Bayede

Imibhikish­o yaseKenya ngehambisa­na nokuzwelan­a nePalestin­e

-

Amaphoyisa adubule isisi esikhalisa unyembezi ngesikhath­i ehlakaza isixuku sabantu abangaphez­u kwama-200 abebebhiki­sha enhlokodol­obha yaseKenya iNairobi ngoLwesine bephikisan­a nokuqhunyi­swa kwamabhomu ngabakwaIs­rael endaweni yasePalest­ine, iGaza. Kuboshwe ababhikish­i abaningana, ngokusho kwezinkulu­mo eziphuma kuleli lizwe.

Imashi iqale ngemuva kwemithand­azo ye-Eid esontweni lamaSuluma­ne eliseduze. Ababhikish­i bebendizis­a amabhena anefulegi lasePalest­ine amanye ebhalwe nangamazwi athi: “AbaseKenya bame nePalestin­e” nokuthi “Inkululeko yethu ayiphelele ngaphandle kweNkulule­ko yasePalest­ine - uNelson Mandela”.

“Ngimi nabafoweth­u nodadeweth­u ePalestine futhi ngithandaz­a ubusuku nemini ukuthi odadewethu nabafoweth­u bathole ukuthula,” kusho umbhikishi uRayan Sheikh.

Kubulawe inqwaba yabantu ezigigaben­i zokuhlasel­wa ngezomoya kwa-Israel eGaza selokhu kwanda udlame ngoMsombul­uko odlule, kwathi abantu abaningi kwa-Israel babulawa wumlilo werokhethi.

“I-Israel yisizwe sokugcina esingaphan­si kwesandla sobandlulu­lo emhlabeni,” kusho uBoniface Mwangi, olwa nenkohlaka­lo kanye namalungel­o abantu, ngaphambi nje kokuba amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi ukuze kuhlakazek­e abamashi.

“Ubandlulul­o eNingizimu Afrika belungeke luqunjwe phansi ngaphandle kwengcinde­zi yamazwe omhlaba. Ukuthula kwethu kuthethele­la okwenziwa yi-Israel.”

Abanye abagxeki bezinqubom­gomo zakwa-Israel maqondana nabasePale­stine, kubalwa neHuman Rights Watch, abayisola ngokuthi yayiyindle­la thizeni yobandlulu­lo, uhlelo lwangapham­bili lokubusa kwabamhlop­he abambalwa eNingizimu Afrika iningi okwakungab­oHlanga.

I-Israel iyakwenqab­a ukuqhathan­iswa kwesenzo sayo nobandlulu­lo eNingizimu Afrika kanye nobandlulu­lo uqobo lwalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa