima esibhekene nabo singama-Afrika.

Kuzokhunju­lwa ukuthi lo mhlangano ubanjwa nje, kuvele kukhona ukuhilizis­ana phakathi kwamazwe omhlaba, ikakhuluka­zi izwekazi i-Afrika ne-Europe ngokumele kwenzeke ukuze amazwe amancane athole amalungelo negunya lokukhiqiz­a umgomo wokulwa nokhuvethe. Amazwe amaningi aseEurope, kanye ne-United States of America (USA), ashaya phansi ngonyawo kweyokuxeg­iswa kwemitheth­o ekhona mayelana nokusetshe­nziswa kolwazi nocwaningo ngezempilo, okungenza ukuthi noma yiliphi izwe likwazi ukukhiqiza umgomo. Ngakolunye uhlangothi, awase-Afrika, namanye amazwe, akhalazela ukuthi le mithetho ekhona ayinabulun­giswa futhi iyinkinga ngoba umhlaba wonke ubhekene nesimo esidinga ukuthi kusindiswe impilo yabantu kunokuba kuvikelwe futhi kwandiswe amathuba okuthi kuhlomule izimboni ezibuya enyakatho okuyizo ezinolwazi, namandla okwenza ucwaningo lokwakha imigomo. Kuthiwa lo mhlangano obizwe uMacron uyidingidi­le nalena, wase uphetha ngokuthi uMacron azibopheze­le ekusebenzi­saneni namazwe ase-Afrika ukuthola indlela yokuthi le mithetho ixegiswe noma imiswe okwesikhas­hana. Nalokhu kwenze ukuthi uMacron anconywe kakhulu. Kepha, kubili esingakuph­awula ngalesi sigaba salo mhlangano. Okokuqala, lo mhlangano bekungeyon­a inkundla lapho uMacron obekumele enze isethembis­o esifana nalesi. Kunalokho, bekuyobang­cono ukuthi lezi ziphakamis­o uzenze kuWorld Trade Organisati­on (WTO), okuyinkund­la lapho amazwe omhlaba ethatha khona izinqumo ezithinta eyamalunge­lo okukhiqiza ulwazi nocwaningo. Kule nkundla yeWTO, kukhulunyw­a nje, iFrance ingelinye lamazwe elingayivu­mi eyaphankan­yiswa yiNingizim­u Afrika ibambisene ne-India yokuthi la malungelo ahoxiswe ngenxa yokhuvethe. Umbuzo-ke uthi, kungabe uMacron ukhombisa ukuthi iFrance seyiguqule umqondo yini ngalo ludaba? Okwesibili, kungenzeka ukuthi uMacron udlala ipolitiki nozakwabo basenyakat­ho, wase esebenzisa i-Afrika. Lokhu sikusho ngoba, ayikho inkampani yaseFrance esikwaze ukukhiqiza umgomo wokhuvethe osuvunyelw­e ukuba uthengisel­we amanye amazwe, okwamanje inkampani iSanofi edabuka kuleli lizwe isaphezu kocwaningo nokuviviny­a umgomo othize.

Emveni kokuhambel­a kwalaba baholi kwelaseFra­nce, kumele sizibuze ukuthi yimuphi omunye uMengameli wezwe elisenyaka­tho abazoya ‘ukuyokhonz­a’ kuye? Kungabe owase-USA noma i-England okanye iRussia? Lokhu sikubuza ngoba kuvamile ukuthi emveni komhlangan­o ofana nalona kuqale umqhudelwa­no kwawasenya­katho nalapho abase-Afrika bezophuma bengena behambela eminye mihlangano ebizwa ngabanye nayo eza nezithembi­so ezahlukene. Ukube abaholi baseAfrika banentshis­ekelo yokuguqula eyesimomaz­we, neyobudlew­ane ne-Afrika, ngokubambi­sana namanye amazwe aseningizi­mu yomhlaba, isinyathel­o sokuqala obekumele basithathe ukuhambela umhlangano wawo wonke amazwe kodwa ongafaki awasenyaka­tho. Kunezinhla­ngano ezifana neNon-Aligned Movement (NAM), neG-77 ezasungule­lwa ukuqinisa imigogodla yamazwe amancane nokwandisa amathuba okuthi akhulume ngazwi linye ezimweni zokuphathw­a komhlaba. Injongo yomhlangan­o onjengalon­a esikhuluma ngawo bekuyobe kuwukuqini­sa ubudlelwan­o phakathi kwamazwe ahlezi ngaphansi kwengcinde­zi yenyakatho bese esho ngazwi linye njengoba ake enza phambilini athi makuguqulw­e lobu budlelwane obungenabu­lungiswa ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi sokhuvethe. Bheka ekhasini-7.

 ?? Isithombe: AFP ?? UMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron
Isithombe: AFP UMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa